Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp20 No. 3 k. 12
  • Indlela Yokubonisa Abanye Uthando

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokubonisa Abanye Uthando
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKUSHIWO YIMIBHALO ENGCWELE NGOTHANDO
  • KUSHO UKUTHINI UKUTHANDA ABANYE ABANTU?
  • ‘Qhubeka Ubonisa Uthando’
    Sondela KuJehova
  • Uthando (Agape)—Lokho Olungeyikho Nalokho Oluyikho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Uthando​—⁠Imfanelo Eyigugu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Indlela Esingagcina Ngayo Uthando Ngomunye Nomunye Luqinile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
wp20 No. 3 k. 12
Indoda engumSamariya onesihawu yomfanekiso kaJesu, igcoba amanxeba endoda eshayiwe yashiywa ilele eceleni komgwaqo ngamafutha.

Uthando lusenza ukuba sibeke izidingo zabanye kuqala kunezethu

Indlela Yokubonisa Abanye Uthando

Njengoba sonke siyinzalo yendoda yokuqala u-Adamu, singabandawonye. Nakuba kulindeleke ukuba amalungu omndeni athandane futhi ahloniphane, namuhla kunzima ukuthola uthando olunjalo. Lokhu akukona lokho uNkulunkulu wethu onothando akufunayo.

OKUSHIWO YIMIBHALO ENGCWELE NGOTHANDO

“Kumelwe uthande omunye umuntu njengoba uzithanda wena.”​—LEVITIKUSI 19:18.

“Qhubekani nithanda izitha zenu.”​—MATHEWU 5:44.

KUSHO UKUTHINI UKUTHANDA ABANYE ABANTU?

Phawula indlela uNkulunkulu aluchaza ngayo uthando eZwini lakhe, kweyoku- 1 Korinte 13:4-7:

“Uthando luyabekezela futhi lunomusa.”

Cabanga ngalokhu: Uzizwa kanjani lapho abanye bekubonisa isineke nomusa, futhi bengakuthukutheleli lapho wenza amaphutha?

“Uthando alunamhawu.”

Cabanga ngalokhu: Uzizwa kanjani lapho abanye bebonisa ukungakwethembi noma benomona ngawe?

Uthando “aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.”

Cabanga ngalokhu: Uzizwa kanjani lapho abanye beyihlonipha imibono yakho, futhi bengakuphoqi ukuba wamukele imibono yabo ngaso sonke isikhathi?

Uthando “alunamagqubu.”

Cabanga ngalokhu: UNkulunkulu uzimisele ukuthethelela izoni eziphendukayo. “Ngeke aqhubeke esola kuze kube phakade, futhi ngeke ahlale ecasukile kuze kube nini nanini.” (IHubo 103:9) Siyajabula lapho othile esimonile esithethelela. Ngakho nathi kufanele sikulungele ukuthethelela abanye lapho besona.​—IHubo 86:5.

Uthando “alujabuli ngokungalungi.”

Cabanga ngalokhu: Lapho sehlelwa yinto embi, asithandi ukuba abanye basizakale ngosizi lwethu. Ngakho nathi asijabuli lapho abanye bebhekana nobunzima, ngisho noma ngabe basiphathe kabi.

Ukuze sithole izibusiso zikaNkulunkulu, kumelwe sithande abanye ngezindlela esezibonisiwe, noma ngabe bangobani. Enye indlela esingakwenza ngayo lokhu, ukusiza labo abaswele.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela