Ukunqoba Ukuphila Kobudlova
MINA nomgane wami sasubatha ngejubane ngangokusemandleni ethu, futhi lapho sifika emfuleni oseduze nedolobha lenkaba yami, sagxambukela kuwo. Njengoba sasivumbuka, saqala ukubhukuda ngamandla siqonde ogwini olungaphesheya.
Ingabe lokhu kwakuwuhlobo oluthile lomdlalo wobufana? Lutho neze! Kwakuyindaba yokufa nokuphila. Lapho ngiqalaza ngemuva, ngabona amaphoyisa nezikhali zawo eziqondise kithi. Ngacwila ngaphansi kwamanzi ukuze ngibalekele izinhlamvu futhi ngaqhubeka ngibhukudela ogwini olungaphesheya. Ngisho nalapho ngingaphansi kwamanzi, ngangiwuzwa umsindo wezibhamu.
Lapho nje sifika ogwini olungaphesheya, sasiphumelele ekweqeni kwethu ejele, lapho sasivalelwe khona ngenxa yokugqekeza nokweba izimoto.
Lesi kwakungesinye sezikhathi eziningi ngifunwa noma empeleni ngijahwa amaphoyisa ngenxa yesenzo esithile sobugebengu. Nakuba ngangineminyaka engu-17 kuphela ubudala ngalesosikhathi, kakade ngase ngizakhele umlando omude wokuboshwa kuziphathimandla. Ekugcineni, mina nomngane wami saboshwa, futhi ngaphinde ngagwetshwa isigwebo sokudonsa ejele, kulokhu isikhathi esiyiminyaka emibili nengxenye.
Ngisho nasejele ngabonisa isimo sobudlova. Ngenxa yokulwa kaningi nezinye iziboshwa, nganikezwa iyunifomu emhlophe. Lokhu kwakwenza mina nabanye abadala inkathazo sibonakale ukuze onogada basiqaphelisise.
Ukuba Nobudlova Ngokwengeziwe Ngemva Kokukhululwa
Ngakhululwa ejele, kodwa ngangingashintshelanga ebungconweni. Eqinisweni, nganginobudlova ngokwengeziwe kunanini. Ngokushesha ngazenza ngaqashelwa njengomakhonya wemigwaqo eminingana. Noma ubani owayengicela inselele wayethola isilwi esilungele ukulwa.
Ngesinye isikhathi iqembu lezinsizwa langicasula. Ngalihlasela, ngalimaza ezimbalwa ngaphambi kokuba amaphoyisa amise leyompi, ngisho nakuba isandla sami sokudla sasiphuke empini esontweni elingaphambili.
Ngesinye isikhathi mina nabangane bami ababili sacela inselele eqenjini lezinsizwa elalivela edolobheni eliseduze. Umholi walo weza kimi ephethe insimbi. Ngamephuca yona, kodwa waphunyuka futhi wabaleka. Okwakuwukuphela kwendlela engangingamenza ngayo ukuba aqhubeke elwa kwakuwukumbuyisela insimbi yakhe, okuyilokho engakwenza. Wabuya, futhi ngakwazi ukuphinde ngimephuce yona, kulokhu ngaqikelela ukuthi angabaleki ngingakamshayi.
Ngobunye ubusuku, ukuze nje “ngizijabulise,” ngama ejikeni lomgwaqo eHarlem, eDolobheni laseNew York, futhi ngacela inselele kunoma ubani ukuba silwe. Abantu abaningana bayemukela inselele yami, futhi izimpi zaba ziningana. Ngenxa yalokho, idumela lami njengomuntu oyingozi, nonobudlova lakhula. Kulezimpi eziningana, ngashaywa ngamabhodlela, amathuluzi okushintsha amathayi, nezinduku futhi ngahlaselwa ngemimese nezinye izikhali. Kodwa konke lokhu akwenzanga lutho ukuba kungishintshe ezindleleni zami zobudlova.
Ubudlova Buyanda
Ngokushesha ngathola ukuthi iningi imali eyayingenziwa ebhizinisini lezidakamizwa. Njengoba ngangiwumsebenzisi wezidakamizwa, ngangijwayelene nomphakathi wezidakamizwa. Esikhathini esingengakanani ngase nginabantu abangithengisela izidakamizwa, bengenza ngibe nobudlova ngisho nangokwengeziwe.
Ngesinye isikhathi sahlasela omunye umthengisi wezidakamizwa, sinethemba lokweba izidakamizwa zakhe. Njengoba sasihlome ngesibhamu nommese, sagqekeza ekhaya lakhe futhi sathumba amadoda amathathu nowesifazane kuyilapho sipeketula indlu, sifuna izidakamizwa.
Ngesinye isikhathi mina nomngane wami, sihlome ngamavolovolo sifake nezifihla-buso, sanquma ukuphanga enye indoda ecebile ukuze sithole imali yezidakamizwa. Sayilinda ngaphandle komuzi wayo, kodwa ayizange iqhamuke, ngakho sahamba. Ngokungangabazeki, ukuba yaqhamuka, sasiyozifeza izinhloso zethu.
Ngaleyondlela, lapho ngineminyaka engu-20 nje ubudala, ngazithola ngithe shí ebudloveni, izidakamizwa, nasebugebengwini obungathi sína. Okungenani, ikusasa lami laliyoba elokuphila ejele—futhi ngangingajabulile neze.
Ngokuvamile ngangizibuza ukuthi ubani okufanele anqume ukuthi yikuphi okulungile nokungalungile. Ngangiphetha ngokuthi noma ubani onamandla amakhudlwana emphakathini. Futhi ngangicabanga ukuthi njengoba abantu benquma okulungile nokungalungile, futhi mina ngingenayo ngokuphelele inhlonipho nganoma iliphi igunya labantu, nganginegunya elifana nelanoma ubani lokuzinqumela indaba enjalo. Kodwa ngokushesha ngangizothola impendulo engcono kakhulu.
Indlela Engcono Kakhulu
Udadewethu, owayeshade nomunye wabangane bami engangiboshwe nabo, wayevume isifundo seBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wayehlanganyela izinto ayezifunda eBhayibhelini nabo bonke emkhayeni wakithi—ngaphandle kwami. Umkhaya wakithi wawungitshela ukuthi ngimgweme udadewethu. Ngani? Bathi kwakungenxa yokuthi akukho ayekhuluma ngakho ngaphandle “kwaleyonkolo ehlanyayo.”
Nganginelukuluku lokwazi. Yini ayeyisho eyayibadumaza kangaka abantu? Ngangifuna ukwazi, kodwa udadewethu akazange akhulume ngakho kimi. Ngani? Wayecabanga ukuthi ngangimubi kakhulu ukuba ngingalalela noma yini ephathelene neBhayibheli.
Kodwa ngolunye usuku ntambama ngacela ukuyokudla kwakhe. Ngangihlezi lapho ngidla nodadewethu nomyeni wakhe, lapho ngithi: “Ake ningitshele ngalenkolo entsha.” Bangitshela—amahora ayisithupha! Kwakunengqondo kakhulu kimi kangangokuthi ngaphindela kubo ngayo kanye intambama elandelayo ukuze ngizwe okwengeziwe.
Ngemva kwalokhu kuhambela kwesibili, ngangiqiniseka ukuthi ngase ngithole okuthile engingakuphilela, injongo yangempela ekuphileni. Ngokushesha, ngaqala ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova futhi ngakhuluma nabangane bami ngalokho engangikufunda.
Indlela yami yokuphila yahlala ingashintshile isikhashana. Kodwa ngaqhubeka ngitadisha futhi ngifunda ngalokho uJehova uNkulunkulu ayekulindele, futhi ngaqikelela ukuthi ngingaphuthelwa imihlangano eHholo LoMbuso, lapho kwakuxoxwa khona ngeBhayibheli. Ngalendlela ngathola amandla angokomoya okushintsha ukuphila kwami, isici esisodwa ngesikhathi.
Okokuqala, ngayeka ukuthengisa izidakamizwa. Lokhu kwabathukuthelisa abanye balabo ababengabangane bami, kodwa ngangisenalo idumela lami lobudlova, elalingivikela ekulimaleni. Ngokulandelayo, ngayeka ukusebenzisa izidakamizwa ezinamandla futhi ngayeka indlela yami yokuphila kokuziphatha okubi. Into yokugcina engayilawula umkhuba wami kagwayi. Ezinyangeni eziyisishiyagalombili ngase ngithuthukele ephuzwini lokufanelekela ubhapathizo, futhi ngabhapathizwa ngo-1970.
Ekugcineni ngase ngiyithole ngokugcwele impendulo yombuzo wami wokuthi ubani okumelwe anqume okulungile nokungalungile. Impendulo iwukuthi: uJehova, uMniki-kuphila wethu, unalo lelogunya, futhi unegunya lokulindela izidalwa zakhe ukuba ziphile ngokuvumelana nalokho.
Ngivame ukucabanga ukuthi umfanekiso okuIsaya 65:25 wawusebenza kanjani kimi ngendlela engokomfanekiso. Lesosiprofetho sikhuluma ngesikhathi esiyofika lapho isimo sobudlova sengonyama siyoshintsha sibe esokuthula kuze kube sephuzwini lokuba idle utshani njengenkomo. Ngakuzwa lokho ngendlela efanayo, ngangishintshile ekubeni umuntu onobudlova kakhulu ngaba umuntu onesimo sokuthula nonombono onokuthula ngokuphila.
Nakuba kunjalo, ngangisenedumela elibi okwakumelwe ngilisuse. Ngokwesibonelo, ngangihambela abantu njalo endlini ngendlu ukuze ngixoxe nabo ngeBhayibheli. Kwelinye ikhaya, insizwa eyavula umnyango yakwazi ukungibona futhi yesaba, icabanga ukuthi ngangizoyilimaza. Ngayichazela ngokushesha isigijimi sami sokuthula esivela eBhayibhelini, ngiyishiya imangele kodwa ikhululeke kakhulu.
Esikhathini esingeside ngemva kokubhapathizwa kwami, ngashada omunye woFakazi BakaJehova. Ngokudabukisayo, ngo-1974 umkami wanquma ukuthi wayengasafuni ukwenza intando kaNkulunkulu. Wanginikeza ukukhetha okuwujuqu: ngiyeke indlela yami yokukhulekela noma angishiye, ethatha abantwana bethu ababili abancane. Kwakuyisikhathi esinzima kakhulu sokuphila kwami. Kodwa ngangingenakukushiya ukukhulekela kwami uNkulunkulu, futhi ngaqhubeka ngenza intando yakhe.
Indlela Entsha Yokuphila
Nokho, uJehova wangivuza ngokuqhubeka ngithembekile kuye. Ngo-1977, ngahlangana noFakazi omuhle, futhi sashada. Wayenendodana eneminyaka eyisihlanu ubudala. Ngokushesha mina nomkami sangenela inkonzo yesikhathi esigcwele, sizinikela ekufundiseni abanye ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe. Lapho indodana yethu ikhula, nayo yangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Manje isiza ngemisebenzi ehlukahlukene ebandleni lasendaweni yakithi.
Kusukela ngalesosikhathi mina nomkami sinelungelo lokuya ezingxenyeni eziningi zomhlaba, senza umsebenzi wokwakha wokuzithandela. Lokhu kuhilela ukusiza ekwakheni izakhiwo ezintsha zamagatsha emazweni ahlukahlukene ukuze kusekelwe umsebenzi wokufundisa womhlaba wonke woFakazi BakaJehova.
Lapho sisekhaya, sihlala simatasa endaweni yakithi, sisiza abanye ukuba bafunde ngeBhayibheli futhi sisiza ekwakheni amaHholo OMbuso amasha. Futhi ngikhonza eKomitini Yokwakha Yesifunda engxenyeni eseningizimu yeUnited States. Futhi mina nengangiboshwe naye—umyeni kadadewethu—sikhonza njengabadala ebandleni elifanayo loFakazi BakaJehova.
Ngiyambonga uJehova ngokungisiza ukuba ngilawule ukuphila kwami nokukuqondisa ohlangothini olusha ngokuphelele. Njengoba ngimvumela ukuba angibonise okulungileyo nokungalungile, ukuphila kwami kuya ngokuya kuba ngcono.—Inikelwe.