IZaziso
◼ Isipho sika-April no-May: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-July nango-August: Ungaba Umngane KaNkulunkulu! nethi Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade —Ingabe Usuyitholile? nanoma iyiphi enye incwajana eklanyelwe ukuhanjiswa ensimini ibandla elinayo esitokweni.
◼ Kusukela ngo-May, wonke amabandla kufanele asebenzise uMgqibelo wokuqala wenyanga ngayinye agxile ekuqaleni izifundo zeBhayibheli. Uchungechunge lwe-Nqabayokulinda olunesihloko esithi “Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu” luklanyelwe ukusiza abamemezeli ukuba benze lokhu. Ikhasi elingemuva le-Nkonzo Yethu YoMbuso ngayinye lizoba nezintshumayelo zenyanga elandelayo, kuhlanganise nokusikisela kokuqala isifundo seBhayibheli ngoMgqibelo wokuqala.
◼ Uma ufakaza kothile okhuluma isiShayina, mbonise amakhasi okutholakala kuwo isiShayina Esivamile (CH) nesiShayina Esenziwe Lula (CHS) encwajaneni ethi Nations, ukuze akhethe athanda ukusifunda. Ngokuvamile abantu abavela eHong Kong noma eTaiwan bakhetha izincwadi zesiShayina Esivamile (CH), kuyilapho abavela eChina bevame ukukhetha isiShayina Esenziwe Lula (CHS). Nokho, ngokuqondene nama-video noma izincwadi ezilalelwayo, cabangela ukuthi yiluphi ulimi lwendawo umninikhaya alukhulumayo naluzwa kangcono. Ngokuvamile, abantu abavela eChina naseTaiwan basebenzisa isiMandarin (CHM), kanti abavela eHong Kong bakhuluma isiCanton (CHC). Sicela uthumele imininingwane yomuntu othakazelayo ebandleni noma eqenjini eliseduze lesiShayina noma ehhovisi legatsha.
◼ Abadala bayakhunjuzwa ukuba babukeze ikhasi lokuqala encwadini ka-May 23, 2010 eyayiya kuzo zonke izindikimba zabadala, futhi benze umzamo okhethekile wokumema bonke abamemezeli abapholile ukuba babe khona eSikhumbuzweni ngo-April 17.
◼ Izingoma zoMbuso ezizosetshenziswa ngeSikhumbuzo yilezi, ingoma 8 nengoma 109. Ukuze sithuthukise isimiso salo mhlangano okhethekile, siyokwenza kahle ngokuzicula emakhaya kusengaphambili.