IMihlangano Yethu Yesigodi—Iwubufakazi Obunamandla Beqiniso
1. Imikhosi eyayiba ngezikhathi ezihlukahlukene yayinika ama-Israyeli ithuba lokuzindla nokuxoxa ngamaphi amaqiniso abalulekile angokomoya?
1 U-Israyeli wasendulo wayehlangana kathathu njalo ngonyaka emikhosini ehlukahlukene. Nakuba kwakungabesilisa kuphela okwakudingeka ukuba babe khona, ngokuvamile wonke umndeni wawuya eJerusalema ukuze ujabulele le mihlangano ejabulisayo. (Dut. 16:15, 16) Izenzakalo ezinjalo zazibanika ithuba lokuzindla nokuxoxa ngamaqiniso abalulekile angokomoya. Yimaphi amanye ala maqiniso? Elinye liwukuthi uJehova unguMondli ophanayo nonothando. (Dut. 15:4, 5) Elinye liwukuthi singamethemba ukuba asiqondise futhi asivikele. (Dut. 32:9, 10) Ama-Israyeli ayethola nethuba lokucabanga ngokuthi njengoba ayengabantu ababizwa ngegama likaJehova, kufanele akubonise ngendlela efanele ukulunga kwakhe. (Dut. 7:6, 11) Namuhla umhlangano wethu wesigodi waminyaka yonke usizuzisa ngendlela efanayo.
2. Isimiso somhlangano wesigodi siyolikhanyisa kanjani iqiniso?
2 Isimiso Sikhanyisa Iqiniso: Emihlanganweni yethu yesigodi, sijabulela izinkulumo, amadrama, imiboniso nezingxoxo ezikhanyisa amaqiniso eBhayibheli abalulekile. (Joh. 17:17) Kakade sekwenziwe umsebenzi omkhulu kulungiselelwa umhlangano wesigodi ozayo. Inhlangano kaJehova isilungiselela isimiso esiklanyelwe ngokukhethekile ukusisiza sibhekane nezidingo ezikhona ensimini emhlabeni wonke. (Math. 24:45-47) Ingabe umagange ukubona nokuzwa lokho okuyokwethulwa?
3. Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze ngokugcwele esimisweni?
3 Kuyiqiniso ukuthi siyozuza kakhulu uma siba khona futhi silalelisisa phakathi nazo zonke izinsuku ezintathu. Khuluma nomqashi wakho uma ungakenzi kanjalo ucele isikhathi sokuba khona kulo mhlangano. Hlela ukuba uthole isikhathi sokuphumula esanele ubusuku ngabunye ukuze uphaphame phakathi nesimiso. Abaningi bakuthola kunzima ukugcina amehlo abo egxile esikhulumini, ngakho ukubhala kafushane amaphuzu kuyabasiza ukuba balalelisise. Ungavumeli umakhalekhukhwini, i-pager noma abanye kukuphazamise. Gwema ukukhuluma, ukuthumela imiyalezo ngomakhalekhukhwini, ukudla noma ukuphuza phakathi nesimiso.
4. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuze zizuze emhlanganweni wesigodi?
4 Ngeminyaka yeSabatha, lapho imindeni yama-Israyeli ihlangana ukuze ilalele njengoba kufundwa uMthetho phakathi noMkhosi Wamadokodo, zaziba khona nezingane ‘ezincane ukuze zilalele futhi zifunde.’ (Dut. 31:12) Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukubona imindeni ihleli ndawonye phakathi nomhlangano nezingane ezincane zihleli zingalele zilalele! Ngemva kobusuku ngabunye, kungani ningahloli amaphuzu eniwabhalile futhi eniwajabulele ngokukhethekile phakathi nesimiso bese nixoxa ngawo? “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana,” ngakho abazali kufanele bagade izingane zabo, kuhlanganise nalezo esezikhulile phakathi nekhefu lasemini nasendaweni yokulala, kunokuba ‘baziyeke’ zibe uvanzi.—IzAga 22:15; 29:15.
5. Ukuziphatha kahle kwethu lapho sisehhotela kuyolihlobisa kanjani iqiniso?
5 Ukuziphatha Kwethu Okuhle Kuhlobisa Iqiniso: Ukuziphatha kwethu okuhle lapho sisedolobheni lomhlangano kuhlobisa iqiniso. (Thithu 2:10) Izisebenzi zasehhotela ziyaphawula lapho iqembu lilandela imithetho yehhotela futhi libonisa isineke nomusa lapho lisebenzelana nazo. (Kol. 4:6) Ngonyaka odlule lapho abameleli begatsha benezingxoxo nabaphathi behhotela elithile, umqondisi walo wathi kubo: “Siyathanda ukuba nabantu benu kuleli hhotela lethu ngenxa yokuthi bangabantu abanomusa. Bayahlonipha futhi banomusa, baziphatha kahle njalo izisebenzi zethu kuhlanganise nempahla yehhotela.”
6. Singalihlobisa kanjani iqiniso ngendlela esigqoka ngayo lapho sisedolobheni lomhlangano?
6 Lapho sifaka amabheji ethu omhlangano wesigodi, lokhu akukhangisi nje umhlangano futhi kwenze ezinye izihambeli zomhlangano zisibone kodwa kunikeza nobufakazi kwababukele. Abantu basedolobheni lomhlangano bayaphawula ukuthi labo abafake amabheji omhlangano bagqoke kahle nangesizotha, hhayi ngobudlabha nangezitayela zezwe ezivusa inkanuko. (1 Thim. 2:9, 10) Ngakho, kufanele siyinake indlela esigqoka futhi sizilungise ngayo uma sisedolobheni lomhlangano, kuhlanganise nalapho sifika ehhotela. Ukufika sigqoke izikhindi nezikibha akunaso isithunzi. Ngisho noma umhlangano usenkundleni evulekile, kufanele sigqoke izimpahla ezinesizotha. Uma sikhetha ukushintsha izimpahla ngemva kwesimiso bese siya endaweni yokudla, kufanele sikhumbule ukuthi siseyizihambeli zomhlangano futhi akufanele sigqoke ngendlela ebonisa ukunganaki ngokweqile.
7. Iyiphi enye indlela yokujabulela ubunye bobuKristu phakathi nomhlangano?
7 Ngezikhathi zemikhosi, ama-Israyeli ayejabulela ubudlelwano obakhayo nabanye abakhulekeli abavela kwezinye izingxenye zezwe, futhi lokhu kwakuthuthukisa ubunye. (IzE. 2:1, 5) Phakathi nemihlangano yesigodi ubuzalwane bethu bobuKristu obuyingqayizivele bubonakala kahle. Ngokuvamile ababukele bahlatshwa umxhwele yilesi sici sepharadesi lethu elingokomoya. (IHu. 133:1) Kunokuba sishiye inkundla yomhlangano ukuze siyothenga ukudla phakathi nekhefu, yeka ukuthi kungcono kanjani ukuphatha umphako omncane nje futhi siwasebenzise ngokugcwele amathuba okwazana nokuxoxa nabanye abazalwane nodade esihleli eduze kwabo!
8. Ziyini izizathu zokuvolontiya uma izimo zethu zisivumela?
8 Ngokuvamile ababukele bahlatshwa umxhwele yindlela ehleleke ngayo imihlangano yethu, ikakhulukazi uma bethola ukuthi wonke umsebenzi wenziwa yizisebenzi zokuzithandela. Ingabe ungakwazi ‘ukuzinikela ngokuzithandela’ ukuze usebenze emhlanganweni? (IHu. 110:3) Ngokuvamile wonke umndeni uyavolontiya ukuze uqeqeshe izingane zawo ukuba zizinikele emsebenzini. Uma unamahloni, ukusebenza emhlanganweni kuyindlela enhle yokwazana nezihambeli zomhlangano. Omunye udade waphawula: “Babembalwa kakhulu abantu engangibazi emhlanganweni ngaphandle nje komndeni wami nabangane abambalwa. Kodwa ngesikhathi ngisiza ekuhlanzeni inkundla, ngahlangana nabafowethu nodadewethu abaningi. Kwakumnandi ngempela!” Ukwanuleka ngokusiza emhlanganweni kuyosinika injabulo enkulu. (2 Kor. 6:12, 13) Uma ungakaze ube yisisebenzi sokuzithandela, buza abadala ukuthi ungakufanelekela kanjani ukusiza.
9. Siyobamema kanjani abanye ukuba babe khona emhlanganweni?
9 Mema Abanye Ukuba Bezwe Iqiniso: Njengaseminyakeni edlule, sizohlanganyela emkhankasweni wokumema abanye ukuba babe khona kusasele amasonto amathathu ngaphambi komhlangano. Amabandla ayozama ukuhlanganisa insimu yawo ngangokunokwenzeka ngokusakaza izimemo. (Bheka ibhokisi elithi “Siyosihambisa Kanjani Isimemo?”) Noma yiziphi izimemo ezisele kufanele ziphathwe emhlanganweni. Ziyosetshenziswa abayobe bekhona emhlanganweni ukuze bafakaze ngokwethukela kulo lonke idolobha lomhlangano.
10. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi imikhankaso yaminyaka yonke yokuhambisa izimemo ithela izithelo.
10 Ingabe abantu bayasabela kulo mkhankaso waminyaka yonke? Komunye umhlangano, umlindi wasiza umbhangqwana oshadile ukuba uthole indawo yokuhlala. Wamtshela ukuthi wathola isimemo futhi “wabona ukuthi siyathakazelisa.” Wahamba ibanga elingamakhilomitha angu-320 ukuze ube khona emhlanganweni! Kwenye indawo, udade owayesendlini ngendlu wathola indoda eyabonakala inelukuluku lokwazi ngomhlangano wayinikeza isimemo. Ngakho wazinika isikhathi sokuxoxa nayo ngaso. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa esemhlanganweni, lo dade wabona leyo ndoda inomunye wabangane bayo emhlanganweni, futhi ngamunye wayephethe incwadi eyayisanda kukhululwa.
11. Kungani kubalulekile ukuba khona emihlanganweni yesigodi yaminyaka yonke?
11 Imikhosi eyayiba khona ngezikhathi ezihlukahlukene yayiyilungiselelo lothando elivela kuJehova lokusiza ama-Israyeli ukuba ‘amkhonze ngokungabi naphutha nangeqiniso.’ (Josh. 24:14) Ngokufanayo, ukuba khona kwethu emihlanganweni yesigodi yaminyaka yonke kusisiza ukuba ‘siqhubeke sihamba eqinisweni’ futhi kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu. (3 Joh. 3) Kwangathi uJehova angayibusisa imizamo yabo bonke abathandi beqiniso ukuba babe khona futhi bazuze ngokugcwele!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
Ukuziphatha kwethu okuhle lapho sisedolobheni lomhlangano kuhlobisa iqiniso
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Siyohlanganyela emkhankasweni wokumema abanye ukuba babe khona kusasele amasonto amathathu ngaphambi komhlangano
[Ibhokisi emakhasini 3-5]
Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi Ka-2012
◼ Izikhathi Zesimiso: Isimiso siyoqala ngo-9:00 ekuseni zontathu izinsuku. Amasango ayovulwa ngo-7:00 ekuseni. Lapho kuqala umculo owandulela isimiso, kufanele sonke sihlale phansi ukuze isimiso siqale ngendlela ehloniphekile. Isimiso siyophela ngo-4:35 ntambama ngoLwesihlanu nangoMgqibelo kanti ngeSonto siyophela ngo-3:20 ntambama.
◼ Indawo Yokupaka: Kuzo zonke izindawo zomhlangano esinelungelo lokupaka kuzo, indawo yokupaka iyotholakala mahhala kunoma ubani ofike kuqala. Ngenxa yokuthi ngokuvamile indawo yokupaka ilinganiselwe, kufanele sizame ukugcwalisa izimoto.
◼ Izindawo Zokulala: Amafomu e-Sicelo Sendawo Yokulala Sezidingo Ezikhethekile (CO-5) ayatholakala uma kunabamemezeli abawadingayo ukuze bafake isicelo sendawo yokulala. IKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele icabangele izimfanelo zommemezeli, isebenzisa iziqondiso ezisefomini nasencwadini yomhla ka-December 14, 2010, eyabhalelwa zonke izindikimba zabadala. Leli lungiselelo elabamemezeli abanokuma okuhle ebandleni kuphela, kanye nezingane zabo eziziphatha kahle.
◼ Ukugcina Izihlalo: Izihlalo zingagcinelwa labo ohamba nabo ngemoto noma ohlala nabo ekhaya kuphela, kanye nalabo ofunda nabo iBhayibheli njengamanje.—1 Kor. 13:5.
◼ Ukudla Kwasemini: Sicela niziphathele ukudla kwasemini kunokuba niphume ngesikhathi sekhefu niyokuthenga ngaphandle kwendawo yomhlangano. Ningawaphatha ama-cooler bag amancane angangena ngaphansi kwezihlalo. Ama-cooler bag amakhulu anjengawamapikiniki kufanele agcinwe ngokuvumelana neziqondiso zabalindi. Izitsha ezifayo nophuzo oludakayo akuvunyelwe endaweni yomhlangano.
◼ Iminikelo: Singabonisa ukwazisa ngamalungiselelo omhlangano ngokunikela ngokuzithandela emsebenzini womhlaba wonke emhlanganweni. Noma yimaphi amasheke kufanele abhalwe ukuthi “Christian Congregation of Jehovah’s Witnesses of South Africa.” Kwezinye izindawo zemihlangano kuyoba nanemishini onganikela kuyo usebenzisa ikhadi lasebhange noma lokuthenga ngesikweletu.
◼ Izingozi Nezimo Eziphuthumayo: Uma kuphakama isimo sempilo esiphuthumayo endaweni yomhlangano, sizani nithinte umlindi oseduze oyokwazisa uMnyango Wosizo Lokuqala ngokushesha ukuze izisebenzi eziqeqeshiwe zosizo lokuqala zikwazi ukuhlola isimo bese zinikeza usizo.
◼ Imithi: Uma kunemithi oyidlayo, qiniseka ukuthi uphatha eyanele, ngoba ngeke itholakale emhlanganweni. Imijovo nezinaliti zalabo abaphethwe ushukela kufanele kulahlwe endaweni efanele yezinto eziyingozi hhayi emigqonyeni esenkundleni yomhlangano noma emahhotela.
◼ Izicathulo: Unyaka ngamunye abantu abaningi bayalimala ngenxa yezicathulo. Kuhle ukukhetha izicathulo ezifanelekayo nezikulingana kahle oyokwazi ukuhamba ngazo ngokuphephile ezitebhisini, ezinsimbini ezinezikhala nakwezinye izindawo.
◼ Izinqola Zabantwana: Izinqola zabantwana akufanele zingeniswe endaweni yomhlangano. Nokho, izihlalo zabantwana zokuphepha ezilingana esihlalweni futhi ezingase ziboshelwe eceleni kwabazali zamukelekile.
◼ Amakha: Imihlangano eminingi yesigodi iqhutshelwa ezindaweni ezivalekile ezinemishini yeziphephetha-moya. Ngakho-ke, siyobe sibonisa umusa uma silinganisela ekusebenziseni amakha anamandla angase abaphathe kabi labo abanezinkinga zokuphefumula noma ezihlobene nakho.—1 Kor. 10:24.
◼ Amafomu Okulandelela (S-43): Ifomu elithi Siza Ulandelele, kufanele lisetshenziselwe ukubhala imininingwane nganoma ubani obonisa isithakazelo lapho sishumayela ngokwethukela phakathi nomhlangano. Abamemezeli kufanele baphathe ifomu elilodwa noma amabili emhlanganweni. Amafomu agcwalisiwe ningawayisa eNdaweni Yezincwadi noma niwanikeze unobhala webandla lakini lapho senibuyele emakhaya.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-May 2011, k. 3.
◼ Izitolo Zokudlela: Dumisa igama likaJehova ngokuziphatha okuhle ezitolo zokudlela. Kuyinkambiso ukukhipha ithiphu engamaphesenti ayishumi kuya kwangu-15.
◼ Inkonzo Yokuzithandela: Bonke abafisa ukusiza kufanele baye eMnyango Wenkonzo Yokuzithandela emhlanganweni. Izingane ezineminyaka engaphansi kuka-16 nazo zingasebenza nabazali noma abanye abantu abadala abagunyazwe abazali.
◼ IziNgoma: Amabandla angase athande ukuprakthiza lezi zingoma zomhlangano wesigodi kusenesikhathi. Izingoma zangoLwesihlanu: 52, 57, 113, 106, 116 no-98. Izingoma zangoMgqibelo: 96, 68, 58, 67, 95 no-89. Izingoma zangeSonto: 110, 61, 134, 73, 36 no-49.
[Ibhokisi ekhasini 4]
Siyosihambisa Kanjani Isimemo?
Ukuze siyihlanganise yonke insimu yethu, kungase kudingeke sifushanise izintshumayelo zethu. Singase sithi: “Sawubona. Sisemkhankasweni womhlaba wonke wokuhambisa lesi simemo. Nasi esakho. Uzothola imininingwane eyengeziwe kuso.” Yiba nomdlandla. Lapho uhlanganyela ekusakazweni kwesimemo ngezimpelasonto, kufanele uhambise nomagazini uma kufaneleka.