Ingabe Uyayazisa Inguqulo Yezwe Elisha?
1 Yeka indlela esavukwa amadlingozi ngayo lapho emihlanganweni emikhulu yamuva kukhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngezilimi ezine zakithi! Izilaleli zayamukela ngenhlokomo enkulu. Uyakhumbula ubona abamemezeli beklele ngenjabulo beyozitholela awabo amakhophi? Abanye baqala ukuyifunda khona lapho nezikhulumi zaziyisebenzisa endaweni yesikhulumi ngalona lolo suku. Kwakujabulisa ukubona abamemezeli namaphayona beyitholela abantu abafunda nabo iBhayibheli nemikhaya yabo.
2 Omunye umzalwane wathi: “Bese kuyisikhathi eside kakhulu silinde inguqulo enokwethenjelwa.” Omunye waqale wabonga uJehova, wayesebonga iNhlangano nabahumushi ngaso sonke isikhathi abasisebenzisa nomzamo abawenza kulomsebenzi.
3 Inzuzo Yayo: Igama elikhulu kunawo wonke endaweni yonke livela izikhathi ezingu-237 kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki kuphela. (Bheka Isithasiselo 1-2.) Nakuba abahumushi beLobukholwa nabamaJuda ngokuvamile beye balikhipha igama laphezulu emaBhayibhelini abo, oFakazi BakaJehova baye balinikeza indawo elifanele nenhlonipho. Ingabe lesi akusona isizathu esihle sokusebenzisa INguqulo Yezwe Elisha?
4 Yiqiniso, abaningi bethu kuye kwadingeka bajwayelane nokuhunyushwa kwamagama ngokwezwi nezwi okukuyi-Nguqulo Yezwe Elisha. Kodwa INqabayokulinda iye yasijwayelanisa namaningi alamagama kanye nokunemba kwawo. Nakuba kungenzeka ukuthi siwajwayele kakhulu amaBhayibheli ethu amadala, awanakho ukunemba nobulula obukuyi-Nguqulo Yezwe Elisha. Asikho isidingo sokukhathazeka ngamavesi ayimifakela noma izimfundiso zamanga ngobuNkulunkulu bukaJehova, isimo sabafileyo nezinye izinto. Omunye umdala wathi, “kulula kakhulu ukuyiqonda, futhi kungekudala sizobe sesiyazi ngekhanda imibhalo njengoba bekunjalo ngeBhayibheli elidala.” Ngakho ukucaca nokuba neqiniso kwalenguqulo okuyenza ivelele.
5 INguqulo Yezwe Elisha iyinsiza-kufundisa yeBhayibheli enhle kakhulu. Amakhasi angaphezu kwekhulu asetshenziselwe uhlu lwezincwadi zeBhayibheli, Izikhombo Zamagama AseBhayibhelini, isithasiselo, Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo kanye namabalazwe. Konke lokhu kungenza kube yinjabulo yangempela ukufunda iBhayibheli.
6 Isebenzise Kahle: Ingabe ekugcineni usunayo nawe INguqulo Yezwe Elisha ngolimi lwakho? Uma kunjalo, ingabe usuyifunde yonke? Kuthiwani ngamalungu omkhaya wakho kanye nabantu ofunda nabo iBhayibheli? Kungani ningayifundi ndawonye njengomkhaya noma nomngane? Ungajwayelana nayo ngalendlela futhi uyizwe egazini.
7 Qikelela ukuba uyiphathe emihlanganweni. Noma nini lapho unengxenye esimisweni, sebenzisa yona lapho ufunda imiBhalo YesiGreki. Ukuphatha iBhayibheli lesibili kungase kungabi lula, kodwa uyothola injabulo enkulu ngokusebenzisa lenguqulo enhle kakhulu.
8 Uma kuyintando kaJehova, sinethemba lokuthi sizokuba neBhayibheli eliphelele esikhathini esingekude kakhulu esizayo. Nokho, njengoba sisalilindile kudingeka sihambise isitokwe sethu esikhulu se-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ungasiza kanjani? Yisebenzise enkonzweni yasensimini lapho ufunda imiBhalo YesiGreki. Ngokuhlakanipha yisho kumninikhaya ukuthi ufunda enguqulweni okungenzeka ukuthi akayejwayele. Mbonise izinsiza-kufundisa zeBhayibheli eziningi ezitholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha bese umbuza ukuthi angathanda yini ukuzitholela eyakhe. Yethule kubantu ofunda nabo iBhayibheli ngoba ngokuqinisekile iyoba nesandla ekuthuthukeni kwabo ngokomoya.
9 Muva nje emhlanganweni, ummemezeli oneminyaka engu-9 wabonakala eshintshela kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha ngokukhulu ukuzimisela njalo lapho kufundwa imiBhalo YesiGreki. Yeka isibonelo esihle sokwazisa okuqotho! Kwangathi singabonisa ukwazisa okufanayo ngendlela esisebenzisa ngayo lesi sipho esivela kuBaba wethu onothando wasezulwini.—Jak. 1:17.