UMbiko Wenkonzo
“Abantu bakho bayozinikela ngokuzithandela ngosuku lwempi yakho.” (IHubo 110:3) Kuyakhuthaza kakhulu ukubona lo mBhalo ugcwaliseka ngenxa yokwanda kwamaphayona avamile. Umbiko wango-September 2011 ubonisa ukuthi eNamibia kube nenani elisha lamaphayona angu-174, naseNingizimu Afrika kube nenani elisha lamaphayona avamile angu-8 667. Kwangathi uJehova angaqhubeka ebabusisa bonke laba bafowethu nodadewethu abanomoya wokuzidela.