Umbono WeBhayibheli
“Kungani UNkulunkulu Ethathe Ingane Yami?”
UKUFA kwengane kuyalimaza kunoma imuphi umzali. Kuwusizi oluqeda amandla olungenakucishwa amazwi nje. Kodwa uma uye walahlekelwa kanjalo futhi uzibuza ukuthi kungani uNkulunkulu ethathe ingane yakho, khona-ke ukhathazwa ukungaqondi kahle okungase kuphela kunezele osizini lwakho. Udinga ukwazi iqiniso: UNkulunkulu akazange ayithathe ingane yakho.
Nokho, abaningi bakholelwa ngokuphambene. Ngokwesibonelo, owesifazane othile, wagqolozela ngokudabuka ebhokisini lomngcwabo elivulekile; phakathi kulele indodana yakhe eneminyaka engu-17 ubudala, ezinwele zayo zazilula ngenxa yokwelashwa okwehluleka ukwelapha umdlavuza wayo. Waphendukela esivakashini futhi wakhuluma ngezwi eliqhaqhazelayo wathi: “UNkulunkulu ubefuna uTommy ukuba abe naYe ezulwini.” EngumRoma Katolika, ilokhu iminyaka eminingi yokuya esontweni eyayimfundise khona. AmaProthestani nawo aye asola uNkulunkulu isikhathi eside ngokufa kwezingane. Umholi odumile wenguquko yamaProthestani uJohn Calvin walila ngemva kokushona kwendodana yakhe enamasonto amabili ubudala: “Ngokuqinisekile iNkosi iye yasilimaza kakhulu ngokufa kwendodana yethu elusana.”
Ngokwenganekwane yasendulo yamaJuda, amadodana angamawele omfundisi ashona lapho engekho. Lapho ebuya futhi ebuza amadodana akhe, umkakhe wathi: “Uma ububolekwe amagugu athandekayo futhi watshelwa ukuthi ubungawajabulela uma nje esalokhu ekuwe, ingabe ubungenqaba yini uma okubolekile esewafuna?” Waphendula: “Ngokuqinisekile bengingeke!” Khona-ke wabe esemkhombisa amadodana akhe ashonile futhi wayesethi: “UNkulunkulu ubesewafuna amagugu akhe.”
Akududuzi Futhi Akukho EBhayibhelini
Ingabe uMdali unonya kangako ukuba ubengabulala izingane ngesigubhukane, azi ukuthi lokhu kubaphatha kabi abazali babo? Cha, hhayi uNkulunkulu weBhayibheli; ngokweyoku-1 Johane 4:8, “UNkulunkulu uluthando.” Phawula ukuthi ayisho ukuthi uNkulunkulu unothando noma ukuthi uNkulunkulu uyathanda kodwa ukuthi uNkulunkulu uluthando. Lukhulu, lumsulwa, luphelele uthando lukaNkulunkulu, lugcwele kangako ebuntwini nasezenzweni zakhe, kangangokuthi angase akhulunyelwe ngokufanele njengothando olwenziwe samuntu. Lona akuyena uNkulunkulu obulala izingane ‘ngoba esefuna amagugu akhe.’
Ngokuphambene, uNkulunkulu ubatha-nda ngokujulile nangokungenabugovu abantwana. UJesu Kristu, lowo wonke amazwi nezenzo zakhe okwabonisa ubuntu bukaYise wasezulwini, wayenesithakazelo esifudumele somuntu siqu ezinganeni. Wake wagona umntwana omncane futhi wafundisa abafundi bakhe ukuthi kumelwe babe nobumsulwa nentobeko efana neyomntwana. (Mathewu 18:1-4; Marku 9:36) Emakhulwini eminyaka ngaphambili, uJehova wayefundise abantu bakhe ukuba babheke abantwana babo njengegugu futhi babaqeqeshe, babafundise, futhi babanakekele ngokufanelekile. (Duteronomi 6:6, 7; IHubo 127:3-5) Ufuna ukuba imikhaya iphile ndawonye, ingahlukaniswa ukufa.
“Khona-ke Kungani Ingane Yami Ishonile?”
Abaningi banomuzwa wokuthi njengoba uNkulunkulu enamandla onke, kumelwe ukuba uyena oqondisa konke okwenzekayo kulomhlaba, kuhlanganise nokufa kwabantwana. Kodwa akunjalo ngempela. Lapho uJobe elahlekelwa yibo bonke abantwana bakhe abayishumi enhlekeleleni eyodwa, wacabanga ukuthi uJehova wayelethe usizi olwesabekayo kuye. Wayengakwazi lokho iBhayibheli elisembulela khona, okungukuthi, isitha sikaNkulunkulu esingaphezu kwabantu esibizwa ngokuthi uSathane yiso esasihilelekile kulendaba, sizama ukuhlupha uJobe ukuze alahle ukholo lwakhe kuMdali.—Jobe 1:6-12.
Ngokufanayo, abantu abaningi namuhla ababazi ubungako bethonya likaSathane emhlabeni. IBhayibheli lembula ukuthi uSathane, hhayi uJehova, ungumbusi walesimiso sezinto esonakele. Njengoba eyoku-1 Johane 5:19 isho: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (Qhathanisa neNW.) UJehova akumelwe asolwe ngezenzakalo zalelizwe ezibangela usizi. Akazange ayithathe ingane yakho.
Khona-ke, ingabe lokho kusho ukuthi uSathane othathe ingane yakho? Hhayi ngokuqondile. Emuva e-Edene, umuntu wazibeka ngaphansi kokubusa kukaSathane lapho ehlubuka kuNkulunkulu. Kanjalo walahla isipho sokuphila okuphakade, nokunempilo kwakhe nokwabo bonke abantwana bakhe. (Roma 5:12) Ngenxa yalokho, siphila esimisweni sezwe esidediselwe kude noNkulunkulu, ezweni okumelwe sibhekane kulo nalokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘isikhathi nethuba,’ ukushintsha kokuphila okuzumayo futhi ngokuvamile okubuhlungu. (UmShumayeli 9:11) USathane ‘udukisa izwe lonke.’ (IsAmbulo 12:9) Isithakazelo sakhe esiyinhloko siwukudedisela abantu kude noNkulunkulu. Lokhu ukwenza ngokusakaza amanga amabi ngoNkulunkulu, ‘edukisa izwe lonke.’ Amanye amanga anjalo awokuthi uNkulunkulu usebenzisa ukufa ukuze ephuce abazali abantwana babo.
“Liyini Ithemba Ngengane Yami?”
Kunokusola uNkulunkulu, abazali abashonelwe badinga ukubheka enduduzweni enikezwa uNkulunkulu eBhayibhelini. Inkolo yamanga iye yashiya abaningi bedidekile ngendawo nangesimo sabantwana babo abashonile. Izulu, isihogo, isihlanzo, iLimbo—lezi ezinye izindawo ezihlukahlukene ezisuka ekubeni ezingaqondakali ziye ekubeni ezesabisa kakhulu. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli lisitshela ukuthi abafile abezwa lutho, basesimweni esiqhathaniseka kahle nokulala. (UmShumayeli 9:5, 10; Johane 11:11-14) Kanjalo, abazali akudingeki bakhathazeke ngalokho okungase kwenzeke kubantwana babo ngemva kokufa, njengoba bengakhathazeki lapho bebona abantwana babo besebuthongweni obujulile. UJesu wakhuluma ngesikhathi lapho “bonke abasemathuneni” ‘beyophumela’ ekuphileni okuvuselelwe emhlabeni oyipharadesi.—Johane 5:28, 29; Luka 23:43.
Yiqiniso, lelothemba elikhazimulayo alilususi lonke usizi lokufa. UJesu ngokwakhe wadabuka futhi wakhala ngokufa komngane wakhe uLazaru—futhi kwakusele imizuzu nje ngaphambi kokuba amvuse! Khona-ke, okungenani ukufa akusona isiphetho ngaso sonke isikhathi. UJesu noYise, uJehova, bobabili bayakuzonda ukufa. IBhayibheli libiza ukufa ngokuthi “isitha sokugcina” futhi lithi ‘kuyochithwa.’ (1 Korinte 15:26) EPharadesi elizayo, lapho ukubusa kukaSathane sekuyinto yesikhathi esidlule, ukufa kuyobe kungasekho phakade. Izisulu zakho ezingenacala ziyobuyiswa ngovuko. Khona-ke, lapho abazali behlanganiswa futhi nabantwana babo ababalahlekela ngokufa, ekugcineni siyokwazi ukuthi, ‘Kufa, ziphi izifo zakho?’—Hoseya 13:14.