Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/07 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Okufanele Ukusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ongase Ukusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 10/07 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda Oct. 15

“Abantu abaningi banomuzwa wokuthi ikusasa aliqinisekile, ngakho kungcono siphilele olwanamuhla kuphela. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] UJesu washo la mazwi athakazelisayo. [Funda uMathewu 6:34.] Lo magazini uchaza indlela esingalihlelela ngayo ikusasa kodwa ngesikhathi esifanayo sigweme ukukhathazeka ngalo ngokungadingekile.”

Phaphama! Oct.

“Sonke sake sashonelwa abantu esibathandayo. Ingabe ucabanga ukuthi basezulwini futhi bayasibona? [Lindela impendulo.] Phawula lokho uJesu akusho lapho kufa uLazaru. [Funda uJohane 11:11.] Lesi sihloko siyachaza ukuthi ingabe abafileyo bayaphila yini ndawana-thile noma balele balindele uvuko.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 28.

INqabayokulinda Nov. 1

“Ingabe ucabanga ukuthi umhlaba ubuyoba indawo engcono ukube abantu bebethobeke kakhudlwana? [Lindela impendulo.] Phawula lokho uJesu akusho ngale mfanelo. [Funda uMathewu 23:12.] Lesi sihloko sixoxa ngokubaluleka kokuhlakulela ukuthobeka, ngisho nakuleli zwe eligcwele ukuncintisana.”

Phaphama! Nov.

“Esikhathini esidlule, abantu babevame ukuya eBhayibhelini lapho befuna isiqondiso. Kodwa manje abaningi bathi bayalingabaza. Wena uzizwa kanjani? [Lindela impendulo bese ufunda eyesi-2 Thimothewu 3:16.] Le Phaphama! ekhethekile inikeza ubufakazi obushukumisayo bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela