Amazwibela Enkonzo Yasensimini
Sithole omunye umbiko omuhle ovela eSwazini ngo-January wabamemezeli abangu-2 924 abahlanganyela ngokugcwele ensimini. Leli yinani eliphakeme lesibili izinyanga zilandelana labamemezeli eSwazini, futhi lingelesithathu onyakeni wenkonzo ka-2011. Abazalwane bakuleli zwe basebenza ngokuzikhandla enkonzweni yasensimini futhi babike izifundo zeBhayibheli ezingu-3 480. Kufanele banconywe nakakhulu nangokufaka umbiko wabo wenkonzo yasensimini ngesikhathi, okwenza igatsha likwazi ukuthumela umbiko onembile eNdikimbeni Ebusayo.