Ukubuka Okwezwe
Ukungathenjwa Kukahulumeni
“Abantu kuwo wonke umhlaba balahlekelwa ithemba kulesimiso,” kusho i-Washington Post muva nje, inezela yathi, “Yonke indawo, igama elithi uhulumeni liyenyanyeka.” Liphawula ngokuhlolwa okuningana kwemibono yomphakathi okwenziwe eminyakeni yamuva, leliphepha lathi: “Kusukela eCanada kuya eJapane nasezindaweni ezimaphakathi nalamazwe, ngezinye izikhathi izakhamuzi eziningi ngokumangalisayo zitshela labo abacela imibono yomphakathi ukuthi uhulumeni wezwe lakubo awunakwethenjelwa, umnotho wezwe uwohlokile nokuthi izinto ngeke zibe ngcono, kodwa zizoba zimbi kakhulu.” Ngokwesibonelo, eFrance amaphesenti angu-60 alabo okwacelwa imibono yabo alindele ukuba izinto zibe zimbi kakhulu esikhathini esizayo, kanti cishe isilinganiso esifanayo sazwakalisa ukungeneliseki ngendlela lelizwe elibuswa ngayo. E-Italy amaphesenti acishe abe ngu-75 ayenomuzwa wokuthi uHulumeni wakhona awusasebenzi ngendlela owawusebenza ngayo eminyakeni emihlanu noma eyishumi edlule. ECanada abangaphezu kwengxenye babenomuzwa wokuthi isizukulwane esilandelayo sizoba sesimweni sezomnotho esibi kakhulu kunesabo.
Amandla Okwelapha Indlela Yokucabanga
Sekuyisikhathi eside abacwaningi bezokwelapha benenkolelo yokuthi ingxenye eyodwa kwezintathu yeziguli ithambekele ekuboniseni ubungcono obuthile lapho yelashwe ngendlela yokwelapha indlela yokucabanga, ukwelapha okungayisebenzisi imithi. Nokho, ukuhlola okusha kubonisé ukuthi ukwelapha indlela yokucabanga kungaba nomphumela onamandla kakhulu. I-New York Times muva nje ibike ukuthi izazi zesayensi eLa Jolla, eCalifornia, e-U.S.A., zahlola iziguli ezingu-7 000 ezazelashwe ngezindlela ezintsha ezizanywayo kamuva okwatholakala ukuthi azisebenzi kwezokwelapha. Lokhu kuhlola kwabonisa ukuthi izingxenye ezimbili kwezintathu zaleziguli zaba ngcono, okungenani okwesikhashana, ngenxa yalokhu kwelashwa. Nakuba ezimweni ezithile lendlela yokwelapha indlela yokucabanga yesiguli ingase ihilele ubungcono obungokoqobo emzimbeni, izazi zesayensi zixwayisa ngokuthi ngezinye izikhathi ibonisa isifiso sesiguli sokujabulisa udokotela ngokubika ubungcono. Ngakho, abanye abacwaningi bakhomba kulokhu kuhlola njengesizathu sokumisa imithetho eqinile yokuhlola imithi emisha yokwelapha.
Ukuhogela Izindawo Ezivuzayo
Ukuvuza okuncane emapayipini agqitshwe phansi kungase kungamenyezelwa kabanzi njengoba kwenziwa ngokuqhuma nokuchitheka kukawoyela okukhulu, kodwa noma kunjalo kusadla izimboni izigidigidi zamaRandi unyaka ngamunye futhi kubangele “ukungcola okucashile, okungabonakali,” kubika umagazini i-National Geographic. Enye inkampane yaseCanada ithole ikhambi elingajwayelekile kulenkinga—isebenzisa izinja ezingama-Labrador, ukuba zihogele ukuvuza okuncane okusemapayipini athwele uwoyela, isisi, namakhemikhali. Okokuqala, ikhemikhali elinuka kabi impela limpontshelwa kuleyongxenye yepayipi okusoleka ukuthi liyavuza. Khona-ke izinja zenza umsebenzi wazo. I-Geographic iyabika: “Zingahogela ikhemikhali eliphuma emapayipini agqitshwe ekujuleni okungamamitha amahlanu. Kwelinye ixhaphozi laseLouisiana [lezizinja] zazimi ezikejaneni ezincane futhi zathungatha iphunga elivela emapayipini avuzayo amakhemikhali asemamitheni angu-1,8 ngaphansi kwamanzi nasemamitheni angu-1,5 ngaphansi kwenhlabathi.” Lomagazini uyanezela: “Lezizinja zingathunyelwa emhlabeni wonke uma zicelwa.”
Onkulunkulu Bemvula Bayadumaza
Njengoba ayebhekene nesomiso esinzima, uhulumeni wesifundazwe sase-Andhra Pradesh eningizimu-mpumalanga yeNdiya muva nje uphendukele endleleni engavamile yokuletha imvula. Ngokukamagazini i-India Today, uhulumeni wombuso waxhasa “isiko likaVeda lasendulo lokunxusa onkulunkulu bemvula.” UNgqongqoshe Wezamathempeli Enkolo wombuso wachaza: “UNkulunkulu uzosilamulela.” Abapristi bamathempeli angu-50 akhethiwe benza imicikilisho izinsuku ezingu-11. Waba yini umphumela? I-India Today iyabika: “Kusobala ukuthi onkulunkulu abazange bahlabeke umxhwele. . . . Njengoba inkolo iye yahluleka, uHulumeni manje usenqume ukulandela indlela yesayensi. Usethathe izinyathelo zokunisa imvula yokuzenzela ngokusebenzisa amakhemikhali ukuze abangele amafu anise imvula.
Ukuyekelela Okuphindiwe
Kokubili amaLuthela ase-United States namaWeseli aseBrithani muva nje aye acabangela indaba yobungqingili. EBrithani, iNgqungquthela YamaWeseli yafinyelela esinqumweni esingacacile kahle. Anquma ukungawagcobi amadoda nabesifazane abangongqingili njengabefundisi; nokho, ngesikhathi esifanayo, athi isonto “liyakuqaphela, liyakuqinisa futhi liyakumisa ukuhlanganyela nokukhonza kongqingili besifazane nabesilisa eSontweni.” E-United States, elinye iqembu leSonto LamaLuthela lakhulula umbiko wamakhasi angu-21 owawuhloselwe ukuba uthunyelwe kubefundisi balelisonto abangu-19 000 ukuze kutholakale umbono wabo. Ngokwe-Associated Press, lombiko uthi iBhayibheli liyabusekela ubuhlobo bobungqingili. Lombiko futhi ugomela ngokuthi ukushaya indlwabu “ngokuvamile kufanelekile futhi kunempilo.” Ngalokhu kugomela nangalenkulumo, lombiko uphikisana nombono weBhayibheli kulezizindaba.—Roma 1:26, 27; 1 Korinte 6:9, 10; Kolose 3:6, 7.
Ibhizinisi Likagwayi Liyachuma ERussia
Ibhizinisi likagwayi liyachuma eRussia nakwamanye amazwe ayeyiSoviet, kubika umagazini waseCanada i-Maclean’s. Kunabantu ababhemayo abangaba yizigidi ezingu-70 ezweni elaliyiSoviet Union, noma cishe amaphesenti angu-25 enani labantu bakhona, futhi babhema osikilidi abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-350 ngonyaka. Futhi njengoba imithetho yezwe elaliyiSoviet enqabela ukukhangisa ngosikilidi ingasasebenzi, izinkampane zikagwayi zaseNtshonalanga ziye zagcwalisa imithombo yezindaba—umsakazo, i-TV, amaphephandaba, omagazini, namabhodi okukhangisa—ngezimemezelo zokukhangisa ngemikhiqizo yazo. Nakuba izinhlobo zosikilidi baseNtshonalanga zingase zibize izikhathi eziphindwe kabili kuya kwezine kunezinhlobo zakulelozwe, ngokuvamile ziyafunwa njengezibonakaliso zesikhundla. I-Maclean’s iyaphawula: “Izibalo zikahulumeni zibonisa ukuthi minyaka yonke abantu baseRussia abangaba ngu-500 000 bangenwa umdlavuza wamaphaphu nezinye izifo ezihlobene nokubhema.”
Isibhedlela Esingumahamba-nendlwana
Kunesibhedlela esingajwayelike ebesisiza abagulayo eNdiya: isitimela esibizwa ngokuthi iLifeline Express. Njengoba sinezisebenzi ezingodokotela bokuzithandela, lesitimela “empeleni siyisibhedlela esingumahamba-nendlwana,” kubika umagazini i-Asiaweek. Siya emadolobhaneni sime inyanga eyodwa kuya enyangeni nengxenye, sinikeza odokotela baso ithuba lokwelapha iziguli ezingaba ngu-600 ngaphambi kokuba siqhubekele edolobhaneni elilandelayo. Njengoba sixhaswa iqembu elingafuni nzuzo elibizwa ngokuthi i-Impact India Foundation, lesibhedlela esihambayo sesisize abantu abangu-400 000 kuze kube manje. UZelma Lazarus we-Impact India uyabika: “Loluhlelo luye lwadlondlobala kakhulu. Namanye amazwe manje asesicela ukuba siwenzele isimiso esifanayo sesibhedlela esihambayo.”
Ukubala Abazoya Esihogweni
Ibandla LamaBaptist AseNingizimu lase-Alabama, e-U.S.A., muva nje liye lahlaselwa ngenkathi likhipha ukulinganisela okungokomthetho kokuthi amaphesenti angu-46,1 enani labantu bakulesosifundazwe angase aye esihogweni njengoba kufundisa amaBaptist. Lombiko walo, owakhishwa kuyi-Birmingham News, wanikeza isimo sokuwohloka kombuso ngokwesifunda nesifunda, ubonisa ngokwamaphesenti ukuthi bangaki “abangasindisiwe” esifundeni ngasinye. Ngokwe-Associated Press, amaBaptist avele akhipha inani lamalungu esonto enanini labantu besifunda ngasinye, ase esebenzisa “indlela yokubala eyimfihlo” ukuze athole inani labantu bezinye izinkolo nabo abababheka njengabangase baye ezulwini. Umbiko wawo wabhekana nokugxekwa okunzima okuvela kubafundi be-Birmingham News. Omunye wabhala: “Kuwukugabadela okuseqophelweni eliphezulu kakhulu ukwakha indlela yokubala inani labangasindisiwe.”
Okuhlangenwe Nakho Okwakhayo Kusiza Ukuba Umuntu Ahlale Ephilile
“Ukucindezeleka okukhulu nezinkinga ezingokomzwelo zehlisa izinga lomzimba lokuzivikela ezifweni, kanti injabulo ishukumisa isimiso somzimba sokuzivikela futhi iqinise ukumelana nezifo.” Yileyondlela iphephandaba laseJalimane i-Nassauische Neue Presse eliningiliza ngayo ubufakazi obaqoqwa isayensi entsha okuthiwa i-psychoneuroimmunology. Amathonya aphambene emsebenzini noma ekhaya enza ukumelana komzimba nezifo kube buthakathaka. Ngakolunye uhlangothi, ngokukaDkt. Anton Mayr, onguprofesa nesazi se-microbiology, imizwelo nokuhlangenwe nakho okuhle kunethonya eliqinisayo. Ezinye izibonelo azicaphunayo yilezi: “Ukholo, ithemba, uthando, ukwethemba, ukulondeka, ukukhulumisana, amathonya amahle ekuphileni, ukuzilibazisa—nokuzimisela ukuphila ube nempilo enhle.”
Ukonakala Nokuvuma Izono
Abalobi ababili base-Italy, bezenza abaholi bezombangazwe noma osomabhizinisi, bacela abapristi abaningi bamaKatolika ukuba babahlambulule ezonweni zokonakala. Base beshicilela lokho labefundisi ababekusho lapho bevuma izono. Iphephandaba i-Repubblica liyabika: “Isonto licabanga ukuthi [labalobi] banecala lokungazihloniphi izinto ezingcwele, futhi kakade sebeye bagxekwa futhi mhlawumbe banqunywa ebandleni ngenxa yalokho.” Kodwa leliphepha lenezela ukuthi lokhu kuvunywa kwezono-mbumbulu “kubonisa ukudideka kwangempela, ukushiyeka, nokuyekelela kweningi lalabapristi abangu-36 000 base-Italy, ngokuvamile ababonakala benesithakazelo esikhulu ezonweni ezingokobulili kunezono ezithinta umphakathi.” UPino Nicotri, omunye walabalobi, wathola ukuthi kubapristi abangu-49 “avuma izono” kubo, munye kuphela owenqaba ukumhlambulula nowamtshela ukuba ayobika ubugebengu bakhe kwabomthetho. I-Repubblica yaphawula: “Ngokwalaba abanye abapristi, akusona isono ukufumbathisa, noma akusizi ukuya ejajini, ngoba okubalulekile intethelelo evela kuNkulunkulu.”
Izinga Eliphakeme Lokululama
“Isimo seBrazil siye sashintsha eminyakeni yamuva. Lisuka ekubeni umzila wokuhweba [ngezidakamizwa], lelizwe seliye laba umsebenzisi nomkhiqizi wazo,” kuchaza u-Arthur Guerra de Andrade, onguchwepheshe wezifo zophuzo oludakayo nokuluthwa izidakamizwa. Ngokwe-Estado de S. Paulo, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa “kuthinta amaphesenti angu-6 kuya kwangu-8 enani labantu.” Ngaphezu kwalokho, “phakathi kwentsha eneminyaka engu-12 kuya kwengu-16 ubudala, amaphesenti angu-90 aye asebenzisa uphuzo oludakayo okungenani kanye.” U-Andrade uyanezela: “Inani labantu ababonakalisa ukuba nezinkinga emzimbeni nasengqondweni ngenxa yophuzo oludakayo liye lenyuka ngamaphesenti angu-50 eminyakeni eyishumi edlule.” Ngaphezu kwalokho, “cishe amaphesenti angu-25 ezingozi ezenzeka emsebenzini eBrazil ahlobene nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ikakhulukazi uphuzo oludakayo.” Nokho, uma kuziwa ohlangothini oluhle lwalesimo, iBrazil “inelinye lamazinga okululama eliphakeme kakhulu emhlabeni wonke—amaphesenti angu-60 kuya kwangu-80 ezisebenzi eziluthwe uphuzo oludakayo.”