Bazali—Melelani Izingane Zenu
ABAZALI bafunela amadodana namadodakazi abo okungcono kakhulu. Empeleni, umphostoli ongumKristu uPawulu wayala obaba ukuba bakhulise izingane zabo ngesiyalo sikaNkulunkulu. (Efesu 6:4) Inkosi yasendulo uSolomoni yayala intsha: “Kunakisise lokho uyihlo nonyoko abakutshela khona. Imfundiso yabo iyothuthukisa ubuntu bakho.”—IzAga 1:8, 9, Today’s English Version.
Pho-ke, izikole zingenaphi emalungiselelweni abazali emfundo? Futhi bufanele bube njani ubuhlobo phakathi kwabazali nothisha?
Izindima Zabazali Nothisha
“Abazali . . . bangabaqeqeshi ababaluleke kakhulu bezingane zabo,” kugcizelela uDoreen Grant, umsunguli wocwaningo oluphathelene nethonya lesikole endaweni ezungezile yasekhaya. Kodwa wena njengomzali, ungase uthole lowombono kunzima ukuwamukela.
Mhlawumbe uyaqaphela ukuthi izindlela zokufundisa sezishintshe kakhulu kusukela waphuma esikoleni. Izikole namuhla sezinezifundo ezazingaziwa ngaphambili, njengesifundo semithombo yezindaba, imfundo yezempilo, ne-microelectronics. Lokhu kuye kwaholela abanye abazali ukuba bangazihluphi kangako ngesikole. “Ukukhuluma nothisha bengane yakhe kwenza umzali ozethembayo azizwe njengengane eneminyaka emihlanu futhi engamafidi amane ubude,” kuloba uDkt. David Lewis kwethi Help Your Child Through School. “Kunokukhuluma nothisha njengabantu abadala ngezinkinga noma lokho okubakhathazayo, abanye baziphatha njengezingane.”
Ngempela, yilapho kuvela khona izinkinga ezingathi sína kuphela lapho abanye abazali bethintana khona nothisha bezingane zabo. Futhi-ke, ngokuvamile, kusuke kuzokhonondwa. Noma kunjalo, abazali, njengoba abaningi benza, banganikela kakhulu emfundweni yezingane zabo ngokubambisana nothisha.
Umthwalo wakho wemfanelo njengomzali udinga ukuba ukuhlole futhi ube nesithakazelo kulokho ingane yakho ekufundayo esikoleni. Kungani kunjalo? Ngenxa yokuthi othisha, ngokwesimo somsebenzi wabo, bayanikela ekuziphatheni komntanakho. Izindinganiso abanazo ziyabathinta abafundi babo, ngoba izingane zibheka othisha njengezibonelo zokulingiswa. Ngokuvamile, othisha abaningi bayakwamukela ukubambisana nabazali babafundi babo.
Omunye uthisha-nhloko eningizimu Jalimane wabhalela abazali: “Sekuye kwaba sobala kithina bothisha, ukuthi ngokungafani nanoma imuphi unyaka wangaphambili, iningi labafundi bethu, ikakhulukazi labo abasanda kungena esikoleni [eJalimane, abaneminyaka eyisithupha ubudala], ngisho kwamanje ngokuvamile abanaluzwela futhi abanandaba, abakhuliswanga kahle. Abaningi abalawuleki ngokuphelele, abakwazi ukubona umehluko phakathi kokuhle nokubi; abanawo umuzwa wecala; bayazazisa kakhulu, abafuni ukuzihlanganisa nabanye; futhi basheshe bacasuke ngaphandle kwesizathu, baklinye futhi bakhahlele [abanye].”
Lomqeqeshi waqhubeka: “Ngisho noma thina bothisha sithola obukhulu ubunzima ngenxa yalokho, asifuni ukukhononda. Kodwa kumelwe siqaphele ukuthi, nakuba kunjalo, isikole ngeke sifundise futhi sikhulise izingane sisodwa. Sithanda ukunikhuthaza bazali abathandekayo ukuba kenizimisele ukuzibambela mathupha ekukhuliseni izingane zenu futhi ningakushiyeli kuthelevishini noma emgwaqweni lokho empeleni okuyingxenye [yomthwalo wemfanelo] wenu wokukhula kobuntu bazo, nizifundise izindinganiso zokuziphatha.”—Omalukeke sizenzele.
Ngisho nalapho othisha sebezincengela kanjena ukuba kubanjiswane nabo, abazali abaningi bayenqena ukusiza. “Akwenziwa ukuthi abanandaba, bamatasa kakhulu noma bantula ukuzethemba,” kusho uDavid Lewis, “kodwa kwenziwa ukukholelwa kwabo kakhulu ekutheni indlela umntwana enza kahle ngayo, noma kabi ngayo esikoleni, ayihlangene nakancane nendlela akhuliswe ngayo kodwa ufuzo lwakhe.” Kodwa lombono awulona neze iqiniso.
Njengoba nje izinkinga zasekhaya ngokuvamile ziwuthinta umsebenzi wesikole wengane, nokuphila kwasekhaya okuhle kungayisiza ingane ukuba ithole okungcono kakhulu esikoleni. “Umkhaya unethonya elikhulu ekuphumeleleni nasekwehlulekeni emfundweni ukwedlula isikole,” kuphetha okunye ukuhlola kwezemfundo. Incwadi ethi How to Help Your Child Through School iyavuma: “Ngisho nomzali omatasa kakhulu kufanele azi ukuthi isimo sakhe sengqondo—isithakazelo nesikhuthazo asibonisayo, nokusekela akunikezayo, ngisho kukuncane kangakanani—kungaba nokubaluleka okukhulu entuthukweni yengane.”
Ungabambisana kanjani-ke nothisha bengane yakho?
Melela Ingane Yakho
(1) Yiba nesithakazelo esiqotho kulokho umntanakho akufundayo esikoleni. Isikhathi esingcono kakhulu sokuqala yilapho umntanakho eqala ukuya esikoleni. Izingane ezincane ngokuvamile zilwamukela kangcono usizo lwabazali kunentsha.
Funda nengane yakho. “Amaphesenti angaba ngu-75 okufunda okuhleliwe,” ngokusho kukaDavid Lewis, “enzeka ngokufunda izincwadi.” Ngakho ungafeza ingxenye ebalulekile ekuthuthukiseni ukufunda ngokushelelayo komntanakho. Ukucwaninga kubonisa ukuthi intuthuko yezingane ezisizwa ekhaya ukuba zifunde ngokuvamile iyazedlula eyezingane ezithola usizo lothisha abafundisa amakhono okufunda esikoleni.
Ngokufanayo, ungayisiza ingane yakho ekubhaleni, yebo, nasezibalweni. “Akudingekile ukuba uze ube ungqondongqondo ezibalweni ukuze usize ngezibalo ezilula,” kuphawula umqeqeshi uTed Wragg. Yiqiniso, uma kwawena uludinga usizo kulokhu, ungakuvumeli ukuntula kwakho ikhono kukuvimbele ekubeni nesithakazelo esiqotho kulokho umntanakho akufundayo.
(2) Bonana nothisha wengane yakho mayelana nohlelo lwezifundo. Ngokufunda iziyalezo zesikole, thola ukuthi umntanakho uzobe efundiswani. Ukwenza kanjalo ngaphambi kokuba kuqale ukufundwa kuzokusiza ekuboneni izindawo ezizoba nezinkinga. Khona-ke, ukuvakashela uthisha ukuze nixoxe ngendlela izifiso zakho njengomzali ezingahlonishwa ngayo kuzohlahla indlela yokubambisana okuhle. Yisebenzise ngokunenzuzo imihlangano yokujwayelanisa othisha nabazali ehlelwa isikole. Ngezinsuku okumenywa ngazo abazali ukuba bazobona indlela abantababo abaqhuba ngayo, yiya esikoleni, futhi ukhulume nothisha bengane yakho. Ukuxhumana okunjalo kubaluleke kakhulu, ikakhulukazi lapho kuphakama izinkinga.
(3) Siza umntanakho ekukhetheni izifundo. Kwazi lokho umntanakho akuthandayo nangakuthandi. Khuluma ngemigomo ebalulekile. Thintana nothisha ukuze uthole zonke izifundo ezikhona angakhetha kuzo. Bona bayokwazi nganoma iziphi izinkinga eziphathelene nokuhlelwa kwesikhathi ezilinganisela ukukhethwa kwezifundo.
Ukuphatheka kabi kungagwenywa ngokukhulumisana okucacile. Izikole eziningi zigqugquzela abafundi abakhaliphile ukuba baphishekele imfundo ephakeme. Kodwa abafundi abakhetha inkonzo yobuKristu njengesabelo sabo ngokuvamile bayakugwema ukungenela imfundo yaseyunivesithi ethatha isikhathi eside. Kunalokho, uma bekhetha imfundo yokunezela emakhonweni abo, bakhetha ukwenza izifundo ezibahlomisela ukuba baziphilise. Othisha abakhathalelayo ngezinye izikhathi bangase ngephutha lokhu bakubheke njengokunganakwa kwakho konke lokho abaye bakufundisa. Ukubachazela ngesineke othisha ngemfundo eyengeziwe umntanakho angayingenela emkhakheni umntanakho asewukhethile kungabaqinisekisa ukuthi abazali abangamaKristu bayafuna ukuba izingane zabo ziqhubeke zifunda.a
Indlela Efanele Yokubhekana Nesimo
Ungagwema ukukhathazeka kakhulu nobuhlungu benhliziyo mayelana nemfundo yezingane zakho ngokukhumbula ukuthi ubuhlobo obuphumelelayo bakhelwa phezu kokukhulumisana okuhle.—Siza ubheke ibhokisi elithi “Izinyathelo Zokukhulumisana Okuhle Phakathi Komzali Nothisha.”
Esikhundleni sokukhononda nokugxeka, yiba ngummeleli wengane yakho ngokuxhumana nangokubambisana nothisha. Ngokwenza kanjalo, uyosiza izingane zakho ukuba zithole okungcono kakhulu esikoleni.
[Umbhalo waphansi]
a OFakazi BakaJehova abakhetha inkonzo yobuKristu njengomsebenzi wabo futhi abakhonza njengezikhonzi zesikhathi esigcwele banethuba lokuya ezifundweni zamasonto amabili eSikoleni Senkonzo Samaphayona. Abanye ngokuhamba kwesikhathi bafanelekela ukubhalisela izifundo zezinyanga ezinhlanu zokuqeqeshwa njengezithunywa zevangeli eziqhutshwa i-Watchtower Bible School of Gilead ukuze bahlonyiselwe ukuba izithunywa zevangeli.
[Ibhokisi ekhasini 10]
Izinyathelo Zokukhulumisana Okuhle Phakathi Komzali Nothisha
1. Bazi othisha bengane yakho.
2. Hlolisisa amaphuzu akho ngaphambi kokuba ukhononde.
3. Uma ucasukile noma uthukuthele, ngaso sonke isikhathi linda lehle igwebu ngaphambi kokukhuluma nothisha.
4. Ngaphambi kokubonana nothisha, bhala phansi imibuzo ofuna ukuyibuza, futhi wenze uhlu lwemigomo onethemba lokuyifeza.
5. Sicacise ngokuqinile nangokusobala isimo sakho, bese-ke ubambisana nothisha ukuze ubone ukuthi iziphi izinyathelo ezinengqondo ezingathathwa ukuze kunqotshwe noma iziphi izinkinga.
6. Zibeke esimweni sikathisha. Zibuze ukuthi ubungenzenjani wena ukuba ubusesimweni sakhe. Lokhu kuyokusiza ekubonisaneni ngomphumela ogculisayo.
7. Lalela futhi ukhulume. Ungesabi ukubuza imibuzo uma kukhona ongakuqondi. Uma ungavumelani nalokho okushiwoyo, khona-ke yisho, futhi uchaze ngesizotha ukuthi kungani.
—Isekelwe kwethi Help Your Child Through School, kaDkt. David Lewis.
[Isithombe ekhasini 9]
Funda nengane yakho
[Isithombe ekhasini 9]
Vakashela othisha ukuze nixoxe ngohlelo lwezifundo
[Isithombe ekhasini 9]
Siza umntanakho ekukhetheni izifundo