Udosi Lokufa Lususiwe
AKUKHONA okungavamile ukuzwa ukuthi ukufa kungokwemvelo noma kuvamile. Empeleni, akunjalo ngokokulandisa kweBhayibheli. Ukufa kuyisitha esaba khona ngenxa yesono. “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile,” kusho iBhayibheli kwabaseRoma 5:12.
Njengoba ukufa kwakungeyona inhloso kaNkulunkulu ngesintu, ngothando uye wenza indlela yokuphuma. Ngokuvumela iNdodana yakhe ukuba isifele, walungiselela isihlengo esifanelanayo ukuze asuse isijeziso sokufa. (Mathewu 20:28; 1 Johane 2:2) Futhi uye wathembisa ipharadesi lasemhlabeni eliyoba nohulumeni omusha ngokuphelele ozobusa phezu kwaso sonke isintu. Lowohulumeni uyoyisusa ngokuphelele imiphumela yesono nokufa. (Luka 18:30) IBhayibheli kusAmbulo 21:3, 4 lithi: “Yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” Kodwa kuthiwani ngalabo kakade asebefile?
Banethemba lovuko—ithemba lokuphinde baphile njengabantu kulowomhlaba oyiPharadesi, benemizimba kanye nezingqondo okunempilo ephelele. Yebo, “ihora liyeza okuyothi ngalo bonke labo abasemathuneni okukhunjulwa balizwe izwi layo futhi baphume.” (Johane 5:28, 29, NW) Lowo owathunyelwa uNkulunkulu ukuba ahlenge isintu, uJesu Kristu, uyasiqinisekisa ngokuqhubekayo: “Lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe-nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”—Johane 6:40.
Yilelithemba lovuko elisekela abaningi abaye balahlekelwa othandekayo ekufeni. Bayaqaphela ukuthi abathandekayo babo bamane nje “balele ekufeni,” ngakho ‘abadabuki njengabanye abangenalo ithemba.’ (1 Thesalonika 4:13) Babheka phambili ekujabuleleni ubudlelwane nabo kulesosimiso esisha sezinto esithenjiswe nguNkulunkulu. Banokholo kuNkulunkulu onikeza induduzo nethemba.—Roma 15:4, 13; 2 Korinte 1:3; 2 Thesalonika 2:16.
Yingakho izinkonzo zomngcwabo zoFakazi BakaJehova zehluka kwezinye. Ukuze bathole izinzuzo zokuvunyelwa uNkulunkulu, oFakazi bagwema noma imiphi imikhuba ephikisana neZwi lakhe, iBhayibheli. Amasiko kanye nemicikilisho esekelwe ezinkolelweni ezingafundiswa eBhayibhelini bayakugwema. Njengoba bekhulekela uNkulunkulu weqiniso kuphela, uJehova, bayakwenqaba ukunikeza udumo olunjalo lokukhulekela kubantu bakubo abafile. Futhi ababukisi nganoma ngani eyingcebo yabo noma isikhundla, ngoba bayazi ukuthi lokhu akumthokozisi uNkulunkulu. (1 Johane 2:16) Imingcwabo yabo ayinamicikilisho futhi inesizotha futhi isiza ekuthokomaliseni izinhliziyo zabashonelwe. Kunikezwa inkulumo yokukhumbula ofile, enikeza ithemba elitholakala eBhayibhelini. Bayakhala, kodwa hhayi ngokweqile.
OFakazi BakaJehova bayazi ukuthi ngokushesha ‘isitha sokugcina, esingukufa,’ siyosuswa. Khona-ke lamazwi abikezelwa ayogcwaliseka: “Ukufa kugingiwe kwaba-ngukunqoba. Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?”—1 Korinte 15:26, 54, 55.