Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 10/8 k. 6-k. 7 isig. 7
  • Isipho Esimangalisayo Senkululeko Yokuzikhethela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isipho Esimangalisayo Senkululeko Yokuzikhethela
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Esenziwe Ngayo
  • Inkululeko Enemingcele
  • Imithetho Kabani?
  • Isipho Esimangalisayo Senkululeko Yokuzinqumela
    Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
  • Ungalahlekelwa Injongo Yenkululeko Evela KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Abantu Abakhululekile Kodwa Abanesibopho Sokulandisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indlela Yokuthola Inkululeko Yangempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 10/8 k. 6-k. 7 isig. 7

Isipho Esimangalisayo Senkululeko Yokuzikhethela

INGABE uyakwazisa ukuba nenkululeko yokuzikhethela indlela oyoqondisa ngayo ukuphila kwakho, lokho oyokwenza noyokusho? Noma ubungathanda ukuba othile akutshele lokho wonke amazwi nezenzo zakho okumelwe kube yikho, umzuzu ngamunye nsuku zonke, uma nje usaphila?

Akekho umuntu ophile kahle ofuna ukuba ukuphila kwakhe kuthathwe kuye futhi ngaleyondlela kuqondiswe ngokuphelele omunye umuntu. Ukuphila ngaleyondlela kungaba okucindezelayo nokukhungathekisa kakhulu. Sifuna inkululeko.

Kodwa kungani sinesifiso esingaka senkululeko? Ukuqonda ukuthi kungani siyazisa inkululeko yethu yokuzikhethela kuyisihluthulelo sokuqonda indlela ububi nokuhlupheka okwakungaqalisa ngayo. Kuyosisiza futhi ukuba siqonde ukuthi kungani uNkulunkulu eye walinda kuze kube manje ngaphambi kokuba athathe isinyathelo sokuqeda ububi nokuhlupheka.

Indlela Esenziwe Ngayo

Phakathi kwezipho eziningi ezimangalisayo uNkulunkulu azinikeza abantu lapho ebadala kwakuyinkululeko yokuzikhethela. IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu wadala umuntu ‘ngomfanekiso’ wakhe, futhi enye yezimfanelo uNkulunkulu anazo inkululeko yokuzikhethela. (Genesise 1:26; Duteronomi 7:6) Ngakho-ke, lapho edala abantu, wabanikeza leyomfanelo efanayo emangalisayo—isipho senkululeko yokuzikhethela.

Kungalesosizathu sikhetha inkululeko kunokugqilazwa ababusi abacindezelayo. Kungalesosizathu kwakheka inzondo ngokumelene nokubusa okunesihluku nokunswinyayo kangangokuthi abantu bayavukela ukuze bazuze inkululeko.

Isifiso senkululeko asibanga khona ngengozi. IBhayibheli linikeza isizathu esiyinhloko. Liyaphawula: “Lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.” (2 Korinte 3:17, NW) Ngakho ukufuna inkululeko kuyingxenye yethu engokwemvelo ngoba uNkulunkulu wasidala ngaleyondlela. Ingokuthile afuna sibe nakho ngoba yena ngokwakhe unguNkulunkulu wenkululeko.—2 Korinte 3:17.

UNkulunkulu wasinikeza futhi amakhono engqondo, njengamandla okuqonda, okucabanga, nokwahlulela asebenza ngokuvumelana nenkululeko yokuzikhethela. Lawa asenza ukuba sikwazi ukucabanga, sibheke izimo, senze izinqumo, futhi sihlukanise okulungile kokungalungile. (Heberu 5:14) Asizange sidalelwe ukuba sifane namarobhothi angenangqondo angenakho ukuzikhethela kwawo; futhi asidalelwanga ukuba senze ngokuyinhloko ngokomzwelo wemvelo, njengoba kunjalo ngezilwane.

Abazali bethu bokuqala banikezwa kanye nenkululeko yokuzikhethela yonke into noma ubani ngokunengqondo ayengase ayifune: Babebekwe epharadesi elinjengepaki; babenensada yezinto ezibonakalayo; babenemiqondo nemizimba ephelele eyayingenakuguga noma igule futhi ife; babeyoba nezingane nazo futhi ezaziyoba nekusasa elijabulisayo; futhi umphakathi owandayo wawuyoba nomsebenzi owanelisayo wokwenza umhlaba wonke ube ipharadesi.—Genesise 1:26-30; 2:15.

Ngokuphathelene nalokho uNkulunkulu akuqalisa, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) IBhayibheli lithi futhi ngoMdali: “Umsebenzi wakhe uphelele.” (Duteronomi 32:4) Yebo, wanikeza umkhaya wesintu isiqalo esiphelele. Sasingenakuba esingcono ukwedlula lokho asenza saba yikho.

Inkululeko Enemingcele

Nokho, ingabe isipho esimangalisayo senkululeko yokuzikhethela sasingesingenamingcele? Khona-ke, ingabe ungazihlupha ngokushayela imoto emgwaqeni onezimoto eziningi uma ingekhoimithetho yomgwaqo, lapho ukhululekile ukuhamba kunoma imuphi umgwaqo, uya kunoma iluphi uhlangothi, nganoma iliphi ijubane? Ngempela, imiphumela yenkululeko enjalo engenamingcele emgwaqweni ibingaba inhlekelele.

Kuyinto efanayo ekusebenzelaneni kwabantu. Inkululeko engenamingcele kwabanye ingase isho ukungabi nankululeko kwabanye. Inkululeko engenamingcele ingase iphumele esiphithiphithini, esilimaza inkululeko yawo wonke umuntu. Kumelwe kube nemingcele. Ngakho-ke, isipho sikaNkulunkulu senkululeko asisho ukuthi wayehlose ukuba isintu siziphathe nganoma iyiphi indlela ngaphandle kokucabangela inhlalakahle yabanye.

Kulendaba iZwi likaNkulunkulu lithi: “Ziphatheni njengabantu abakhululekile, futhi ningalokothi nisebenzise inkululeko yenu njengezaba zobubi.” (1 Petru 2:16, The Jerusalem Bible) Ngakho uNkulunkulu ufuna ukuba inkululeko yethu yokuzikhethela ilawulwe ngenxa yenzuzo yabo bonke. Akazange ahlose ukuba isintu sibe nenkululeko ephelele, kodwa inkululeko elinganiselwe, engaphansi kokulawula komthetho.

Imithetho Kabani?

Ekabani imithetho esaklanyelwa ukuyilalela? Ekabani imithetho engokwenzuzo yethu sonke? Enye ingxenye yombhalo ophawulwe ngenhla kweyoku-1 Petru 2:16 ithi: “Anizigqila zomunye umuntu ngaphandle kukaNkulunkulu.” Lokhu akusho ubugqila obucindezelayo, kodwa kunalokho, kusho ukuthi sadalelwa ukuba sizithobe emithethweni kaNkulunkulu. Sijabula kakhudlwana uma sihlala siyithobela.

Imithetho kaNkulunkulu, ngaphezu kwanoma isiphi esinye isimiso semithetho esingase sisungulwe abantu, inikeza isiqondiso esingcono kakhulu sawo wonke umuntu. Njengoba uIsaya 48:17 esho: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.” Nokho, ngesikhathi esifanayo, imithetho kaNkulunkulu ivumela inkululeko enkulu ngaphakathi kwemingcele yayo. Lokhu kuvumela ukuzikhethela komuntu siqu okuningi nokuhlukahluka, kwenze ukuba umkhaya wabantu ube othakazelisa ngokwengeziwe, eqinisweni, okhangayo.

Abantu futhi bangaphansi komthetho wemvelo kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uma singawunaki umthetho wamandla adonsela phansi futhi sigxumele phansi sisendaweni ephakeme, sizolimala noma sife. Uma sihlala ngaphansi kwamanzi ngaphandle kwezinto zokuphefumula ezikhethekile, siyofa emizuzwini engemingaki. Futhi uma singayinaki imithetho yethu yangaphakathi yomzimba futhi siyeke ukudla ukudla noma ukuphuza amanzi, sizofa futhi.

Ngakho, abazali bethu bokuqala, nabo bonke abavela kubo, badalwa benesidingo sokulalela imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha noma engokwenhlalo kanye nemithetho yemvelo. Futhi ukulalela imithetho kaNkulunkulu kwakungezukuba umthwalo. Kunalokho, kwakuyosebenzela inhlalakahle yabo neyomkhaya wesintu sonke owawuzofika. Ukuba abazali bethu bokuqala bahlala ngaphakathi kwemingcele yemithetho kaNkulunkulu, konke kwakuyohamba kahle.

Yini eyenzeka eyonakalisa lesosiqalo esihle? Esikhundleni salesosiqalo, kungani ububi nokuhlupheka kuye kwadlanga kangaka? Kungani uNkulunkulu eye wakuvumela isikhathi eside kangaka?

[Isithombe ekhasini 7]

Isipho esimangalisayo senkululeko yokuzikhethela sisenza sihluke emarobothini angenangqondo nasezilwaneni ezenza ngokuyinhloko ngomzwelo wemvelo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela