Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Izindizane Ezingaqondakali Inhlangano yethu isichithe iminyaka engu-18 icwaninga ngezindizane ezingaqondakali, okuthiwa ziboniwe futhi eziningi zezinto ezibonwayo kungashiwo ukuthi izinto ezichazwe kabi. Lapho siqhathanisa izincwadi ezikhuluma ngezindizane ezingaqondakali ezivela kuwo wonke umhlaba, isihloko senu (November 8, 1990) sasihluke ngendlela ehlaba umxhwele. Sibethulela isigqoko abalobi bendaba enamaphuzu nenengqondo ngalendlela. Nakuba ngokuvamile singakwazi ukuhlanganyela imibono yenkolo yenu, sifuna ukuzwakalisa ukwazisa kwethu ngalesihloko.
H. K., Inhlangano Ephethe Yezokucwaninga Ngezinto Ezingavamile Zasesibhakabhakeni, eJalimane
Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla Ngiyanibonga kakhulu ngezihloko zenu ezikhuluma ngokuphazamiseka kwemikhuba yokudla. (December 22, 1990) Eminyakeni emibili eyedlule ngangikhathazwa ianorexia, futhi ngisho namanje ngezinye izikhathi ngizithola ngiphindela ezindleleni nasemikhubeni yangaphambili. Ukusondelana eduze noJehova ngempela kuye kwangisiza. Kuyajabulisa ukubona indlela iPhaphama! enikeza ngayo usizo nokukhululeka kulabo abahlushwa yilesifo ngendlela yothando neyokuqonda.
L. H., Engilandi
Ngokuvamile ingihlaba umxhwele indlela umagazini wenu ohlanganisa ngayo izihloko eziyimpikiswano ngokuvamile thina maKatolika esingazinaki. Kodwa isihloko esikhuluma ngokuphazamiseka kwemikhuba yokudla sangidumaza. Sekuyiminyaka engu-11 ngineanorexia. Niyibiza ngokuthi ubuthakathaka futhi nitusa ukuba siphendukele kuNkulunkulu ukuze sithethelelwe. Kodwa ianorexia ayibona nje ubuthakathaka; iyisifo esingathi sína. Ingaphezu kokuba nomuzwa okhathazayo wokujabulisa abanye; iwumzamo wokubhekana nokwesaba ukungathandwa.
J. W., eJalimane
Asizange sikululaze ukungathi sína kokuphazamiseka kwemikhuba yokudla kodwa sabonisa ukuthi iba umphumela ‘wokuphazamiseka okukhulu kwemizwelo.’ Ngokwesibonelo, ‘ukwesaba ukungathandwa,’ ngokuvamile kuveza umuzwa oyisisekelo womuntu onalesisifo wokuzizwa engafaneleki. Ngakho-ke isihloko sethu sagcizelela ukwakha ukuzethemba ngezindinganiso zeBhayibheli nangokwakha ubuhlobo noNkulunkulu. Uma kuba khona ukwehluleka ekunqobeni lesifo, lowo onaso angaduduzeka ngokwazi ukuthi uNkulunkulu uyathethelela futhi uyiqonda kahle imbangela yobuthakathaka bethu.—ED.
Abazali Abahambile Isihloko esithi “Ngisebenzelana Kanjani Nomzali Wami Owahamba Ekhaya?” (November 8, 1990) sangikhumbuza imizwa engaba nayo ngiseyingane lapho ubaba esishiya. Ngangineminyaka eyisishiyagalolunye futhi ngazizwa ngikhashelwe, ngilahliwe, futhi ngithukuthele. Lemizwa ngaba nayo kwaze kwaba yilapho ngolunye usuku ngifunda iHubo 27:10. Ngaqaphela ngalesosikhathi ukuthi uJehova uyanginakekela njengoBaba.
H. S., United States
Lelihubo lifundeka kanje: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.”—ED.
Eminyakeni emithathu edlule mina nomyeni wami sahlukanisa. Ngonyaka odlule walishiya idolobha engazange avalelise ezinganeni zakhe. Ziye zakhathazeka kakhulu ngokomzwelo futhi zaba nomuzwa wokuthi uyazizonda. Lesihloko saphumelela ngoba sabonisa ukuthi akumelwe kusolwe izingane. Nginethemba lokuthi ngokuhamba kwesikhathi zizokukholelwa lokhu.
L. M., United States
Ngingumama wezingane ezintathu, futhi ngizithola ngikhungathekiswe ukwehlukanisa kwabazali bami. Izihloko zenu zangisiza ukuba ngishintshe ukucabanga kwami kusuka ekubeni okulimazayo kuya ekubeni okwakhayo. Ngisanda kuqeda nje ukubhala incwadi eya kubaba, futhi ngizama ukuvala igebe eliphakathi kwethu.
K. Y., Japane
Ukukhubazeka Izandla Nezinyawo Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Bangitshela Ukuthi Ngeke Ngiphinde Ngihambe!” (August 22, 1990) Ngemva kwengozi enkulu ngo-1980, nami ngakhubazeka izandla nezinyawo. Ngokuqondakalayo, abantu abaningi abazi ukuthi lokhu kusho ukuthini nokuthi kuhlanganisani. Kodwa lesihloko sinikeza khona kanye ukwaziswa abantu abakudingayo ukuze babe usizo kwabanye abakhutshazwa imiphumela yezingozi ezinkulu.
W. K., United States