Zama Indlela Evumelana Nezimo
Ukuba nesithakazelo esiqotho kubantu kuyosishukumisela ukuba sizame ukubona izidingo zabo futhi sibabonise indlela uMbuso oyozixazulula ngayo izinkinga ababhekene nazo. (Fil. 2:4) Indlela evumelana nezimo abamemezeli abaningi abayithola iphumelela iwukucela umninikhaya ukuba akhulumele izithombe zePharadesi ezisezincwadini zethu, njengalezi ezisemakhasini asohlwini olungakwesokudla. Ungakwenza lokhu ngokusebenzisa enye yalezi zingeniso ezilandelayo:
◼ “Ucabanga ukuthi isintu siyoke sikujabulele yini ukuphila ngaphansi kwezimo eziboniswe lapha?”
◼ “Sonke singathanda ukuba izingane zethu zijabulele ukuphila ezweni elifana naleli eliboniswe lapha. Ucabanga ukuthi yini edingekayo ukuze lokhu kwenzeke?”
◼ “Lo mfanekiso ubonisa ukuthi umhlaba uyoba njani lapho intando kaNkulunkulu seyenziwa emhlabeni njengasezulwini. Ingabe kukhona okuphawulayo kulesi sithombe okuhlukile kwesikujwayele namuhla?”
◼ “Ungakujabulela yini ukuphila ngaphansi kwezimo ezivezwe lapha? [Lindela impendulo.] Ucabanga ukuthi lokhu kuzokwenzeka esikhathini sethu?”
Yilalele ngokucophelela impendulo yomuntu oxoxa naye, futhi ngomusa ubuze umbuzo owodwa noma emibili ukuze uthole umbono wakhe. Uma abanye bethi abakufuni ukuphila ngaphansi kwezimo eziboniswe lapha noma bethi abakholelwa ukuthi lezi zinto zizokwenzeka, ungasheshi uphethe ngokuthi abanasithakazelo. Ngendlela engacunuli babuze ukuthi kungani bezizwa ngaleyo ndlela. Impendulo yabo ingembula ukukhathazeka abanako ngezinkinga ezibonakala zingenakuxazululeka isintu esibhekene nazo.—Hez. 9:4.
Njengoba usuzazi izinto ezikhathaza umninikhaya, fanelanisa intshumayelo yakho nazo. Qokomisa isici sesigijimi soMbuso esikhuluma ngokuqondile ngezidingo zakhe. Hlanganyela naye umBhalo owodwa noma emibili ethinta indaba emkhathazayo. (Bheka ukusikisela okusohlwini olungakwesokudla.) Makazibonele lokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu. Uma ebonisa isithakazelo, mhambisele incwadi futhi uhlele ukubuyela. Qhubeka ukhulisa isithakazelo osithole ekuhambeleni kokuqala.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Amakhasi Anezithombe ZePharadesi
Incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu: amakhasi 251-4
Incwadi ethi Ulwazi: amakhasi 4-5, 188-9
Incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?: amakhasi 11, 13
Incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso: ikhasi 98
Incwadi ethi Khulekela UNkulunkulu: amakhasi 92-3
[Ibhokisi ekhasini 6]
Izinto Ezikhathaza Abantu Impi, ubuphekula
Indawo yokuhlala, izinkinga zomnotho
Inkohlakalo, ukungabi nabulungisa
Ubandlululo, ukungalingani
Ubugebengu, ubudlova
Ubumpofu, ukucindezelwa
Uhulumeni ongaphumeleli
Ukucekelwa phansi komhlaba
Ukucindezeleka
Ukufa, ukulila
Ukugula, ukukhubazeka
Ukuntuleka kokudla, ukungondleki
Ukuphathwa kabi kwezilwane
Ukuwohloka kwesimilo nokungabi nabuntu