Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/02 kk. 5-8
  • Masakhe AmaHholo Ethu OMbuso Siwagcine Esesimweni Esihle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Masakhe AmaHholo Ethu OMbuso Siwagcine Esesimweni Esihle
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Izihlokwana
  • Ingabe Nidinga IHholo LoMbuso?
  • Kudingeka Izisebenzi Ezengeziwe zokuzithandela
  • Ukugcina Indawo Yethu Yokukhulekela Isesimweni Esifanele
  • Umsebenzi Ongaphambili
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 3/02 kk. 5-8

Masakhe AmaHholo Ethu OMbuso Siwagcine Esesimweni Esihle

1 Asive sijabula ukwazi ukuthi kunamaHholo OMbuso angu-600 aphakamisa ukukhulekela okuhlanzekile emiphakathini eseningizimu ye-Afrika. Lezi zakhiwo zinhle, ziyabukeka, ziyasebenziseka kanti azidle ngabukhazikhazi. Abafowethu babuthana ngenjabulo kulezi zindawo ezinhle zokukhulekela lapho isici esivelele siwukukhuthazana.—Heb. 10:24, 25.

2 Amahholo amasha angu-60 anikezelwa ngonyaka odlule ahlalisa abamemezeli abangu-3 539 kanye nabaningi abathakazelayo. Siyabatusa bonke labo ngandlela-thile abaye bawusekela ngenhliziyo yonke lo mzamo omuhle kangaka. Yize kunjalo, kunamabandla angaphezu kuka-300 anabamemezeli abangu-19 472 asadinga indawo efanele yokukhulekela. Ngakho ukuze kusheshiswe isimiso sethu sokwakha, kubekwé umgomo wokwakha amahholo amasha ayikhulu kulo nyaka wenkonzo. Lo mgomo ubonakala uzofinyeleleka uma sicabangela ukuthi kakade angu-84 aseqaliwe sikhuluma nje futhi kunamanye amabandla angu-104 asethole iziza. Njengoba iningi lamabandla asemadolobheni amakhulu ensimini yethu esenawo amaHholo OMbuso manje sigxile emadolobheni amancane nasemaphandleni.

3 Isikhathi ngasinye kwakhiwa iHholo LoMbuso endaweni kunikeza ubufakazi obuhle. Lapho kwakhiwa ihholo elakhiwa ngokushesha enhloko-dolobha yaseBotswana, laba undabamlonyeni kwabaningi. OFakazi abaphuma eGoli baya khona ngempelasonto beyosiza ngokuzithandela ngamakhono abo nangemishini. Iphephandaba i-Botswana Guardian lathi: “Makube Nehholo.” Umsakazi othile waphakamisa imibuzo eminingi yezomthetho ngalo msebenzi wokwakha, okwasivusa nakakhulu isithakazelo somphakathi. Kodwa iziphathimandla zase zivumile futhi abantu baseGaborone balandelela lo msebenzi ngelikhulu isasasa ezinsukwini ezintathu ezalandela. Ngemva kwempelasonto i-Midweek Sun yabika ukuthi ihholo oFakazi “ababethembise ukuthi lizobe liphelile futhi lisebenza, liphelile ngempela.”

Ingabe Nidinga IHholo LoMbuso?

4 Abadala bebandla kufanele bakhulume nombonisi wesifunda ngale ndaba. Umbonisi wesifunda angase athande ukubukeza amaphuzu ayishumi ekhasini 6 lesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1994, abese eveza uvo lwakhe ngokuphathelene nezidingo namandla ebandla. Uyobanika nekheli nenombolo yocingo kasihlalo wekomiti yesifunda. AmaKomiti Okwakha Esifunda angu-23 aneziqondiso ezicacile ezivela ehhovisi legatsha futhi okuhlangenwe nakho kwawo esewonke nesiqondiso sawo kusiza amabandla ukuba agweme izihibe lapho ethenga indawo futhi ehlela umsebenzi wokwakha. Lapho ibandla linquma ukwakha iHholo lalo LoMbuso kuyoba kuhle limise ikomiti yokwakha yebandla.

5 Ukuthola isiza seHholo LoMbuso esibhaliswe ngokusemthethweni kudinga ukunaka okuphuthumayo nokuphikelelayo, uma sifuna ukulondoloza umfutho wesivinini sokwakha amaHholo OMbuso. Qinisekani ukuthi nithola izincwadi ezifanele lapho ninikwa isiza. Kufanele sibhaliswe ngegama lebandla, ngokwesibonelo, Sebokeng Congregation of Jehovah’s Witnesses. Sizani nikhumbule ukuthi amabandla kufanele athintane neKomiti Yokwakha Yesifunda ngaphambi kokuba kuthengwe isiza. Lokhu kubalulekile ngoba isiza esisikhethayo singaba nomthelela omkhulu ezindlekweni zokwakha iHholo LoMbuso. (IzAga 15:22) Ikomiti yesifunda ingalisiza ibandla ukuba lenze izinqumo ezinengqondo ngokuqondene nomklamo wehholo. Sizani ningaqhubeki nokwakha ngomklamo eningabonisananga ngawo neKomiti Yokwakha Yesifunda. Lokhu kuyovimbela izakhiwo ezibiza kakhulu namaphutha amakhulu emklamweni. Ihhovisi legatsha lilungiselele incwajana enemiklamo eyamukelekayo abadala abangakhetha kuyo. Kufanele futhi ukuba ihhovisi legatsha ligunyaze ukwakhiwa kwefulethi uma ngempela sikhona isidingo salo.

6 Lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso, kufanele kuxoxwe nebandla noma amabandla ahilelekile ngesidingo sokusekela ngokwezimali. (Bheka i-Memorandum T-36, Information Regarding Ownership of Kingdom Halls ka-January 1, 2001.) Abadala kumelwe bahlole ebandleni ukuze babone ukuthi (1) ingakanani imali ezonikelwa zisuka nje ukuze isize ekuthengeni isiza nasezindlekweni zokwakha, nokuthi (2) ingakanani eyonikelwa inyanga ngayinye ukuze kukhokhwe noma iyiphi imali ebolekwe ehhovisi legatsha neyohlangabezana nezindleko zebandla zokulisebenzisa. Amanye amabandla asezinzile futhi asenawo kakade amaHholo OMbuso awo aye acela ukuba alekelele ibandla elisakhula emsebenzini walo wokwakha iHholo LoMbuso. Lokhu akwenza engacelwanga. Lawo mabandla aboleka imali encane ehhovisi legatsha ukuze axhase isakhiwo esizokwakhiwa. Yeka umoya omuhle lokhu okuwukhuthazayo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu.

7 Njengoba umsebenzi wokwakha iHholo LoMbuso uhlanganisa izindleko ezinkulu, iKomiti Yokwakha Yesifunda kanye nabadala bebandla kufanele baqiniseke ukuthi imali iyongiwa. Kufanele kugcinwe imibhalo enembile yezimali, futhi kwenziwe umbiko ocacile ebandleni nyanga zonke. Umbonisi owengamele kufanele aqiniseke ukuthi isikhwama sokwakha nazo zonke ezinye izimali eziphathelene naso ziyabalwa kane ngonyaka ngezinyanga ezifanayo nalezo okubalwa ngazo izimali ezivamile zebandla. Ibandla kumelwe linikeze imvume yalo egunyaza lo msebenzi ngemva kokuba selinikezwe imininingwane egcwele kanye nezindleko ezicatshangelwayo. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1984 ikhasi 2.) Amanye amabandla acela iKomiti Yokwakha Yesifunda ukuba iwasingathele izimali zawo ngokuqondile lapho ukwenza kanjalo kuyindlela engcono kunezinye. Lapho umsebenzi usuphelile, kufanele kube nombiko ocacile wayo yonke imali esetshenzisiwe. Kufanele ibalwe futhi umbiko ufakwe emafayeleni ebandla, kuthunyelwe ikhophi ye-Financial Summary ehhovisi legatsha.—Fil. 4:5.

8 Elinye ibandla elincane elisemaphandleni laqeda ihholo lalo naphezu kokuphikiswa ngokuqinile umfundisi ovelele. Ngemva kwemizamo eminingi yokuthola isiza indaba yagcina isisezithebeni zenkantolo, futhi imantshi yasivuma isicelo salo. Kwabe sekuba yinzukazikeyi yemali, ngakho abafowethu banquma ukudayisa izingulube. Imali yayifakwa kuyi-akhawunti yeHholo LoMbuso ebhange futhi ngale ndlela bakwazi ukuqala umsebenzi wokwakha. Lapho imali iphela omunye wabafowethu wadayisa inkabi yakhe nehhashi. Kamuva kwadayiswa izimvu eziyishumi, kwaphinda futhi kwaba yinkabi, ihhashi, nezinye izimvu ezinhlanu. Omunye udade wazinikela ukuthenga wonke upende wehholo, omunye wathi uzothenga ukhaphethe, kanti omunye wathi yena uzothenga amakhethini. Ekugcineni kwadayiswa enye futhi inkabi nezimvu ezinhlanu ukuze kuthengwe izihlalo. Umbonisi wesifunda ubika ukuthi abeve beziqhenya laba bafowethu ngehholo labo. Laphela ngoba uJehova ebusisa ukuzidela kwabo kokuphana.

Kudingeka Izisebenzi Ezengeziwe zokuzithandela

9 AmaKomiti Okwakha Esifunda abika ukuthi kusadingeka izisebenzi eziningi zokuzithandela. Lena yinkonzo edingekile ekusekeleni izithakazelo zoMbuso futhi ababonisi besifunda bayinakekela ngokukhethekile le ndaba. (1 Kor. 15:58) Uma ufisa ukuzinikelela ukusiza ekwakheni amaHholo OMbuso endaweni yakini, futhi ungumdala, inceku ekhonzayo noma ungumKristu oyisibonelo oyisisebenzi esinekhono, ungase ucele amafomu amabili (S-82) kunobhala wakini. Amafomu agcwalisiwe kufanele anikezwe abadala, abayobe sebebhala abakuphawulayo bawathumele eKomitini Yokwakha Yesifunda. Uma izimo zakho zikuvumela futhi ufaneleka ukuba yisisebenzi sokuzithandela, uyothola izibusiso ezinkulu njengoba ubona injabulo yabafowenu nodadewenu lapho umsebenzi wokwakha iHholo LoMbuso labo usuphelile.

Ukugcina Indawo Yethu Yokukhulekela Isesimweni Esifanele

10 Ngokungangabazeki uyawakhumbula la mazwi omphostoli uPawulu: “UNkulunkulu uwuNkulunkulu wokuthula, hhayi wesiyaluyalu,” nathi, “Zonke izinto mazenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.” (1 Kor. 14:33, 40) Ngenxa yalokho kufanele kuqikelelwe ukuba amaHholo OMbuso ethu ngaso sonke isikhathi abe ahloniphekile nanesithunzi. Abadala nezinceku ezikhonzayo kufanele bakushisekele ukubeka isibonelo sokubonisa inhlonipho ngeHholo LoMbuso. Ngokuvamile kuba nabadala ababili noma abathathu, noma izinceku ezikhonzayo, ababelwa ukuba baqondise izindaba eziphathelene nokunakekelwa kweHholo LoMbuso. Lapho kunamabandla angaphezu kwelilodwa asebenzisa ihholo elifanayo, kuba yikomiti yabadala emisiwe engamela lezi zindaba, kodwa wonke umuntu kufanele abonise isithakazelo esiqotho ngehholo. Bayaqaphela ukuthi iHholo LoMbuso linikezelwe kuJehova.

11 Abadala akufanele basindwe yizinyawo lapho kunesidingo sokulilungisa. (2 IziKr. 24:5, 13; 29:3; 34:8) Minyaka yonke iHholo LoMbuso ngalinye liyahlolwa ukuze izindawo ezidinga ukulungiswa zinakekelwe ngokushesha. Uma lilungiswa njalo futhi izindleko zikhokhwa, amabandla angase agweme isidingo sokulivuselela okubiza kakhulu, kanjalo agweme ukuboleka imali. Ngakho-ke ibandla kufanele likhuthazwe ngezikhathi ezithile ukuze kuqinisekwe ukuthi kunemali eyanele yokunakekela indawo yalo yokukhulekela. Ama-akhawunti amanzi nogesi kufanele akhokhwe ngaphandle kokulibala. Amanye amabandla aye adebesela ukukhokhela lezi zinto abe esesilela, okunikeza isithombe esibi ngabantu bakaJehova. Indikimba yabadala kudingeka futhi iqinisekise ukuthi iminikelo yabo yeLungiselelo Lokusiza AmaHholo OMbuso iyathunyelwa minyaka yonke. Kubalulekile ukuba wonke amabandla alixhase leli lungiselelo.

12 IHholo LoMbuso ngalinye kufanele libe nendawo yokubeka impahla, amathuluzi nezinto zokuhlanza egcinwa ihlanzekile futhi icocekile. Abasebenza ezincwadini nakomagazini kufanele baqinisekise ukuthi amabhokisi angasenalutho namapulasitiki abesonge omagazini akuhlakazekile yonke indawo ehholo. (Heb. 13:7) Ezigidini zoFakazi BakaJehova, ayikho indawo abayikhonzé ngaphezu kwendawo abakhulekela kuyo njalo, iHholo LoMbuso. Bayakwazisa ukuba neHholo LoMbuso futhi babonisa umoya wenkuthalo ekulinakekeleni. (Bheka isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-May 2000.)

Umsebenzi Ongaphambili

13 Yebo, sonke sinesizathu sokujabula njengoba sihlangabezana nezidingo zokuvuna. Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuba namadoda amisiwe aholayo kokubili ezindabeni ezingokomoya nasekwakheni izakhiwo ezidingekayo! Kufanele sibe nomoya wokubambisana—sisebenze ndawonye futhi siwusekele ngokugcwele lo msebenzi odingekile. (IHu. 133:1) UPawulu wanxusa abaseFilipi, ethi: “Yenzani injabulo yami igcwale ngokuba nomqondo ofanayo nothando olufanayo.”—Fil. 2:2.

14 ISikhwama SamaHholo OMbuso sehhovisi legatsha siyaqhubeka sisiza ekwenzeni kutholakale izimali ezibolekiswayo zamahholo amasha. Amabandla amaningi nabantu ngabanye bayithumela njalo iminikelo kulesi sikhwama futhi uthando lwenu nokuphana kwaziswa kakhulu. Futhi, amabandla amaningi akhokha izimali azibolekile ngendlela encomekayo, inyanga nenyanga, ngaleyo ndlela ebonisa ukubonga kwawo ngokuthola lolo sizo lomusa. Ngale ndlela ayasiqinisa lesi sikhwama esijikelezayo, esibuye sisize ekubolekeni amanye amabandla amaningi asadinga indawo yokukhulekela.

15 Kungakhathaliseki ukuthi sigcina ihholo lethu siqu lisesimweni esihle, sinikelela imali yamaHholo OMbuso amasha, noma sikhonza njengezisebenzi zokwakha zokuzithandela, sisuke simelela uhlangothi loMbuso futhi sisebenzela izithakazelo zawo ngobuqotho. Yeka ilungelo elihle esinalo lokusebenza nokuhlanganyela noJesu Kristu emsebenzini kaJehova!

[Isithombe ekhasini 5]

ElaseRathanda, eGauteng

[Izithombe ekhasini 6, 7]

ElaseMorija, eLesotho

ElaseOtjiwarongo (ngenhla ingaphakathi), eNamibia

ElaseGrange Westgate, KwaZulu-Natal

ElaseGaborone North (ngenhla ingaphandle), eBotswana

ElaseNtabamhlophe (ngezansi ingaphandle), eSwazini

ElaseNseleni, KwaZulu-Natal

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela