Umbono WeBhayibheli
Ingabe Ukuthukuthela Akulungile Ngaso Sonke Isikhathi?
“INTUKUTHELO iwukusangana kwesikhashana.” Imbongi yasendulo engumRoma uHorace yawuveza kanjalo umbono ovamile ngomunye wemizwa enamandla kunayo yonke. Nakuba kungebona bonke abavumelanayo ngokuthi intukuthelo iwuhlobo oluthile lokusangana kwesikhashana, abaningi bayibheka njengembi ngokwemvelo. Emuva ekhulwini lesithupha C.E., izindela zamaKatolika zaloba uhlu oludumile “lwezono eziyisikhombisa ezimbi kakhulu.” Akumangalisi ukuthi nentukuthelo yayiphakathi kwalololuhlu.
Kulula ukubona ukuthi kungani zazizizwa ngalendlela. IBhayibheli lithi: “Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka.” (IHubo 37:8) Futhi umphostoli uPawulu wanxusa ibandla lase-Efesu: “Konke okubabayo‚ nentukuthelo‚ nolaka‚ nomsindo‚ nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.”—Efesu 4:31.
Nokho, ungase uzibuze ngokufanelekile, ‘Ingabe lona ukuphela kombono weBhayibheli ngentukuthelo? Empeleni, akazange yini uPawulu aprofethe ukuthi ‘lezizinsuku zokugcina’ esiphila kuzo zaziyoba “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo”?’ (2 Thimothewu 3:1-5, NW) Ingabe ngempela uNkulunkulu ulindele ukuba siphile kulezizikhathi lapho abantu ‘bengenabumnene, bengathandi okuhle, bengenaluthando’—kodwa singathukutheli nakancane?
Umbono Olinganiselwe
Indlela iBhayibheli elisingatha ngayo lendaba ibonisa ukuthi ayilula kangako. Ngokwesibonelo, phawula amazwi kaPawulu akweyabase-Efesu 4:26: “Thukuthelani ningoni.” Lelivesi belingaba yindida ngempela uma kuwukuthi intukuthelo ngokuzenzekelayo “ibiyisono sokufa,” esifanelwe isijeziso saphakade.
UPawulu wayecaphuna iHubo 4:4, elifundeka kanje: “Thukuthelani ningoni.” Ngokwe-Vine’s Expository Dictionary of Biblical Words, igama lesiHeberu elihunyushwe lapha ngokuthi “thukuthelani,” ra·ghazʹ, lisho “ukuvevezeliswa umzwelo onamandla.” Kodwa yimuphi lowomzwelo onamandla? Ingabe kwakuyintukuthelo? Lapho i-Septuagint ihumusha iHubo 4:4, elithi ra·ghazʹ lahunyushwa ngesiGreki ngokuthi “thukuthela,” futhi ngokusobala yilokho noPawulu ayekuqondile lapha.
Kungani iBhayibheli liyivumela intukuthelo? Ngenxa yokuthi akuyona yonke intukuthelo embi. Umbono wokuthi “intukuthelo yabantu ngokwayo ayivumelekile futhi ayilungile” ayisekelwe ngokomBhalo, njengoba omunye umcwaningi weBhayibheli akubeka. Isazi seBhayibheli uR. C. H. Lenski waphawula ngokufanelekile ngeyabase-Efesu 4:26: “Izimiso zokuhle ezenqabela yonke intukuthelo futhi ezifuna ukuzotha okucwathile kuzo zonke izimo ngezamaStoyiki futhi akuzona ezobuKristu.” UProfesa William Barclay waphawula ngokufanayo: “Kumelwe ibe khona intukuthelo ekuphileni kobuKristu, kodwa kumelwe kube uhlobo olufanelekile lwentukuthelo.” Kodwa yiluphi “uhlobo olufanelekile lwentukuthelo”?
Intukuthelo Elungile
Nakuba intukuthelo ingeyona enye yezimfanelo zakhe ezivelele, uJehova uchazwa ngokuphindaphindiwe emiBhalweni njengoba nayo intukuthelo futhi ayibonakalise. Nokho, ngaso sonke isikhathi ulaka lwakhe lusuke lufanelekile ngezizathu ezimbili. Esokuqala, akalokothi athukuthele ngaphandle kwesisekelo esifanele. Futhi esesibili, ubonakalisa intukuthelo yakhe ngendlela eqotho nelungile, akalokothi ahluleke ukuzibamba.—Eksodusi 34:6; IHubo 85:3.
UJehova uthukutheliswa ukungalungi kwangamabomu. Ngokwesibonelo, watshela ama-Israyeli ukuthi uma ehlukumeza abesifazane nabantwana abangenakuzisiza, ‘wayezokuzwa nokuzwa ukukhala’ kwabo. Waxwayisa: “Ulaka lwami luyakuvutha.” (Eksodusi 22:22-24; qhathanisa nezAga 21:13.) NjengoYise, uJesu wayenozwela ngezingane. Lapho abalandeli bakhe ababenezinhloso ezinhle ngesinye isikhathi bezama ukuvimbela izingane ukuba zize kuye, “uJesu wathukuthela” futhi wazigona lezozingane. (Marku 10:14-16) Ngokuphawulekayo, igama lesiGreki elisho “ukuthukuthela” ekuqaleni lalibhekisela “ebuhlungwini obungokomzimba noma ukucasuka.” Imizwelo enamandla ngempela!
Intukuthelo elungileyo yavuka ngokufanayo enhliziyweni kaJesu lapho ebona ukuthi abathengisi nabashintshiselana ngemali babeguqule indlu kaYise yaba “umhume wabaphangi.” Wagumbuqela amatafula abo futhi wabaxosha lapho! (Mathewu 21:12, 13; Johane 2:15) Lapho abaFarisi nababhali bebonisa ukukhathalela kwabo okukhulu imithetho yabo yeSabatha eyisicefe kunokukhathalela abagulayo ababedinga usizo, uJesu ‘wezwa ubuhlungu ngokujulile lapho ebona ukungabi nabuntu kwabo’ futhi “waphenduka ebuka ubuso obabumzungezile ethukuthele.”—Marku 3:5, Phillips.
Ngokufanayo, uMose othembekile wasendulo wagcwala intukuthelo elungile ngenxa yama-Israyeli lapho elahla phansi izibhebhe zoMthetho kaMose. (Eksodusi 32:19) Futhi umbhali olungile u-Ezra wayethukuthele kakhulu ngokungalaleli kwama-Israyeli umthetho kaNkulunkulu ngokuphathelene nomshado kangangokuthi waklebhula izingubo zakhe waze wasiphula ngisho nezinwele zakhe!—Ezra 9:3.
Bonke labo ‘abathanda okuhle’ balwela ‘ukuzonda okubi.’ (Amose 5:15) Ngakho, amaKristu namuhla angase ezwe intukuthelo elungile ezinhliziyweni zawo lapho ebona izenzo zangamabomu zokungaphenduki zonya, ubuzenzisi, ukungathembeki, noma ukungabi nabulungisa.
Ukusingatha Intukuthelo Ngokufanelekile
Akulona iphutha ukufanisa kweBhayibheli intukuthelo nomlilo. Njengomlilo, nayo inendawo yayo. Kodwa futhi ingaba ngebhubhisa kakhulu. Ngokuvamile, ngokungafani noJehova noJesu, abantu baba nentukuthelo ngaphandle kwesisekelo esifanele noma intukuthelo yabo bayibonakalisa ngendlela engalungile.—Bheka uGenesise 4:4-8; 49:5-7; Jona 4:1, 4, 9.
Ngakolunye uhlangothi, ukumane uyicindezele intukuthelo wenze sengathi ayikho nakho kungase kungabi okulungile. Khumbula, uPawulu weluleka: “Ilanga malingashoni nisathukuthele.” (Efesu 4:26) Zikhona izindlela ezingokomBhalo zokubonakalisa intukuthelo, ‘njengokuzindla enhliziyweni yakho,’ ukhulume ngemizwa yakho nomuntu ovuthiwe onesifuba, noma ngisho ukuya kumenzi wobubi ngesizotha.—IHubo 4:4; IzAga 15:22; Mathewu 5:23, 24; Jakobe 5:14.
Ngakho-ke, kusobala ukuthi akukubi ngaso sonke isikhathi ukuthukuthela. Bobabili uJehova noJesu bake bathukuthela—futhi basazothukuthela! (IsAmbulo 19:15) Uma sibalingisa, singase sibhekane ngisho nezimo lapho kungalungile ukungathukutheli! Isihluthulelo singaba ukulandela iseluleko seBhayibheli, siqiniseke ngokuthi sinesisekelo esiyiso semizwa yethu nokuthi siyibonakalisa ngendlela elungile yobuKristu.
[Isithombe ekhasini 18]
UKayini no-Abela