Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 3/8 k. 9-k. 11 isig. 8
  • Ukuvakashela Isiguli—Indlela Yokusiza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela Isiguli—Indlela Yokusiza
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amazwi Ashiwo Kumuntu Ohlakaniphile Nashiwo Nguye
  • Uvakashe Isikhathi Eside Kangakanani?
  • Usizo Lwakho Olungokoqobo
  • Uma Kunenkinga Engathi Sína
  • Ukubheka Emuva Ekuvakasheni Kwakho
  • Izibhedlela—Lapho Uyisiguli
    I-Phaphama!—1991
  • Lapho Ugulelwa Othandekayo
    I-Phaphama!—2015
  • Qhubeka Ubekezela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Ukududuza Abagulela Ukufa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 3/8 k. 9-k. 11 isig. 8

Ukuvakashela Isiguli—Indlela Yokusiza

UMNGANE ulaliswe esibhedlela, futhi ungathanda ngempela ukumvakashela. Yini okufanele uyisho futhi uyenze? Yini ongase umphathele yona? Yini engaba usizo ngokukhethekile? Futhi zikhona yini izinto okufanele ugweme ukuzisho noma ukuzenza?

Ufuna ukuba ukuvakasha kwakho kube yinzuzo, kungabi nje ukuthi “Sawubona,” ukuthi “Unjani?” ngokwesaba bese ngokushesha uthi “Sala kahle,” mhlawumbe ngokungabi naluzwela ngamazwi ashwampuluzayo athi “Sengathi ungasheshe ululame.” Ngakho-ke ukwenza kanjani?

Iseluleko sokuqala: Sebenzisa ukuhlakanipha ngokuphathelene nesikhathi ovakasha ngaso. Ungase ubuze isiguli noma umkhaya waso ukuthi yisiphi isikhathi esingaba ngcono, njengokuthi kunini lapho siyobe singaxiniwe khona ezinye izivakashi noma izihlobo eziseduze. Mhlawumbe kungcono ukuvakasha ebusuku bangaphambi kokuhlinzwa lapho isiguli singazuza khona engxoxweni ekhuthazayo, esusa ingqondo kukho kunokuba kube ngemva nje kokuhlinzwa, lapho kungenzeka ukuthi sisentekenteke noma sizwa izinhlungu.

Amazwi Ashiwo Kumuntu Ohlakaniphile Nashiwo Nguye

Singase sicabangele amazwi athi ‘ingxoxo ejabulisayo.’ Lindela ukuqalisa ingxoxo phakathi nokuvakasha, futhi gcina ingxoxo iqhubeka ngesilinganiso esifanele. Umuntu olele esibhedlela akufanele azikhathaze ngendlela yokukwamukela kahle njengesivakashi. Ungawususa lowomthwalo ngesimo sokukhululeka nobungane. Manje, yini okufanele uyisho, nokungafanele uyisho.

Ungafiki unobuso obuhwaqabele noma obunyukubele, ngisho noma kubonakala sengathi isimo sesiguli asisihle. “Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,” kusho umlobi ohlakaniphile wezAga, “kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.” (IzAga 17:​22) Ngakho, khumbula, kuwumthwalo wakho wemfanelo ukugcina ingxoxo ikhuthaza futhi ijabulisa.​—⁠IzAga 25:​11; qhathanisa noIsaya 41:⁠13.

Izindaba zamuva ezivela emkhayeni wesiguli noma ebandleni zingase zithakazelise futhi zakhe, ikakhulukazi uma unezindaba ezinhle. Futhi, ungakhohlwa umphumela ukuhleka okuthile okunawo ekwelapheni; funa amathuba okwenza isiguli simoyizele noma sihleke. Ukulinganisela kubalulekile lapha. Awuvakashele ukuzohlekisa noma ukuzoba inhlekabayeni kodwa ukuzobonisa ukukhathalela okuqotho kanye nozwela.

Isiguli sidinga futhi ithemba. Ngakho, qaphela ukuba ungakhulumi kabi ngodokotela noma ngesibhedlela. Ngokuvamile kungcono kakhulu ukungaqhathanisi isimo sesiguli noma inkinga nokuthile okungenzeka wena siqu wabhekana nakho noma abanye ababa nenkinga efanayo, ngaphandle kokuba imiphumela yaba ngejabulisayo. Umuntu ngamunye wehlukile, futhi isimo sesiguli ngasinye singesaso sodwa.​—⁠IzAga 18:⁠13.

Ukuphawula kokugcina ngengxoxo yakho: Wake waba nakho okuhlangenwe nakho okuvivinyayo, okukhathazayo kokuba nothile okhuluma anganqamuli njengezinhlamvu zesibhamu esinguntuluntulu, njengezihlambi zamanzi awulukuhleleka eziMpophomeni i-Iguaçú? Kwakucasula, akunjalo? Ngakho siza ungabi njalo lapho uvakashele umngane noma isihlobo esisesibhedlela. Nakuba ukukhuluma kwakho kufanele kube okokujabula nokukhuthazayo, lawula isilinganiso sakho nejubane. Asikho isizathu sokuzizwa unovalo, ngokungathi kufanele ugcwalise umzuzwana ngamunye ngamazwi. Isikhathi sokuthula nindawonye naso singaba esiduduzayo. Yebo, qikelela ukuba ungenezeli ekukhathaleni kwesiguli ngezivakashi ezithutheleka njalo zisithululele inqwaba yamazwi zinganqamuki.

Uvakashe Isikhathi Eside Kangakanani?

Ezingxenyeni ezithile zomhlaba, cishe umkhaya uhlala esibhedlela nesiguli. Kungase kulindeleke ukuba banakekele ukugezwa kwalowomuntu futhi bamlungiselele ukudla, ngakho ukuvakasha okunjalo kungadingeka ukuba kwelulwe. Kodwa ezibhedlela eziningi, amahora okuvakasha alinganiselwe ukuze isiguli singacindezeleki futhi izisebenzi zasesibhedlela zikwazi ukwenza imisebenzi yazo. Ngakho-ke, ezimweni eziningi ukuvakasha kwakho kufanele kungeqi ehoreni uma uyisihlobo noma umngane wesiguli oseduze kakhulu, futhi kube isigamu sehora uma ungumuntu nje ojwayelene naso. Kuthiwani uma isiguli sikucela ukuba uhlale isikhathi esijana? Nalapho kusengaba kuhle ukuba ulinganisele isikhathi sokuvakasha kwakho, ngoba kungenzeka sikhathele futhi sinombono ofiphele. Njengokulindelekile, kufanele usebenzise ukwahlulela kwakho, kodwa iphuzu eliyinhloko liwukuthi, ungahlali kuze kweqe.

Lesiseluleko sidinga ukugcizelelwa kakhulu uma isiguli kakade sibonakala sinezivakashi eziningi kunezifanelekile kuso noma esimweni sasesibhedlela. Empeleni, ukuvakasha kwakho okufushane okwenza kaningi kungcono futhi kubonisa ukukhathalela kunokukodwa okuthatha isikhathi eside. Khumbula futhi, ukuthi kunesidingo sokuhlakanipha uma isiguli sinezihlobo ezibonakala ngandlela thile zinobutha noma ngisho zingakuthandi ukuba khona kwakho.​—⁠Qhathanisa nezAga 25:⁠17.

Usizo Lwakho Olungokoqobo

Ngisho nangaphambi kokuba uhambe uyovakasha, kunohlobo oluthile lokulungiselela kusengaphambili oluyosiza. Ingabe kukhona okuthile okuwusizo ongakuphatha? Kuthiwani ngokuthile okusha kokukufunda? Mhlawumbe ngalo lolosuku uthole umagazini wakho wamuva ngeposi nesiguli esikujabulelayo ukuwufunda. Isiguli singase sithintwe ukuzimisela kwakho ukuhlanganyela naso umagazini wakho omusha oyigugu. Ungase ngisho usikisele ukuba usifundele isihloko esisodwa noma ezimbili ozithola zithakazelisa ngokukhethekile.

Yiziphi ezinye izinto ongasiphathela zona? Isipho esincane esibonisa ukumkhumbula njengezimbali noma izithelo kungase kwenze ajabule ngalolosuku. Enye into engamnikeza umdlandla kungaba uswidi isiguli esiwuthandayo noma ngisho ukudla okuthile ozenzele khona ekhaya​—⁠uma lokho kuvumelekile. Ungase ubuze abomkhaya wakhe ngokudla okunjalo noma ubuze abahlengikazi ngisho nangaphambi kokuba uze nakho egunjini.

Ungabuza futhi nodokotela noma abahlengikazi ukuthi kukhona yini ongakulethela isiguli noma ongasenzela khona okungabaphungulela umthwalo noma kumenze azizwe ethokomele ngokwengeziwe. Bangase balwamukele usizo lwakho.

Ingabe uyafuna ukusiza ngezinye izindlela? Buza isiguli ngezinto ezincane eziwusizo. Ubani osiposelayo noma asilethele izincwadi zaso? Ingabe ungasikisela ukuba uhlole indlu yaso noma ikamelo, mhlawumbe uye nabangane bayokusiza ukuba uyihlanze ngaphambi kokuba isiguli sibuye ekhaya? Ingabe kudingeka othile asuse iqhwa eliseceleni komgwaqo, anisele izimbali, noma athi ukuhambahamba egcekeni ukuze indlu ibukeke njengendawo ehlala othile futhi ngaleyondlela ingakhangi abagqekezi? Ingabe ukhathazekile ngokuthi isilwane sasekhaya asinamnakekeli? Lokhu kanye nezinye izinto kungenzeka kube sengqondweni yesiguli kodwa ngeke kuvele ngaphandle kokuba ubuze. Imibuzo yakho yomusa nayo ingaba usizo ekugcizeleleni ukuthi uyakhathalela ngempela.

Kufanele kushiwo okuthile ngokuphathelene nokuzilungisa kahle lapho uvakashele esibhedlela. Nakuba kungase kubonakale kuyinto engeke yenzeke, indlela ogqoka futhi wenze ngayo izinto ingayithinta indlela izisebenzi zasesibhedlela eziphatha ngayo isiguli. Zingase zihlabeke umxhwele ngempela uma zibona isiguli sivakashelwa izivakashi ezizilungise kahle. Lapho izivakashi ezinjalo ezinesithunzi zibonakala zibuza ngenhlalakahle yesiguli, izisebenzi zingaphetha ngokuthi lesiguli kumelwe ukuthi singumuntu ohloniphekile, empeleni esiwuye. IBhayibheli likhuluma ngokuhloba ‘njengokufanele abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu,’ futhi ngokwenza kwakho kanjalo, ungase ukhuthaze izisebenzi ukuba zisiphathe kahle isiguli.​—⁠1 Thimothewu 2:​9, 10.

Uma Kunenkinga Engathi Sína

Ngezikhathi ezithile, kungenzeka isiguli osivakashele sinenkinga engathi sína ekukhulumisaneni nezisebenzi zasesibhedlela. Umbuzo omuhle ukuwulungiselela ngaphandle kokungena ezindabeni zomuntu siqu zesiguli, uwukuthi, “Udokotela ucabanga ukuthi ululama kanjani?” Uma izinto zingahambi kahle, futhi uyilungu lomkhaya noma isikhonzi esinomthwalo wemfanelo, mhlawumbe unganikeza usizo. Ngenxa yenhlalakahle yesiguli, kungase kudingeke uthathe isinyathelo kuqala ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ezisebenzini zasesibhedlela. Noma ungase usikisele ukuba uphelezele umkhaya, ongase ube manqikanqika ukukhuluma nodokotela ngenxa yezizathu ezithile.

Lapho lokhu kwenzeka, into eyinhloko okufanele uyikhumbule iwukuba ungethuswa isimo sesibhedlela noma izisebenzi. Kungenzeka isiguli sisegunjini labembulwa bembeswa, sikakwe yilo lonke uhlobo lomshini kanye nabantu abagula kakhulu. Izisebenzi zingase zibukeke zimatasa kakhulu noma mhlawumbe zingenamusa. Ukuthambekela kuwukwesaba ukubaphazamisa, ingasaphathwa eyokusho okuthile okungabonakala kuyinselele. Kodwa uma ungumkhulumeli wesiguli onelungelo, wena (naso) nifanelwe ukunikezwa izimpendulo eziqondile kanye nezinye izindlela zokwelapha eningazikhetha. Ungavumi ukuba ukhohliswe kuze kube yilapho umsebenzi wakho usufeziwe. Nakuba uqikelela ukuba ungabi uhlupho, khumbula ukuthi ngisho noJesu emfanekisweni wagcizelela ukuthi ngezinye izikhathi kuyadingeka ukuqhubeka ucela ukuze uthole ukunakekela noma ukwaziswa umuntu anelungelo lokukuthola.​—⁠Luka 18:​1-⁠6.

Ukubheka Emuva Ekuvakasheni Kwakho

Ngaphambi kokuba uhambe lapho uvakashile, njengoba uhamba usesimweni sokujabula, ungabukeza lokho okushilo futhi wakwenza. Leyo nkumbulo ingakusiza ukuba ubone ukuthi ukuvakashela kwakho lesiguli okulandelayo noma omunye umuntu, kungenziwa kanjani kuphumelele ngisho nangokwengeziwe futhi kwanelise.

Sekukonke, kuningi ongakufeza ngokuvakasha esibhedlela. Khumbula ukulungiselela kanye nesifiso sokuba usizo. Ngokubamba ithuba, ungalisebenzisa kahle kakhulu futhi uzibonakalise ‘ungumngane obambelela kuneselamani.’​—⁠IzAga 18:⁠24.

[Ibhokisi ekhasini 10]

Ukuvakashela Kwakho Isiguli Okuwusizo

1. Kulungiselele.

2. Cabangela isimo sesiguli. Ungahlali kuze kweqe.

3. Gqoka kahle.

4. Qalisa izingxoxo, kodwa ulinganisele amazwi akho.

5. Yiba usizo kulokho okulethayo noma osikisela ukukwenza.

6. Yiba nemfudumalo futhi wakhe.

7. Phinda futhi uvakashe isikhashana.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela