Intsha Iyabuza . . .
Ngingaba Kanjani Nesibindi Sokuba Ngohlukile?
“Ngezinye izikhathi ukucindezela kontanga kungenzisa lokho enginomuzwa wokuthi akulungile, kodwa njengoba kuwukwehluleka okukhulu ukungakwenzi, ngivele ngithi kulungile.”—John.
“UKUCINDEZELA kontanga kuhlasela zonke izici zokuphila kwethu.” Usho kanjalo umbhali uLesley Jane Nonkin. Ontanga bazama ukukutshela ukuthi kumelwe ugqoke kanjani. Bakubekela imithetho yokuthi kumelwe uhambe kanjani, ukhulume kanjani, futhi uzikame kanjani izinwele zakho. Abakuvumeli uzenzele okuthandwa nguwe. Vumelana nabo—noma uzwe ubuhlungu bokulahlwa!
Nokho, intsha engamaKristu, ayizona izigqila zokuzifanelanisa nabanye. Ilandela umthetho owabekwa uJesu kuJohane 15:19, ‘ayisiyo ingxenye yezwe’ labantu abangamesabi uNkulunkulu.a Nokho, ukuba sezweni kodwa ungabi yingxenye yalo kuyinselele. Kunjengokugwedla isikebhe olwandle oluyaluzayo. Usemanzini futhi uzungezwe yiwona, kodwa ukuze uhlale uphila uzama ukuvimba amaningi ngangokunokwenzeka ukuba angangeni esikebheni sakho! Ngokufanayo, intsha phakathi koFakazi BakaJehova ilwela ukuba ukungamesabi uNkulunkulu kwalelizwe kungangeni ekuphileni kwayo.
Nokho, lokhu akulula ngaso sonke isikhathi. Cabangela uFakazi osemusha waseJapane uEiichiro. Ukucindezelwa kokuba uzifanelanise nabanye kunamandla kakhulu kulelozwe, phakathi kwentsha nakubantu abadala ngokufanayo. UEiichiro uyakhumbula: “Esikoleni ngangingenakuhlanganyela emikhosini ehilela izimpawu namaculo esizwe ngenxa kanembeza. Ngaphezu kwalokho, ngangingenakubufunda ubuciko bokuzivikela, njengoba lokhu kumelene nezimiso zeBhayibheli. (Bheka uEksodusi 20:4, 5 noLuka 4:8; Isaya 2:4 noLuka 10:27.) Lokhu kwenza uEiichiro waphawuleka—mhlawumbe ngendlela edumazayo—phakathi kontanga yakhe.
Intsha engoFakazi emhlabeni wonke ibhekene nezimo ezifanayo. “Amaholide iwona okunzima ngawo,” kusho omunye osemusha ongumKristu. “Zonke izingane ziyabuza, ‘Kungani ningawagubhi?’” Kwenye intombazane esentsha indaba enzima kakhulu eyokuthi “iphole yini nabafana.” Futhi umKristu osemusha ukhononda ngokucindezelwa ukuba aye emibuthanweni. Uthi: “Ngaso sonke isikhathi abantu bayakubuza, ‘Awuyi ephathini?’” Enye intsha engoFakazi iye yahlekwa usulu ngenxa yokwenqaba ukuphutha emakilasini noma ukukopela lapho kubhalwa izivivinyo. Khona-ke, kulula ukubona ukuthi ukuba ngohlukile kudinga isibindi esikhulu, futhi akuyona yonke intsha ezizwa inaso.
Omunye osemusha wabhala: “Ngiphila ukuphila okumbaxa-mbili—okunye esikoleni nokunye ekhaya. Esikoleni ngihamba nezingane zezwe. Kodwa cishe njalo lapho lezizingane zivula imilomo yazo zikhuluma inhlamba, nami sengicishe ngifane nazo. Yini okufanele ngiyenze?” Impendulo isobala: Thola isibindi sokuba ngohlukile! Kodwa kanjani?
Umthombo Wesibindi Seqiniso
Isibindi singamandla engqondo noma okuziphatha okubhekana nengozi, ukwesaba, noma ubunzima. Akubona bonke abanaso, nokho singatholakala. “UNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala,” kuchaza umphostoli uPawulu, “kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.” (2 Thimothewu 1:7) Yebo, uNkulunkulu angakunikeza amandla adingekayo ukuze ubhekane nontanga yakho.—Filipi 4:13.
Kodwa uwathola kanjani lamandla? Enye indlela ingokumane uwacele. “Celani, niyakwamukeliswa,” kuthembisa uJesu kuJohane 16:24. Kufanele uthandaze ikakhulukazi lapho ubhekene nesilingo sokuba uyekethise. “Ngithandaza kuJehova ukuze ngikwazi ukulawula ingqondo yami nenhliziyo,” kusho omunye osemusha ongumKristu.
Intsha Enesibindi Ezikhathini Zasendulo
Ukufunda nokuzindla ngokulandisa kweBhayibheli ngezinceku zikaNkulunkulu ezinesibindi kungenye indlela yokukusiza ukuba uhlakulele ukungesabi. Ngokwesibonelo, ingabe unamahloni ngokwazisa abanye ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova? Khona-ke funda ukulandisa kweyesi-2 AmaKhosi 5:1-5. Ilandisa ngentombazana engumIsrayeli eyayithunjiwe eyakhuluma ngesibindi ngokholo lwayo phambi kwabanye. Okunye ukulandisa okujabulisayo kulotshwe kuzEnzo 4:20. Lapho abaphostoli batshela abaphikisi ngesibindi: “Asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.” Ukufunda lokhu kulandisa kungakushukumisela ekubeni ubonise isibindi esifanayo lapho ukhuluma.
Enye indaba evusa amadlingozi yileyo kaDaniyeli nabangane bakhe abathathu abasebasha, uShadiraki, uMeshaki, noAbedi-nego. Lentsha yayiphakathi kwentsha eningi ekhethiwe engamaJuda eyayithunjiwe futhi yalethwa eBabiloni. Inkosi yaseBabiloni yayihlose ukuqeqeshela lentsha izikhundla zomthwalo wemfanelo kuhulumeni. Ukuze ivunyelaniswe nendlela yokuphila yaseBabiloni, lentsha yaphucwa amagama ayo obuJuda futhi yafundiswa ulimi nezindlela zabantu baseBabiloni. Abathumbi bayo baqhubeka bezama ukuyisusa emkhubeni wobuJuda ngokuyinika ‘ukudla kwenkosi.’—Daniyeli 1:7, 8.
Emqondweni womuntu waseBabiloni, ukudla okunjalo kwakujabulisa ngisho nesichizi. KumaJuda esaba uNkulunkulu, ukudla kwabaseBabiloni kwakwenyanyeka ngokwenkolo. Nokho, intsha eningi ethunjiwe ngokusobala yasivumela lesilingo—yonke ngaphandle kukaDaniyeli nabangane bakhe. Ake ucabange nje ukucindezela okungenzeka bakuthola kontanga yabo abangamaJuda! Yasabela kanjani lentsha ekucindezelweni okunjalo? Zifundele ngokwakho lokhu kulandisa okuqinisa ukholo kuDaniyeli isahluko 1. Mhlawumbe kuyokusiza ukuba ube nesibindi sokwenqaba uma kwenzeka othile ekunikeza izidakamizwa ezingekho emthethweni noma utshwala!
“Yiba Nesibindi”
Akwanele nje ukufunda ngesibindi. Ukuze uhlakulele isibindi esiyokusiza ubhekane nokucindezela kontanga, nsuku zonke kumelwe ulandele iseluleko uPawulu asinikeza amadoda nabesifazane ebandleni laseKorinte: “Hlalani nigxilile okholweni, nibe nesibindi futhi nibe namandla.”—1 Korinte 16:13, The Jerusalem Bible.
Ngokwesibonelo, lapho abazali bakho namalungu ebandla lobuKristu bengakuboni, ingabe uyakushintsha ukugqoka kwakho noma indlela olungisa ngayo izinwele ukuze ufanelane nentsha yezwe? Noma ingabe unamathela ngokungayekethisi ezindinganisweni zobuKristu? “Ngiyenqaba ukulandela zonke izitayela ezingenayo,” kusho enye intombazane enesibindi engumKristu.
Omunye umbuzo: Ingabe unesibindi ngokwanele sokwenza ofunda nabo ekilasini bazi ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova? Uma isikole ofunda kuso sikuvumela ukuba wenze kanjalo, ingabe uyaliphatha iBhayibheli lakho nezincwadi zeBhayibheli? Uma ekilasini kuphakama izimpikiswano ezihilela ukuziphendukela kwemvelo, imikhosi yokushisekela izwe, noma ukumpompela igazi, ingabe ‘uyabaphendula bonke abakubuza isizathu sethemba elikuwe’? (1 Petru 3:15) Noma ingabe uhlala edeskini lakho uthule ngokukhathazeka? UJesu Kristu wathi: ‘Yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami, nami ngiyakuba nezinhloni ngaye.’—Marku 8:38.
Kunokuba abe namahloni, umKristu onesibindi uyaziqhenya ngethemba lakhe elisekelwe eBhayibhelini! (Qhathanisa namaHeberu 3:6, NW.) UEiichiro, osemusha waseJapane ocashunwe ekuqaleni, wafunda ukwenza lokho. Ngokuvamile wayebuzwa ukuthi kungani engahlanganyeli emikhosini yokushisekela izwe noma ebucikweni bokuzivikela. Ingabe kukhona okwakumlahlekela ngokuba ngohlukile? “Cha,” esho, “ngakubheka konke lokhu njengenselele. Uyabona, kwakufanele ngilungiselele izimpendulo engizovikela ngazo izenzo zami futhi kwakufanele ngithembele osizweni lukaJehova. Ngakho ekugcineni, lokho kulahlekelwa kwaba izinzuzo.”
Funda ukuzikhulumela nalapho ubhekene nesilingo. IzAga 1:10-15 zithi: “Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi. Uma zithi: Hamba nathi . . . ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo.” Yebo, lokhu akusho ngempela ukubeka intshumayelo. Encwadini yakhe ethi How to Say No and Keep Your Friends, umeluleki uSharon Scott uphawula ukuthi ngezinye izikhathi ungase nje ucele ukubashiya, wenqabe isimemo—noma umane ungasinaki. Kodwa ngezinye izikhathi, ungase ungabi nenye indlela ngaphandle kokuba uzikhulumele wenze abanye bazi ukuthi kungani ungenakuhlanganyela nabo. Umeluleki uScott utusa ukuba uqine: “Zama ukungabonakali ubesaba . . . Babheke emehlweni. . . . Khuluma ngezwi eliqinile kodwa elicacile.”
Usengaqhubeka ugconwa futhi uhlekwa usulu ngenxa yokuma kwakho. Nokho, abaningi bayokukwazisa nakuba bengathandi. UMike, omunye osemusha, uthi: “Abaningi babafana bayazi ukuthi nginguFakazi, futhi banginika inhlonipho. Uma bezoxoxa ngento embi, bazothi, ‘Mike, sesilungiselela ukuxoxa, ngakho uma ufuna ukuhamba, hamba.’” Akuyona yonke intsha eyokunikeza inhlonipho enjalo. Kodwa ngokuqinisekile uNkulunkulu uyothokoziswa inkambo yakho. (1 Petru 4:3-6) Kanjalo omunye umKristu osemusha uthi: “Ungakhathazeki ngokuthi ezinye izingane zicabangani ngawe!” Umbono kaNkulunkulu obalulekile. Futhi uyokubusisa ngokuba nesibindi sokuba ngohlukile.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Kungani Kumelwe Ngehluke?” esivela kumagazini wethu kaJune 8, 1992.
[Isithombe ekhasini 16]
Lapho amathuba okuchaza ukholo lwakho ephakama, ingabe uyazikhu-lumela?