ISimiso Sesonto Lika-July 30
ISONTO ELIQALA NGO-JULY 30
INgoma 131 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 24 ¶10-15 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa KweBhayibheli: Hezekeli 21-23 (10 imiz.)
No. 1: Hezekeli 23:35-45 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Lukhulu Kangakanani Uthando LukaNkulunkulu?—Joh. 3:16; Roma 8:38, 39 (5 imiz.)
No. 3: ImiBhalo Ethonya Umbono WamaKristu Ngokuhlanganyela Ezimpini—rs k. 309 ¶4—k. 310 ¶3 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izaziso. Usebenzisa izintshumayelo ezisikiselwe ezisekhasini 8 makube nomboniso wendlela esingasebenzisa ngayo omagazini ekuqaleni izifundo zeBhayibheli ngoMgqibelo wokuqala ku-August.
10 imiz: Lungela Izinselele Zasesikoleni. Ingxoxo. Cela izilaleli ukuba zisho ezinye zezinselele intsha engamaKristu ebhekana nazo esikoleni. Chaza indlela abazali abangasebenzisa ngayo Izikhombo, izincwadi ezithi Intsha Iyabuza, namanye amathuluzi angokwasezulwini phakathi nokukhulekela komkhaya ukuze basize izingane zabo zilungele ukumelana nezilingo futhi zikwazi ukuchaza izinkolelo zazo. (1 Pet. 3:15) Khetha isihloko esisodwa noma ezimbili bese ulandisa ngokunye okutholakala ezincwadini zethu. Cela izilaleli ukuba zisho indlela ezakwazi ngayo ukufakaza ngenkathi zisesesikoleni.
15 imiz: Sebenzisa ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Ukuze Uthuthuke Njengesikhonzi. Inkulumo enikezwa umbonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini esekelwe encwadini ethi ISikole Senkonzo, ikhasi 6, isigaba 1, kuya ekupheleni kwekhasi 8. Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili ngendlela lesi sikole esiye sabasiza ngayo enkonzweni.
INgoma 92 Nomthandazo