Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/96 k. 1
  • Obani Abayolalela Isigijimi Sethu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Obani Abayolalela Isigijimi Sethu?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qikelela Ukuba Uphindele
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Sinethuluzi Elisha Lokuqala Izifundo!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Qunga Isibindi Sokwenza Izimpindelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • ‘Ukuletha Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 12/96 k. 1

Obani Abayolalela Isigijimi Sethu?

1 Abantu banolwazi oluningi ngendlela okungakaze kwenzeke ngayo emlandweni wesintu, oluningi lwalo luyize futhi luyakhohlisa. Ngenxa yalokho, abaningi bazizwa bekhungathekile, futhi kuba yinselele kithi ukubenza balalele isigijimi soMbuso kaNkulunkulu. Abaqondi ukuthi ukulalela kwabo iZwi likaNkulunkulu kungaba nomphumela omuhle kangakanani kubo.—Luka 11:28.

2 Siyajabula ngokuthi ezingxenyeni eziningi zomhlaba, amashumi ezinkulungwane zabantu ayasilalela leso sigijimi futhi ayazamukela nezifundo zeBhayibheli zasekhaya. Nokho, kwamanye amasimu, ukusabela akukuhle kangako. Akubi nemiphumela emihle kubantu abaningi esibahambelayo enkonzweni, futhi singase sizibuze ukuthi obani abayolalela isigijimi sethu.

3 Kumelwe siqaphele ukuba singadikibali. UPawulu wachaza: “‘Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.’ Nokho, bayombiza kanjani lowo . . . abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo? . . . Njengoba nje kulotshiwe: ‘Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!’” (Roma 10:13-15) Uma sitshala imbewu yoMbuso ngenkuthalo, uNkulunkulu uyoyikhulisa kulabo abanhliziyo ziqotho.—1 Kor. 3:6.

4 Isihluthulelo Siwukuphindela Njalo: Emasimini okubonakala sengathi bambalwa abantu abalalela isigijimi sethu kuwo, kudingeka sigxile ekuthuthukiseni noma isiphi isithakazelo esisitholayo, kungakhathaliseki ukuthi sihambisa incwadi noma cha. Kungani ushesha ukuphetha ngokuthi akukho okuzofezwa? Lapho sitshala imbewu, asazi ukuthi iyiphi ezoqhuma. (UmSh. 11:6) Uma siphindela silungiselele ukuhlanganyela nomuntu okuthile okusemiBhalweni, ngisho noma kukuncane kangakanani, singase sikwazi ukufinyelela inhliziyo yakhe. Singamshiyela ipheshana noma omagazini bamuva. Kamuva, singase sikwazi ukumbonisa ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli. Siyomangala ukubona indlela uJehova abusisa ngayo imizamo yethu, kuphumele enjabulweni.—IHu. 126:5, 6.

5 Owesifazane owayengenasithakazelo washiyelwa ipheshana. Akazange atholakale ekhaya kwaze kwadlula izinyanga ezimbili, futhi ngaleso sikhathi wayematasa kakhulu ukuba angaxoxa. Waphinde washiyelwa ipheshana elifanayo. Naphezu kwemizamo ephikelelayo yommemezeli yokumthola kwakhe, kwathatha ezinye izinyanga ezintathu ukuba amthole, wamthola egula. Udade waphindela ngesonto elilandelayo, bathi ukuxoxaxoxa ngepheshana. Lapho udade ephindela ngesonto elilandelayo, lona wesifazane wabonisa isithakazelo esiqotho esigijimini soMbuso. Izimo ezashintsha ekuphileni kwakhe zamenza waqaphela isidingo sakhe esingokomoya. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli, futhi ngemva kwalokho wayefunda ngentshiseko masonto onke.

6 Njengazo zonke izinto esithanda ukuzibona zikhula, kungakhathaliseki ukuthi izimbali, imifino, noma isithakazelo esigijimini soMbuso, ukuhlakula kuyadingeka. Lokho kudinga isikhathi, ukuzikhandla, isimo sengqondo sokukhathalela, kanye nokuzimisela ukungayeki. Ngonyaka odlule, abantu abangaphezu kwengxenye yesithathu yesigidi imbewu yoMbuso eyase ikhulile kubo babhapathizwa! Uma siqhubeka sishumayela, siyoqiniseka ukuthi siyothola abengeziwe abayosilalela isigijimi sethu.—Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela