Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-February 28, 2011. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza okuyimizuzu engu-20 okusekelwe ekwazisweni kwezabelo zesonto lango-January 3 kuya ku-February 28, 2011.
1. Imuphi umsebenzi owaqalwa uHezekiya lapho eqala ukubusa, futhi singamlingisa kanjani namuhla? (2 IziKr. 29:16-18) [w09 6/15 k. 9 isig. 13]
2. Eyesi-2 IziKronike 36:21 ikugcizelela kanjani ukugcwaliseka kwesiprofetho esikuJeremiya 25:8-11? [w06 11/15 k. 32 isig. 1-4]
3. U-Ezra 3:1-6 ubusekela kanjani ubufakazi obungokomBhalo bokuthi ukuba kweJerusalema incithakalo iminyaka engu-70 kwaphela ngesikhathi esifanele? [w06 1/15 k. 19 isig. 1]
4. Kungani u-Ezra ashaqeka lapho ethola ukuthi ama-Israyeli ayeganiselene nabantu bezizwe? (Ezra 9:1-3) [w06 1/15 k. 20 isig. 1]
5. Libhekisela kobani elithi “abakhulu,” futhi isiphi isimo sabo sengqondo okufanele sisigweme? (Neh. 3:5) [w06 2/1 k. 10 isig. 2; w86 2/15 k. 25]
6. UMbusi uNehemiya uyisibonelo esihle kubabonisi abangamaKristu ngayiphi indlela? (Neh. 5:14-19) [si k. 90 isig. 16]
7. Singakugwema kanjani ukudebeselela “indlu kaNkulunkulu wethu” njengama-Israyeli osuku lukaNehemiya? (Neh. 10:32-39) [w98 10/15 kk. 21-22 isig. 12]
8. Ukuzindla ngenkambo kaNehemiya kungasenza sizibuze miphi imibuzo? (Neh. 13:31) [w96 9/15 k. 16 isig. 3]
9. Ingabe u-Esteri walala neNkosi u-Ahashiveroshi? (Est. 2:14-17) [w91 1/1 k. 31 isig. 6]
10. Kungani uMoridekayi enqaba ukukhothamela uHamani? (Est. 3:2, 4) [it-2-E k. 431 isig. 7]