Ukungavivinyi Umzimba Kungakubulala
LESO isigijimi esivela kukho kokubili i-American Heart Association ne-Heart and Stroke Foundation yaseCanada. Emashumini eminyaka, ukubhema, umfutho wegazi ophakeme, namafutha amaningi egazini kwakubalwa njengokuphela kwezici eziyinhloko eziyingozi zesifo senhliziyo ezingalawuleka. Kodwa ngo-1992 kwanezelwa esinye isici—ukungavivinyi umzimba. Mhlawumbe kuyisici okulula kunazo zonke ukusilawula.
“Mane nje ukwenze futhi ukwenze njalo,” kusho uDkt. John Duncan waseDallas, eTexas. Ngeshwa, abaningi abawuvivinyi njalo umzimba. “EMelika kunombono oyiphutha wokuthi ngenxa yomkhuba othandwayo wokuzivivinya weminyaka emithathu noma emine edlule, amaMelika engeziwe ahileleka ekuvivinyeni umzimba,” kusho uTom McMillen, isekela likasihlalo we-President’s Council on Physical Fitness and Sports. “Lokho akulona iqiniso. Cishe abantu abangu-250 000 abafayo ngonyaka babulawa ukungawuvivinyi umzimba.”
“AmaMelika angamaphesenti angu-22 kuphela namuhla avivinya umzimba ngokwezinga elituswayo ukuze ube nempilo enhle,” ngokukaDkt. Walter R. Dowdle, umqondisi obambele we-Centers for Disease Control yase-U.S. “Kudingeka umzamo wezwe lonke wokulwa nezinga eliphakeme lokungavivinyi umzimba e-United States.”
Akudingeki ukuzivivinya okunzima, njengoba kwabika i-Medical Post yaseCanada: “Ucwaningo olusha lukufakazele ukuthi ngisho nokushaywa umoya kungazuzisa ngokwempilo.” UDkt. Anthony Graham, isikhulu sezifo zenhliziyo eSibhedlela saseWellesley eToronto, eCanada, wachaza: “Lapha sikhuluma ngokuvivinya umzimba okulinganiselwe, uhlobo oluthile lokuzivivinya olungaba nesizotha njengokusebenza njalo engadini yakho kaningana ngesonto, noma ukuthatha uhambo olufushane. . . . Manje sithola nokuthi uma lesisilinganiso sokuzivivinya senziwa njalo siyonciphisa ingozi kumuntu ngamunye. Kuwuhlobo oluthile ‘lwendlela kawonk’ uwonke’ yokuzivivinya.”
UDkt. Russell Pate wase-University of South Carolina wavuma, ethi: “Ngiyaqiniseka ukuthi izigidigidi zabantu emphakathini zinombono wokuthi uma zingajoyini izindawo zamaqembu okuzivivinya futhi zichithe amahora amahlanu lapho ngesonto, akukho ezingakwenza. Ngicabanga ukuthi kufanele siwuvume ngokomthetho umbono wokuthi uhambo oluhle, lokunethezeka uzungeza indawo yangakini ngemva kwedina luyinto efiselekayo ukuyenza.”
Njengoba ngisho nokuvivinya umzimba okulinganiselwe kunenzuzo empilweni yakho, ingabe ungaluthatha njalo uhambo noma wehle wenyuka ezitebhisini kunokuhamba ngekheshi? Kungani ungamisi imoto yakho ebangeni eliqhelile endaweni oya kuyo, mhlawumbe esitolo sokudla, bese uhamba ibanga elisele? “Noma yikuphi kungcono kunokungenzi lutho,” kuphawula uDkt. Robert E. Leach, usihlalo womnyango wezifo zamathambo eBoston University Medical Center.