“Singakanani Isikhathi Okufanele Ngisibale?”
Ingabe wake wazibuza lowo mbuzo? Iziqondiso ezivamile ziyatholakala emakhasini 86-87 encwadi ethi Ukuhlelelwa. Iziqondiso ezengeziwe ziye zinikezwe ngezinye izikhathi, njengalezo eziseBhokisini Lemibuzo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 2008. Njengoba izimo zehluka, alukho uhlu lwemithetho esilunikeziwe. Ngakho-ke, ngeke kufaneleke ngabadala noma abanye ukuba benze iziqondiso ezengeziwe.
Uma kuba nombuzo othile futhi kungekho siqondiso esinyathelisiwe ngawo, ummemezeli ngamunye angazibuza: Ingabe leso sikhathi sachithwa enkonzweni? Noma ingabe sachithwa kwenziwa okunye okungeyona ngempela ingxenye yalo msebenzi? Esikubhala embikweni wethu wenkonzo yasensimini inyanga ngayinye kufanele kusinike injabulo kunokuba kukhathaze onembeza bethu. (IzE. 23:1) Yiqiniso, esikukhathalela ngokuyinhloko akukhona ukuthi, singasibala kanjani isikhathi kodwa ukusisebenzisa ngokunenzuzo isikhathi sethu ngokubonisa inkuthalo enkonzweni.—Heb. 6:11.