Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Kufanele Ngithuthele Ezweni Elichumé Kakhudlwana?
UTARA washiya izwe lakubo lendabuko iTrinidad, uSheila washiya iJamaica futhi u-Erick washiya iSuriname. Bonke labasha abathathu bathuthela ezweni elichumé kakhudlwana. Kungani?
UTara uyachaza: “Thina-ntsha yaseTrinidad sithonywa kakhulu yilokho esikubona komagazini nakuTV. Ngokudabukisayo, lokhu kusinikeza umbono ongelona iqiniso nge-United States nangamanye amazwe anothile.”
Indaba kaSheila iyafana: “Ngikhumbula ngitshelwa ngamathuba amakhulu emisebenzi nemfundo yamahhala.” Nokho, wenezela: “Angazi ukuthi kungani, kodwa labo abake baba kulamazwe abazange bayilandise yonke indaba. Mhlawumbe babenamahloni okuvuma ukuthi izinto lapho azinjengoba babelindele.”
Nakuba kunjalo, abantu basafuduka. Umbiko kuyi-Los Angeles Times wabonisa ukuthi kusukela ngo-1980 kuya ku-1990, inani labantu ababethuthela kwamanye amazwe laphindeka kabili futhi kulindeleke ukuba liphindeke kabili futhi ngonyaka ka-2000. Minyaka yonke abantu abangaphezu kuka-700 000 bathuthela e-United States. I-Australia, iCanada, iCôte d’Ivoire, neSaudi Arabia ngalinye lamukela abafuduki abangaphezu kuka-50 000 unyaka ngamunye, iningi labo elifuna ukuphila okuchume kakhudlwana.
Uma uhlala ezweni elimpofu noma elisathuthuka, nawe futhi ungase uzibuze ukuthi ikusasa lakho liyoba eliqhakaze ngokwengeziwe yini uma uthuthela ezweni elinothe kakhudlwana. Lesi isinqumo esinzima. Ungakhetha kanjani ngokuhlakanipha?
Musa Ukwenza Isinqumo Ngokushesha
U-Erick waseSuriname, ukholelwa ukuthi akufanele ujahe kodwa kufanele kuqala uthole ukwaziswa okuningi ngangokunokwenzeka. Uthi: “Ngisho naseSuriname, imikhaya eminingi inezihlobo ezisemazweni anothile, futhi kufanele ukwazi ukuthola ukwaziswa kwakamuva futhi wazi iqiniso ngezimo zomnotho zezwe.”
Ngaphambi kokuba unqume, khumbula: “Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka, kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.” (IzAga 15:22) Ngakho xoxa ngezinqumo zakho ngokungagunci nabazali bakho, abadala abangamaKristu, nabanye abanokuhlangenwe nakho nabakukhathalelayo.
Ungakholelwa Yikho Konke Okuzwayo
Uma uzwa imibiko enikeza ithemba ngamazwe akude achumile, ukungabaza okuncane okunengqondo kungaba okufanelekile. “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke,” kusho isaga esihlakaniphile, “kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.”—IzAga 14:15.
USheila, owayehlala eJamaica, wathi: “Uthisha wami wesiNgisi waphikelela ngokuthi ukuthuthela e-United States kwakungaba into engcono kunazo zonke engangingayenza. Abanye abantu abadala bangitshela ukuthi uma ngingaya eCanada, e-United States, noma eNgilandi, ngiyozizuzisa kungakhathaliseki ukuthi ngikhetha muphi umkhakha. Kafushane nje, ngiyobe angihlakaniphile uma ngingayeka ithuba elinjalo.”
Ingabe ukuthuthela kwakhe e-United States kwamsiza ngempela? “Ukuphila kwami kwathuthuka ngezindlela eziningi, kodwa abangane bami ababehlala eJamaica nabo bakuthuthukisa ukuphila kwabo ngokufanayo. Ngokuvamile ushintshanisa izinkinga. Ukuthi uhlala kuphi akunakwenza umehluko omkhulu ngokuzenzekelayo.”
UTara, owathuthela e-United States esuka eTrinidad, uyavuma: “Abantu babebheka amazwe achumile njengezindawo ezibavulela amathuba—okufunda, okusebenza, okwenza imali eningi, nokuphila ngaphansi kwezimo ezingcono. Kodwa manje abaningi abathutha bayaqaphela ukuthi izimo ziba zimbi yonke indawo. Abanye baye babuyela emakhaya.”
Cabangela Izinzuzo Nezinkinga
Ukuze wenze isinqumo esicatshangelwe kahle, cabangela okungaphezu kwemibiko emihle yomnotho omningi kwamanye amazwe. Cabangela izinzuzo nezinkinga ukuthutha okungase kuzihilele—ngokomnotho, ngokwenhlalo, ngokokuziphatha, nangokomoya.
Ngokwesibonelo, kungenzeka isimo somnotho asisihle lapho uhlala khona. Kodwa ingabe awekho amathuba emisebenzi eduze nasekhaya? UTara uthi: “Ekhaya, ukuntula imisebenzi kwakuphakeme, ikakhulukazi ngalabo abangenayo imfundo ephakeme.” Ngakho wathutha; abafowabo basala. “Abafowethu ababili abancane bathatha izifundo zokubaza ifenisha nokuthunga izihlalo. Manje basebenza ezimbonini futhi bathola imisebenzi eminingi yesikhashana kubantu abawuthandayo umsebenzi wabo. Cishe benza kangcono ekhaya kunami lapha ‘ezweni elinamathuba amaningi.’”
Uma uthutha, cishe uyobhekana nemizwa yokudideka nokukhathazeka, mhlawumbe ngisho nokuhlaselwa ngokuphelele kwezimiso zokuziphatha ozazisa kakhulu. Ingabe ukuthutha kuyifanele ingozi enjalo? Khona-ke, futhi, ukuthanda izinto ezibonakalayo kudlangile emazweni achumile. Kungakuthinta kanjani lokho ngokomoya?
Ukufunda Emaphutheni Ka-Esawu
Lapho kuziwa ekucabangeleni izinzuzo nezinkinga zezinqumo, u-Esawu wangezikhathi zeBhayibheli wayenenkinga engathi sína. Wahluleka ngokuphindaphindiwe ukucabangela izici ezibalulekile—ingokomoya lakhe nomkhaya wakubo. Ngenxa yalokho, ezinye zezinqumo zakhe ezinkulu kakhulu zaphumela ekubeni yizinhlekelele.
IBhayibheli liyaxwayisa “[nganoma ubani ongazazisi izinto ezingcwele], njengoEsawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngesidlo sinye nje.” (Heberu 12:16) Lelilungelo lobuzibulo lalingcwele. UNkulunkulu wayevulele umkhaya ka-Esawu ithuba lokuba sohlwini lozalo lukaMesiya, isihluthulelo sensindiso yaso sonke isintu. (Genesise 22:18) Kodwa ‘u-Esawu wadelela ubuzibulo bakhe.’ Wabuthengisa kalula ngesidlo sembumba! (Genesise 25:30-34) Ifa lakho elingcwele kakhulu ubuhlobo bakho noMdali wakho. Ungalokothi ubuthengise, ungabunaki, noma ubufake engozini ngenxa yanoma iyiphi inzuzo yezinto ezibonakalayo.—Marku 12:30.
Kamuva, lapho u-Esawu ethutha ekhaya lakubo eya kwelinye izwe, washada nabesifazane ababili bamaHeti. Kungenzeka ukuthi ngenxa yesizathu esithile lemishado yayibonakala iwusizo, kodwa ngokomoya yaletha izinkinga kuphela ngoba labesifazane babengamkhulekeli uNkulunkulu wabazali baka-Esawu, u-Isaka noRebeka. Labobafazi “baba-lusizi” kubazali bakhe.—Genesise 26:34, 35.
Kuvamile ngentsha ukuba ishade ukuze nje ikwazi ukungena ezweni elichumé kakhudlwana. Kubikwa ukuthi iNdiya ibe nabantu abashadile abangu-4 000 abathuthela e-United States ngonyaka, nabalinganiselwa ku-10 000 abasalindele ukwenza kanjalo. Nokho, umshado uyisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu. Akumelwe ululazwe, usetshenziswe njengethikithi nje lokweqa umngcele. Cabanga, futhi, ukuthi bekuyomzwisa ubuhlungu kanjani uJehova namalungu athembekile omkhaya wakini ukuba ‘ubuzoboshelwa ejokeni linye nongakholwayo.’—2 Korinte 6:14.
Yenza Okusemandleni Ngesinqumo Sakho
Indlela osebenzela ngayo esinqumweni sakho ingase ibaluleke kakhulu kunesinqumo ngokwaso. Kungakhathaliseki ukuthi uhlala lapho ukhona noma unquma ukuthutha, into ebalulekile ukwenza okusemandleni ngesinqumo sakho.
Uma uhlala: Musa ukugxeka labo abathuthayo. Isinqumo sabo siwumthwalo wabo wemfanelo. (Roma 14:4; Galathiya 6:4, 5) Funda ukwazisa ubuhle nezinzuzo eziyingqayizivele ezweni lakini. Yakha uthando olwengeziwe ngabantu nozwela ngemizamo nezinselele zabo.
Uma uthutha: Beka izinto eziza kuqala ngokuhlakanipha njengoba ufunda imikhuba emisha mhlawumbe nolimi olusha. Ungangeni ogibeni lokusebenza amahora eqile ukuze nje uthole izimpahla ezibonakalayo ongakaze uzidinge ngaphambili. Ngaphandle kwalokho ungase ngokushesha ube matasa kakhulu ukuba unake izinto ezingokomoya.
“Kubaluleke kakhulu ezweni lanamuhla ukuba nomsebenzi,” uSheila uyavuma. “Nokho, umkhaya, abangane, nezinto ezingokomoya kubaluleke kakhulu. Lapho konke okunye kwehluleka, lokhu kusigcina siqinile.” IBhayibheli liseluleka ngokuhlakanipha ‘ukuba singalokothi sisebenzise [lelizwe] ngokugcwele; ngokuba isimo salelizwe siyadlula.’ (1 Korinte 7:31) Labo abaphumelelayo ngempela bagcina ukukhathazeka kwabo ngomsebenzi nemali endaweni efanele—ngemuva kwezidingo zomkhaya nemigomo engokomoya.
Khetha abangane abasha ngokucophelela. U-Erick uthi: “Londoloza ukuxhumana nabangane abathuthukisa indlela yokuphila eyakhayo.”
Khumbula Izidingo Zakho Zangempela
Izinto esizidingayo ngempela ukuze sijabule aziguquki. “Kungakhathaliseki ukuthi sihlala kuphi,” kuphawula uSheila, “izimfuneko zikaJehova ngathi aziguquki.” Ziyini? UJesu ukubeka ngokungagunci: “Babusisiwe abampofu emoyeni.” “Ningakhathazeki” ngokuba nokudla okwanele noma izembatho. Wunikeni indawo yokuqala “umbuso [kaNkulunkulu] nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.”—Mathewu 5:3; 6:31, 33.
Ukuphila ngalezimiso kungakusiza ukuba uthole ukuphila okungcono kunoma yiliphi izwe.
[Izithombe ekhasini 18]
Amazwe anothile angase abonakale ekhanga kakhulu kunalokho ayikho ngempela