Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 11/22 k. 20-k. 23 isig. 4
  • Angiselona Idwala Noma Isiqhingi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Angiselona Idwala Noma Isiqhingi
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufika KoFakazi BakaJehova
  • Ukubuya KwaloFakazi
  • Sadalelwa Ukuthanda Nokuthandwa
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Umkhaya Owangithanda Ngempela
    I-Phaphama!—1995
  • Okuthile Okubi Kakhulu KuneAIDS
    I-Phaphama!—1990
  • Ukusondela KuNkulunkulu Kwangisiza Ukuba Ngiphumelele
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 11/22 k. 20-k. 23 isig. 4

Angiselona Idwala Noma Isiqhingi

UMUSHO wengoma ethile yangawo-1960 wawuthi: ‘Ngiyidwala/Ngiyisiqhingi/Futhi idwala alibuzwa ubuhlungu/Futhi isiqhingi asikhali neze.’ Lengoma yayiyintandokazi kimi ngoba yileyondlela engangiphila ngayo. Angikhumbuli nakancane ngizwa izinto abanye ababethi bayazizwa, njengothando, isihawu, nozwela. Ngangishaya sengathi nginayo leyomizwa futhi ngicabanga ukuthi nabanye babenza kanjalo. Angikhumbuli nakancane ngikhala lapho sengimdala. Kodwa lapho—sengineminyaka engu-50 ubudala futhi ngikhonza njengomdala ebandleni lobuKristu, ngazithola ngingedwa ekhaya, nginesilokozane ngenxa yencwadi ethile engangiyifunda. Kungenzeka kanjani lokhu ‘kulelidwala, kulesisiqhingi’?

Ngazalwa ngo-1936 emaphethelweni edolobha laseBoston, ngingowesine kubantwana abangu-8. Ubaba nomama babeyimilutha yotshwala. Sasingaxoxi ngemizwa, ukugona, noma ukubonakalisa uthando nganoma iyiphi indlela engiyikhumbulayo. Lapho nginezinyanga eziyisithupha ubudala, othile wangifaka kubhavu, wavala imbobo yokukhipha amanzi, wavulela amanzi, wangishiya. Umnakekeli wendlu wangithola wasindisa ukuphila kwami. Okuwukuphela kwezinto engangizizwa ngisengumntwana kwakuwukwesaba, intukuthelo, nobuhlungu emzimbeni.

Lezizinto ngazifundiswa ubaba owayevele athukuthele agane unwabu futhi cishe ngazo zonke izikhathi akubonakalise ngezibhakela nangokukhahlela umzimba wami omncane. Indlela ayebukeka ngayo ngalezozikhathi isangesabisa namanje eminyakeni eyingxenye yekhulu kamuva. Cishe ukuphila kwami konke ngangikholelwa ukuthi wayengishaya ngoba ngangingumfana omubi kakhulu, kodwa manje ngiyazi ukuthi ukungithukuthelela kwakhe kwakungahlangene nakancane nobuhle nobubi bami.

Lapho ngineminyaka emihlanu neyisithupha, ngaxhashazwa ngokobulili udokotela womkhaya wakithi. Lapho ngiqala ukuya esikoleni, sasihlala edolobheni elalinama-WASP (white Anglo-Saxon Protestants, [ama-Anglo-Saxon amhlophe angamaProthestani]) angu-250 000, kodwa engangifunda nabo babengihlukumeza futhi bangixoshe, mina engangingumfanyana ongumJuda. Lapho lamaqembu ezingane eziyishumi noma ezingu-12 engibamba, ayengikhumula izingubo, angishaye, bese ephonsa izingubo zami phezulu ezihlahleni. Kwakudingeka ngigibele ezihlahleni nginqunu ukuze ngithathe izingubo zami.

Enyangeni eyodwa ngaphambi kokuba ngibe neminyaka engu-18 ubudala, ngangenela impi ukuze ngibaleke ekhaya. Kuze kube yilesosikhathi ngangingakaze ngibuthinte utshwala, kodwa cishe ngokushesha ngaqala ukuphuza futhi ngaba umlutha ngokushesha. Ngahlala iminyaka engu-20 empini futhi ngangiyizama ngazo zonke izindlela imali yokuthenga utshwala. Ngashada lapho ngineminyaka engu-24 futhi ngaba nendodana, kodwa umkami nendodana babehlala endlini ebuswa futhi ilawulwe umlutha wotshwala—mina—owawubabheka bobabili njengomthwalo nezindleko ezingadingekile.

Ngathatha umhlalaphansi empini ngo-1974 futhi ngazama ukuqhuba ibhizinisi okwesikhashana, kodwa ngaliyeka masinyane. Ngangingasaphuzi, njengoba umzimba wami wawungasabamukeli utshwala. Ngangiqubuka umzimba ngemva kokuphuza kanye noma kabili. Ngase ngiluthwe izidakamizwa—ikakhulukazi insangu, kodwa nezinye uma zitholakala. Lokhu kwabangela ukuba ngingakwazi ukulondoloza umsebenzi, ngakho ngahlala ekhaya nganakekela indlu ngesikhathi umkami, uDonna, esebenza.

Ukufika KoFakazi BakaJehova

Ngolunye usuku ekuseni umkami wayelibangise emsebenzini. Kwakungu-7:30, kodwa ngase ngidakiwe. Lokhu kwamthukuthelisa. Lapho ephuma ngomnyango wangaphambili wangijikijela ngophawu wayesememeza: “Ngifisa sengathi bangakuhlupha uze ufe.” Loluphawu kwakuyilolo ayelubeka njalo efasiteleni lubhalwe ngosonhlamvukazi futhi lufundeka kanje, “NO JW’S [Abafuneki OFakazi BakaJehova].” Ngalufaka emgqomeni kadoti. Ngakusasa ekuseni kwafika abesifazane ababili emzini wami. BabengoFakazi BakaJehova.

Ngalesisikhathi ngase ngamukele ubuBuddha njengenkolo yami. Ngangilenqabe kudala iBhayibheli ngenxa yobuzenzisi babazali bami abangamaJuda namaKatolika. Kwase kuyisikhathi eside ngifuna uNkulunkulu futhi ngase ngihlanze ngedela, ngicabanga ukuthi akekho uNkulunkulu. Ngangikholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo futhi nginomuzwa wokuthi ngangikubonakalisile ukuthi uNkulunkulu akekho ngokuphumela phandle ngenkathi yeziphepho ezinemibani ngibheke phezulu ngethuke uNkulunkulu ngawo wonke amagama engangingase ngiwacabange ngithi: “Uma ukhona, ngibulale.” Ukuba nganginguNkulunkulu, ngangiyokwenza kanjalo. Njengoba engazange enze lutho, ngaphetha ngokuthi kumelwe ukuba akekho uNkulunkulu. Ngangicabanga ukuthi umhlaba wawuzobhujiswa ngenxa yokwehluleka komuntu ukuyeka ukuwucekela phansi, futhi ngangithemba ukuthi ngangingakubona konke kwenzeka ku-TV ngesikhathi ngihleli ngidakiwe.

Kwenzeka-ke ukuthi ngakusasa ekuseni kufike laba besifazane ababili. Ngangidakwe izidakamizwa futhi ngifuna injabulo. Saba nengxoxo engasho lutho isikhathi esiyimizuzu engaba ngu-20, kwaphetha ngokuthi bangishiyele incwadi encane eluhlaza ebiza amasenti angu-25. Ngacabanga ukuthi imizuzu engu-20 yenjabulo yayiwafanele amasenti angu-25 khona-ke ngayithatha lencwadi ngayijikijela etafuleni ngingenasithakazelo.

Ngakusasa ekuseni ngangifuna okuthile engingakufunda ukuze ngingabhemi insangu okwesikhashana. Ngabona lencwadi encane eluhlaza ngayicosha, nginethemba lokuthi yayingangijabulisa isikhathi esingangehora. Emahoreni amane kamuva ngase ngiyiqedile lencwadi futhi ngiqiniseka ngokugcwele ukuthi yayiyilokho isihloko sayo esasikusho: IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Nganginezidakamizwa endlini futhi ngangazi ukuthi uma nje ngike ngayibeka phansi lencwadi ngangizobhema bese ngikushaya indiva konke engangikufundile. Ikhasi lokugcina lalikhuluma ngesipho seBhayibheli esiyi-dollar kuphela, ngakho ngafaka i-dollar emvilophini ngase ngiliposa, ngithi kuNkulunkulu—ngangingakaze ngithandaze ekuphileni kwami—“Nkulunkulu, yilokhu kuphela engingakwenza, konke okunye ngikushiyela kuwe.” Ngaliposa, ngadakwa izidakamizwa, ngase ngikushaya indiva konke okwakusanda kungishukumisa ngokujule kangaka.

IBhayibheli lafika ngeposi, kodwa ngamane ngalibeka eceleni. Ngokushesha ngemva kwalokho, kwafika oFakazi ababili bacela ukufunda nami iBhayibheli, ngavuma. Ukufunda kwakuthakazelisa kodwa ngangingathuthuki ngoba ngangifuna ikakhulukazi ukubahlaba umxhwele ngolwazi lwami lwefilosofi. Ngaphezu kwalokho, ngangisebenzisa izidakamizwa ngokushesha ngemva kokuba behambile, futhi lokhu kwakuyibhidliza intuthuko engangiyenze ngalolosuku.

Ekugcineni, ngemva konyaka, omunye walaboFakazi, uJim, wafika futhi wangicela ukuba ngifunde uHezekeli 33:9. Ngamfunda kanje: “Uma umxwayisa omubi ukuba ashiye indlela yakhe, abuye kuyo, angabuyi kodwa endleleni yakhe, uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha wena uzikhululile.” Khona-ke wangibuza ukuthi ngicabanga ukuthi lombhalo usho ukuthini. Ngaphendula: “Usho ukuthi ngeke usabuya futhi ngizofa.” Wathi, “Kunjalo,” wayesehamba.

Ukubuya KwaloFakazi

Ngiyajabula ukusho ukuthi ngathola ukuthi ngangisenonembeza—ngangicabanga ukuthi ngase ngiwubulele kudala. Njengoba ngangililangazelela ikusasa engangilifunde eBhayibhelini, nganquma ukuzama ukuyeka izidakamizwa. Amasonto amaningi ngazama ngingaphumeleli. Ngobunye ubusuku umkami wasikisela ukuthi ngibize “loyamngane,” ebhekisela kuFakazi, uJim. Ngamtshela ukuthi wayethe ngeke esabuya, futhi ngangingayazi inombolo yakhe yocingo. Ngase ngiphelelwe ithemba ngempela.

Ngalo kanye usuku olulandelayo, sathola INqabayokulinda ifakwe ngaphansi komnyango wangaphambili ibhalwe inombolo yocingo lukaJim. Umkakhe wayeyishiye “ngaphandle kwesizathu esikhethekile.” Ngamshayela ucingo ngamazisa ngenkinga yami yotshwala nezidakamizwa ngase ngimbuza ukuthi angangisiza yini. Wangitshela ukuthi uma ngiyeka ukusebenzisa izidakamizwa, wayezofika afunde nami zonke izinsuku.

Lokhu kwaqala inkathi yokufunda ngokuzimisela eyathatha sonke isikhathi sami sasemini nasebusuku. Akazange afunde nami nsuku zonke nje kuphela kodwa wayenginikeza nezincwadi zokufunda iBhayibheli nezihloko ze-Nqabayokulinda. Ngangilala amahora amane kuphela ebusuku—inkinga evamile yemilutha yotshwala—futhi sonke isikhathi sami ngangisinikele ekufundeni iBhayibheli. Njengoba ngangingasenazo izidakamizwa, konke engangikufunde onyakeni odlule, kuhlanganise nakho konke engangikufunda ngokutadisha amahora angu-18 kuya kwangu-20 usuku ngalunye, kwangifinyelela inhliziyo ngokushesha.

Ngaphezu kwalokho, ngaqala ukuya kuyo yonke imihlangano yoFakazi. Phakathi namasonto ambalwa nje, ngase ngithuthukele eqophelweni lokwenza umthandazo wokuqala wangempela ekuphileni kwami, futhi okwakuwumthandazo wokuzinikezela kwami. Ngaqala ukuya endlini ngendlu futhi ngishumayela kubo bonke engibaziyo. Ngaqala izifundo ezingu-7, futhi ezinhlanu zathuthukela ekubhapathizweni, kuhlanganise nomkami nendodana. Ngabhapathizwa emhlanganweni wesifunda ngo-May 23, 1976, ngemva kwezinyanga ezintathu nje ngangishayele “loyamngane” ucingo. Ngaqala ukuphayona (ukushumayela isikhathi esigcwele) futhi ngaqhubeka iminyaka engu-13.

Lokhu kungibuyisela lapho ngiqale khona lendaba—ngineminyaka engu-50 ubudala, ngihlezi ngedwa ekhaya, ngikhala ngiphethe incwadi ethile. Izincwadi zokuzithuthukisa zazithandwa kakhulu ngawo-1980, futhi ngafunda enye yazo. Eqinisweni, ingxenye yokuzithuthukisa ayizange ingisize. Angizange ngithambekele ekulandeleni ukucabanga kwezwe eyayikunikeza. Kodwa lencwadi yangisiza ukuba ngibone ngokokuqala ngqá indlela iminyaka yami yasebuntwaneni enezibazi nezidingo zothando olungokomzwelo ezinganeliswanga okwakungishiye ngikhubazeke ngayo ngokomzwelo. Izinyembezi ezangifikela kwakungezenjabulo ngoba ngase ngiqonda ukuthi kungani ngaso sonke isikhathi ngangingathinteki ngokomzwelo, futhi kwakuyizinyembezi zosizi ngokulahlekelwa okukhulu engaba nakho iminyaka engu-50 ngingumuntu onemizwelo kodwa owayengakwazi ukuyibonisa. Kwaveza imbangela yokucindezeleka ngokuphindaphindiwe kukho konke ukuphila kwami.

Njengoba ngifunda eBhayibhelini ngoJehova nangothando lwakhe, nokuthi uyangithanda nami, ngafikelwa kancane kancane imizwelo eyayingakaze ingifikele ngaphambili. Indlela engithanda ngayo umkami nendodana yami, abazalwane nodade emabandleni kaNkulunkulu, nabantu engishumayela kubo ivangeli loMbuso kaNkulunkulu, ukuthi nabo babe nethuba lokuphila phakade ezweni elisha lokulunga likaJehova elithenjisiwe lapha emhlabeni.

Sadalelwa Ukuthanda Nokuthandwa

Sadalelwa ukuthanda nokuthandwa. Lapho umntwana ezalwa, udinga loluthando nokwamukelwa. Lapho engalutholi uthando nokwamukeleka kubazali bakhe, uzizwa engathandeki futhi engabalulekile. Lapho ngisewumntwana, ngangilangazelela ukufukulwa, ukugonwa, nokuphululwa. Namanje ngisakhumbula ukuthi lapho kufika izivakashi ekhaya, zazingibuka enqoleni yami, bese ngiba nethemba lokuthi zaziyongifukula. Azizange, futhi ngangiqala ukukhala ngoba akekho owayengifukula.

Izibazi ezinjalo zasebuntwaneni zazingishiye ngikhubazekile endimeni yami njengendoda nenhloko yomkhaya futhi zangishiya ngingakholelwa ukuthi uJehova, uBaba wasezulwini, wayengangithanda. Iqiniso ngoJehova langishintsha kancane kancane, lasusa umbono wami ngaye ekhanda lami lawufaka enhliziyweni, futhi sengiyazi ukuthi uJehova ungithanda ngokungagodli. Ngiyazi futhi ukuthi ayikho indlela esingalufanelekela ngayo lolothando. Luwumusa ongasifanele kaJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu wothando.

Okubaluleke kakhulu kukho konke lokhu ukuthi ngenxa yezibusiso zikaJehova, mina nomkami uDonna sesiphila ukuphila okuhle. Okwamanje sikhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabashumayeli boMbuso, nebandla elincane elinothando edolobhaneni elihle ezintabeni zase-Arizona. Ngikhonza njengombonisi owengamele kulelibandla, ngiqhuba isifundo sencwadi sebandla, futhi ngikujabulela kakhulu ukuqhuba iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Nginebhizinisi elincane lokugeza amafasitela elenezela empeshenini yami kangangokuba sinakho konke esikudingayo ngokwezinto ezibonakalayo nesikhathi esanele sazo zonke izici zenkonzo yethu esiyinikeza uBaba wethu wasezulwini onothando.

Uma ngibheka emuva lapho ngangikhona ngalolosuku ekuseni ngesikhathi umkami engijikijela ngophawu oluthi “NO JW’S,” ngimbonga ngempela uBaba wasezulwini ngalokho angenzele khona. Kusukela ekubeni umlutha ongakwazi ukulondoloza umsebenzi futhi nginethemba kuphela lokubona bonke abantu befa kanye nami, manje ngiyilungu lenhlangano kaJehova ebonakalayo emhlabeni futhi ngizinikele ekwaziseni abaningi ngangokunokwenzeka izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, okuwukuphela kwethemba lezwe. Futhi uJehova uye wagcwalisa ukuphila kwami ngabantu abanginikeza lokho ebengilokhu ngikufuna: uthando, ithemba, nokwamukelwa.

Futhi angisazami ukuba “idwala” elingezwa buhlungu noma “isiqhingi” esingakhali.—Njengoba ilandiswa uLarry Rubin.

[Isithombe ekhasini 23]

ULarry Rubin nomkakhe, uDonna

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela