Imbewu Kufanele Iniselwe Ukuze Ikhule
1. Yini okufanele iniselwe ukuze ikhule?
1 Imbewu etshaliwe kufanele iniselwe ukuze ikhule. Kufanele kube njalo nangembewu yeqiniso etshalwe ezinhliziyweni zabantu abasensimini yethu. (1 Kor. 3:6) Kufanele siphindele siyonisela le mbewu engokomfanekiso sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu uma sifuna ibe nezimpande, ikhule futhi ithele.
2. Singasibeka kanjani isisekelo sengxoxo elandelayo?
2 Buza Umbuzo: Njengoba ulungiselela intshumayelo yakho, kungani ungalungiseleli nombuzo othakazelisayo ongawubuza ukuze uwuphendule ngesikhathi esizayo? Buza lowo mbuzo ekupheleni kwengxoxo yokuhambela kokuqala, bese wenza amalungiselelo aqinisekile okubuya. Abaningi bakuthola kuzuzisa ukukhetha okuthile kwethi Okufundiswa IBhayibheli okungabenza bakwazi ukubonisa indlela isifundo seBhayibheli esiqhutshwa ngayo.
3. Imiphi imininingwane ongayihlanganisa lapho ubhala ngesithakazelo ositholile?
3 Bhala Phansi: Ngokushesha nje ngemva kokuhambela kokuqala, zinike isikhathi sokubhala enixoxe ngakho. Bhala igama lalowo muntu nekheli. Kuhle nokubhala usuku nesikhathi enibe nengxoxo ngaso, enixoxe ngakho nencwadi omnike yona uma ikhona. Ingabe ukutshelile ukuthi usontaphi? Unawo umkhaya? Ukhulumile yini ngalokho akuthandayo nangokumkhathazayo? Ulwazi olunjalo luyokusiza engxoxweni yenu elandelayo. Bhala nokuthi nivumelane ngokuthi uzobuya nini kanye nombuzo oyowuphendula.
4. Kungani kufanele siphikelele ekulandeleleni isithakazelo?
4 Phikelela: USathane ngeke aphumule emizamweni yakhe ‘yokuthatha izwi’ elihlwanyelwe enhliziyweni yomuntu. (Marku 4:14, 15) Ngakho-ke, ungadikibali uma ulokhu ungamtholi ekhaya umuntu owabonisa isithakazelo. Ungambhalela yini incwadi noma ushiye okuthile emnyango? Elinye iphayona laqala isifundo nowesifazane limi emnyango, kodwa alizange lisamthola ekhaya ngemva kwalokho, ngakho lambhalela incwadi. Kwathi lapho udadewethu emthola ekhona ekhaya, lona wesifazane wamtshela ngendlela ázizwa ethinteke ngayo ngokubonisa kwakhe ukumkhathalela. Njengoba sinisela imbewu yeqiniso, siyoba nenjabulo ebangelwa ukubabona behluma, bekhulela ekuvuthweni futhi ‘bethela isithelo ngokuphindwe ngamashumi amathathu namashumi ayisithupha nangekhulu.’—Marku 4:20.