IZaziso
◼ Isipho ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-April: Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile? nethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu nanoma iyiphi enye incwajana ibandla elinayo esitokweni. Ngo-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ ISikhumbuzo siyoba ngoLwesine ngo-April 5, 2012. Uma ibandla lenu livame ukuba nemihlangano ngoLwesine, kufanele ihlehliselwe kolunye usuku phakathi nesonto uma bengekho abasebenzisa iHholo LoMbuso. Uma kungenakwenzeka futhi uMhlangano Wenkonzo uphazamiseka, izingxenye ezisebenza ngokukhethekile ebandleni lenu zingase zifakwe komunye uMhlangano Wenkonzo.
◼ Ama-video athi Young People Ask, How Can I Make Real Friends? nethi What Will I Do With My Life?, azocatshangelwa eMihlanganweni Yenkonzo elandelayo. Uma kudingeka, kufanele acelwe ngebandla ngokushesha ngangokunokwenzeka.
◼ Siyajabula ukunazisa ukuthi kunamanye amaHholo OMbuso angu-8 anikezelwe kuJehova. EBotswana: IRamotswa Central. E-Eastern Cape: IPhakamisa. EGauteng: IKlipfontein, i-Olievenhoutbosch Central, iTembisa West neWattville. ELimpopo: IBela Bela Central. EMpumalanga: I-Oshoek. Ekupheleni konyaka wenkonzo ka-2011 ensimini yethu kunikezelwe iHholo LoMbuso elenza amahholo asakhiwe abe yinkulungwane. Abamemezeli abangaphezu kuka-83 000 kuhlanganise nabaningi abathakazelayo bahlanganyela emaHholo OMbuso. Simbonga kakhulu uJehova nezisebenzi zokuzithandela ezibe nesandla kulolu hlelo olukhulu lokwakha oseluneminyaka. Kusadingeka amaHholo OMbuso amaningi, ngakho sikhuthaza zonke izisebenzi zokuzithandela ukuba ziqhubeke kule ngxenye yenkonzo engcwele. Siyazisa kakhulu neminikelo yanyanga zonke evela emabandleni ukuze asekele iSikhwama SamaHholo OMbuso.