Jehovah’s Witnesses—Faith in Action, Part 2: Let the Light Shine
Ngemva kokuba uMfoweth’ uRutherford nabangane bakhe sebekhululiwe ejele ngo-1919, kwakunomsebenzi omkhulu owawulinde abaFundi BeBhayibheli. Njengoba kubonisiwe kuyi-video ethi Jehovah’s Witnesses—Faith in Action, Part 2: Let the Light Shine, abaFundi BeBhayibheli babezoba nabaphikisi abaningi, ukuqonda kwabo imiBhalo kwakuzoqhubeka kukhula, futhi ukholo lwabo lwaluzothuthuka. (IzAga 4:18; Mal. 3:1-3; Joh. 15:20) Ngemva kokubuka le video, ungakwazi yini ukuphendula le mibuzo?
(1) Yiziphi izindlela zokusakaza izindaba ezinhle ezasetshenziswa abaFundi BeBhayibheli? (2) Kwenzekani emihlanganweni eyingqophamlando ngo-1931 nango-1935? (3) Yini eyayiphawuleka nge-Nqabayokulinda ka-November 1, 1939? (4) Chaza okwenzeka eMadison Squere Garden phakathi nenkulumo kaMfoweth’ uRutherfod ethi “Uhulumeni Kanye Nokuthula.” (5) Yini eyayiphawuleka enkulumweni kaMfoweth’ uKnorr ethi “Ukuthula—Ingabe Kungahlala Njalo?” (6) Ngo-1942, yiziphi izinhlelo ezenziwa oFakazi BakaJehova zokwandisa umsebenzi wabo wokushumayela? (7) Chaza ezinye zezimpi ezingokomthetho ezalwiwa e-United States, eCanada naseGreece. (8) IGileyadi yakuthinta kanjani ukwanda komsebenzi wokushumayela? (9) Yimuphi umsebenzi obalulekile owaqala ngo-1946, futhi kungani? (10) Yiziphi izinyathelo ezathathwa oFakazi BakaJehova ukuze baqiniseke ukuthi ukuziphatha kwabo kuhambisana nezindinganiso eziseBhayibhelini? (11) Chaza ushintsho olwenziwa ngawo-1970 ukuze inhlangano ihambisane ngokuseduze nenqubo eseBhayibhelini? (12) Ukubuka le video kukujulise kanjani ukwazisa kwakho ngokuthi uJehova uqondisa izinto nokuthi lena yinhlangano yakhe? (13) Le video ikuqinise kanjani ukuzimisela kwakho ukuqhubeka ushumayela ngentshiseko naphezu kwezinselele? (14) Singayisebenzisa kanjani le video ukuze sisize izihlobo zethu, esifunda nabo iBhayibheli nabanye?
Usuku ngalunye oludlulayo lwenezela isahluko esisha emlandweni woFakazi BakaJehova. Uyothini umlando ngemizamo yethu enkonzweni? Njengoba abazalwane bethu benzile ngaphambili, kwangathi singaqhubeka ngentshiseko senza ‘ukukhanya kukhanye’!—2 Kor. 4:6.