Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Feb. 15
“Uma ubungakhetha umuntu ozobusa umhlaba, ubungakhetha bani? [Lindela impendulo.] Le Nqabayokulinda ikhuluma ngezimfanelo zikaMesiya, okhethwe uNkulunkulu ukuba abuse umhlaba. Ibuye ichaze ukuthi ukubusa kwakhe kuyosho ukuthini esintwini.” Funda u-Isaya 9:6, 7.
Phaphama! Feb.
“Kukhona onkulunkulu abaningi abakhulekelwa abantu namuhla. Kodwa phawula lokho uJesu akusho emthandazweni wakhe ngoYise wasezulwini. [Funda uJohane 17:3.] Uma emunye kuphela uNkulunkulu weqiniso, kuthiwani-ke ngabo bonke laba abanye onkulunkulu? [Lindela impendulo.] Lesi sihloko sinikeza umbono weBhayibheli.” Qokomisa isihloko esisekhasini 28-9.
INqabayokulinda Mar. 1
“Abantu abaningi bayavuma ukuthi kumelwe sithandane, njengoba uJesu ayala kulo mbhalo. [Funda uJohane 13:34, 35.] Nokho, singabatholaphi abantu abasebenzisa izimfundiso zikaJesu ekuphileni kwabo? [Lindela impendulo.] Lo magazini uchaza indlela esingawabona ngayo amaKristu eqiniso namuhla.”
Phaphama! Mar.
“Uthando lubalulekile ukuze sijabule futhi siphile kahle. Kodwa abantu abaningi bakuthola kunzima ukuthola uthando lweqiniso. Ucabanga ukuthi kungani kunjalo? [Lindela impendulo.] Esinye isihluthulelo sokuthola uthando lweqiniso siwukufunda ukubonisa uthando olungenabugovu kwabanye abantu. Lo magazini ukhuluma ngokuthi lokho kuhilelani.” Funda eyoku-1 Korinte 13:4-7.