Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 9/8 k. 26-k. 27 isig. 8
  • “Induku Yokulaya”—Ingabe Iphelelwe Yisikhathi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Induku Yokulaya”—Ingabe Iphelelwe Yisikhathi?
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbono Olinganiselayo
  • Kuthiwani ‘Ngenduku’?
  • Kufanele Kunikezwe Kanjani Ukuyala?
  • IBhayibheli Alikusekeli Ukuxhaphaza
  • Ukuqonda Injongo Yesiyalo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Isiyalo Sithela Isithelo Sokuthula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Kufanele Uziyale Kanjani Izingane Zakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ungasamukela Yini Iseluleko?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 9/8 k. 26-k. 27 isig. 8

Umbono WeBhayibheli

“Induku Yokulaya”—Ingabe Iphelelwe Yisikhathi?

“Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.”—IzAga 22:15. “Noma yikuphi ukujezisa ngokomzimba kuwukuxhaphaza ngokwemizwelo futhi akufanele kuvunyelwe.”—Parents Anonymous.

UKUPHAWULA kweBhayibheli ‘ngenduku yokulaya’ kubanga ukuphikisana okushubile. Lokhu kuyaqondakala, ngoba unyaka ngamunye izinkulungwane zezingane ziyafa njengomphumela oqondile wokuxhashazwa umzali ngokomzimba. Mhlawumbe kungakho okunye okukhulumela iBhayibheli kukumelela ngokungeyikho ukuvumela kweBhayibheli isijeziso esingokomzimba njengokumane nje “kuwumbono osekelwe empucukweni.”

Kodwa imibono engokwempucuko ayizange iphefumlele iBhayibheli—uNkulunkulu owaliphefumlela. (2 Thimothewu 3:16) Ingabe ukuphawula kwalo ‘ngenduku yokuyala’ kuwukungacabangeli? Kubalulekile ukuba sihlole igama elithi “induku” emongweni walo. Ngokwesibonelo: Izingcezu ngazinye zejigsaw puzzle zinikeza umqondo omncane. Kungemva kokuzihlanganisa ndawonye kuphela lapho umuntu engabona khona wonke umfanekiso. Ngokufanayo, “induku” imane nje iwucezu olulodwa lwepuzzle. Ukuze sibone umfanekiso ogcwele, kumelwe sihlanganise “induku” nezinye izimiso zeBhayibheli ezihlobene nokuyala.

Umbono Olinganiselayo

Ingabe iBhayibheli livumela isijeziso esingokomzimba kuphela? Cabangela leseluleko esilandelayo:

• “Ungalokothi uvuse inzondo ezinganeni zakho.”

• “Ungaziqondisi ngokweqile izingane zakho, funa uzithukuthelise.”

‘Lokho kunengqondo ngokwengeziwe kuneseluleko seBhayibheli,’ abanye bangase basho. Kodwa lokhu kuyiso iseluleko seBhayibheli. Sibhalwe kwabase-Efesu 6:4 (The New Jerusalem Bible) nakwabaseKolose 3:21 (Phillips).

Yebo, umbono weBhayibheli unengqondo. Liyavuma ukuthi isijeziso esingokomzimba ngokuvamile asiyona indlela yokufundisa ephumelela kakhulu. IzAga 8:33 (NW) zithi, “Lalelani ukuyala” hhayi, ‘Yizwani ukuyala.’ Futhi izAga 17:10 zibonisa ukuthi “insolo ingena koqondileyo kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.” Ngaphezu kwalokho, uDuteronomi 11:19 utusa ukuyala kokuvimbela, ukusebenzisa komuntu amathuba angahleliwe ukuze afake izindingani-so zokuziphatha ezinganeni zakhe. Ngaleyondlela, umbono weBhayibheli ngokuyala ungolinganiselayo.

Kuthiwani ‘Ngenduku’?

Nokho, iBhayibheli liyakhuluma ‘ngenduku’ yokuyala. (IzAga 13:24; 22:15; 23:13, 14; 29:15) Kumelwe kuqondwe kanjani lokhu?

Igama elithi “induku” lihunyushwe lisuselwa egameni lesiHeberu elithi sheʹvet. KumaHeberu, elithi sheʹvet lalisho induku noma udondolo, njengalolo olwalusetshenziswa umalusi. Kulomongo induku yegunya isikisela ukuqondisa kothando, hhayi unya.—IHubo 23:4.

Elithi sheʹvet ngokuvamile lisetshenziswa ngokomfanekiso eBhayibhelini, limelela igunya. (2 Samuweli 7:14; Isaya 14:5) Lapho libhekisela egunyeni lobuzali, elithi “induku” alibhekiseli kuphela esijezisweni esingokomzimba. Lihlanganisa zonke izinhlobo zokuyala, ngokuvame kakhulu okungadingeki ukuba kube ngokomzimba. Futhi lapho kusetshenziswa ukujezisa okungokomzimba, ngokuvamile kusuke kungoba ezinye izindlela aziphumelelanga. IzAga 22:15 zithi ubuwula “buboshelwe” (“bugxilile,” NJB; “bubambelele ngokujulile,” The New English Bible) enhliziyweni yalowo othola isijeziso esingokomzimba. Kuhileleke okungaphezu nje kokunganaki kobuntwana.

Kufanele Kunikezwe Kanjani Ukuyala?

EBhayibhelini, ukuyala kuhlanganiswe ngokungaguquguquki nothando nobumnene, hhayi nentukuthelo nonya. Umeluleki onekhono kufanele ‘abe-mnene kubo bonke, abekezele, abayale ngomoya omnene abamelene naye.’—2 Thimothewu 2:24, 25.

Ngakho-ke, ukuyala akuyona indlela umzali akhipha ngayo intukuthelo. Kunalokho, kuyindlela yokufundisa. Ngakho, kufanele kufundise ingane eyonayo. Lapho kunikezwa ngentukuthelo, isijeziso esingokomzimba sifundisa isifundo esingeyiso. Kufeza isidingo somzali, hhayi esengane.

Ngaphezu kwalokho, ukuyala okuphumelelayo kunemingcele. “Kuyomelwe ngikuyale kuze kube sezingeni elifanele,” kusho uJehova kubantu bakhe kuJeremiya 46:28. (NW) Lokhu kubaluleke ngokukhethekile ukuba kukhunjulwe lapho kunikezwa isijeziso esingokomzimba. Ukushaya noma ukuhlukumeza usana kungaholela ekulimaleni kwengqondo noma ngisho nasekufeni.a Ukwedlulela ngalé kwenjongo ehlosiwe yokuyala—ukuqondisa nokufundisa—kungase kuholele ekuxhashazweni kwengane.b

IBhayibheli Alikusekeli Ukuxhaphaza

Ngaphambi kokuqondisa abantu bakhe, uJehova wathi: “Ungesabi . . . ngokuba nginawe.” (Jeremiya 46:28) Ukuyala akufanele kushiye ingane izizwa ilahliwe. Kunalokho, ingane kufanele ibe nomuzwa wokuthi umzali ‘unayo’ njengesikhuthazo esinothando, nesisekelayo. Uma isijeziso esingokomzimba sibonakala sifanelekile, ingane kufanele iqonde ukuthi kungani. IzAga 29:15 zithi “uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha.”

Kuyiqiniso elidabukisayo ukuthi namuhla abaningi bayisebenzisa kabi “induku” yegunya lobuzali. Nokho, iphutha alinakubekwa ezimisweni zeBhayibheli ezilinganiselayo. (Qhathanisa noDuteronomi 32:5.) Lapho sicabangela elithi “induku” emongweni walo, siyabona ukuthi injongo yayo ingeyokufundisa izingane, hhayi ukuzixhaphaza. Njengakwezinye izindaba, iBhayibheli ‘lilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni.’—2 Thimothewu 3:16.

[Imibhalo yaphansi]

a Incwadi ethi Outgrowing the Pain: A Book for and About Adults Abused as Children iyaxwayisa: “Ukushaya kungaba ukuxhaphaza ingane lapho kwenziwa ngendlela engalawulekile, kunamandla anele okulimaza. Ukusebenzisa izinto ezithile ukuze ushaye, ukushaya ngenqindi, ukushaya izingane ezincane kakhulu, nokushaya ezindaweni eziyingozi (ubuso, ikhanda, isisu, umhlane, nezitho zobulili) kungandisa ukuba nokwenzeka kokuthi ukujeziswa ngokushaywa kube ukuxhashazwa kwengane.”

b Incwadi ethi Father Power, kaDkt. Henry Biller noDennis Meredith, iyaphawula: “Ukujezisa ngokomzimba kudinga kuphela kube-mnene ukuze kuphumelele. Uma kuvela kothile emthandayo futhi eyaziyo ukuthi uyayithanda, umphumela ongokomzwelo uyoba ngowanele ukwenza ingane icabange ngalokho ekwenzile.”

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

The Bettmann Archive

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela