Young People Ask—How Can I Make Real Friends?
UJehova wadala abantu ukuze basebenzelane nabanye futhi bakhe ubungane. (IzAga 17:17; 18:1, 24) Ukuze lobu buhlobo busizuzise sonke, kumelwe sibakhethe ngokucophelela abangane. (IzAga 13:20) Ngemva kokubukela i-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends?, ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo?
Isethulo:
(1) Uyini umngane weqiniso?
Izingqinamba Ekwakheni Ubungane:
(2) Ungakunqoba kanjani ukuzizwa ukhishwa inyumbazane? (Fil. 2:4) (3) Kungani kufanele sizimisele ukuthuthukisa ubuntu bethu, futhi ubani ongasisiza senze kanjalo? (2 Kor. 13:11) (4) Singawakha kanjani amathuba okuba nabangane abengeziwe?—2 Kor. 6:13.
Ubungane NoNkulunkulu:
(5) Singabuhlakulela kanjani ubuhlobo obuseduze noJehova, futhi kungani ukwenza kanjalo kuwufanele umzamo? (IHu. 34:8) (6) Lapho senza uJehova abe umngane wethu omkhulu, ibuphi ubungane obuzuzisayo esingaba nabo nabantu?
Uhlobo Lwabangane Olungafanele:
(7) Obani abangane ababi? (1 Kor. 15:33) (8) Abangane ababi bangamholela kanjani umuntu enhlekeleleni engokomoya?
IDrama Yosuku Lwanamuhla:
(9) Ukulandisa kweBhayibheli okuphathelene noDina kusifundisani? (Gen. 34:1, 2, 7, 19) (10) Iziphi izaba uTara azibeka ngokuzihlanganisa kwakhe nentsha engakholwa? (11) Abangane bakaTara basesikoleni bamchaya kuziphi izingozi? (12) Kungani abazali bakaTara bahluleka ukubona ingozi ayelengela kuyo, kodwa baba nasiphi isimo sengqondo lapho bemsiza ukuba alulame ngokomoya? (13) Udade oyiphayona wazibonakalisa kanjani engumngane weqisiso kuTara? (14) Yini uTara agcina eseyibona ngelinye iso?
Isiphetho:
(15) Iziphi izifundo ozifundile kule video? (16) Ungayisebenzisa kanjani le video ukuze usize abanye?
Kwangathi singakhetha abangane abayosisiza silondoloze ubungane obubaluleke kunabo bonke—ubungane noNkulunkulu!—IHu. 15:1, 4; Isaya 41:8.