Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuzibulala Ngafunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ukuzibulala Kuyikhambi?” (April 8, 1994) nginovalo. Ngineminyaka engu-20 ubudala futhi sengiyisikhonzi sesikhathi esigcwele. Kodwa esikhathini esingeside esidlule, ngangifuna ukuzibulala. UJehova uye wangisiza futhi usaqhubeka engisekela. Ezinsukwini ezimbalwa nje ezidlule lapho omunye wabangane bami abakhulu engitshela ukuthi wayezame ukuzibulala, ngafuna iseluleko esingokoqobo esasingamsiza ukuba angadangali. Lesisihloko saphendula imithandazo yami.
A. C., Italy
Esontweni elidlule nje nganginemicabango yokuzibulala enamandla. Ngathulula isifuba kumdala othile ongumKristu nomkakhe futhi bangisiza ukuba ngibhekane nesimo ngokuphumelelayo. Izihloko zenu eziningi ezikhuluma ngokucindezeleka ziye zasindisa ukuphila kwami.
D. J., United States
Ngithe manginibonge kakhulu ngenxa yalesisihloko. Sangithinta ngaphezu kwanoma isiphi isihloko sangaphambili engisikhumbulayo. Phela, eminyakeni ethile edlule ngangikholelwa ukuthi ukuzibulala kuyikhambi—indlela yokuphuma ezimweni ezibonakala zingabekezeleleki. Nokho, ngosizo lwabazali nabangane, ngaqaphela ukuthi nginesizathu esihle kakhulu sokuphila—uJehova wayefuna ukuba ngiphile.
M. V., United States
Ngathola lesisihloko sibanzi futhi sibhalwe kahle. Ngicabanga ukuthi leli ithuluzi eliyigugu kakhulu lokusiza noma ubani ongase acabange ukuzibulala. Zonke izibonelo ezifakiwe zangithinta inhliziyo.
L. S., United States
I-hippie Ngifisa ukunibonga ngesihloko esikhuluma ngoRichard Fleet esithi “Ukusuka Ekubeni Yi-hippie Kuya Ekubeni Isithunywa Sevangeli ENingizimu Melika.” (March 22, 1994) Ngemva komshado mina nengoduso yami sihlela ukuthuthela eHungary ukuyosiza ngomsebenzi wokushumayela lapho. Kuze kube manje benginovalo ngokushintsha ngokuphelele indlela yokuphila nokufunda ulimi olusha. Lesisihloko sabonisa ngokucacile ukuthi okubalulekile akuzona izithakazelo zomuntu siqu kodwa abantu esishumayela kubo.
S. H., Germany
Ngicabanga ukuthi bonke abantu abangashadile kufanele bafunde lesisihloko futhi baqaphele ukuthi ungaba inceku kaJehova futhi ujabule ngaphandle komngane womshado. Kuhle kakhulu ukufunda ngendlela indoda engashadile eyamsebenzisa ngayo ngokugcwele uMathewu 6:33 ekuphileni kwayo. Selokhu ngaqala ukukhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele eminyakeni emibili nengxenye edlule, ngiye ngaba nenjabulo enjengekaRichard Fleet.
D. M., United States
Ngathinteka ngempela lapho ngifunda ukuthi kunamadoda azikhathalelayo izintandane. Ngingumama ongayedwa onamadodana amane. Umzalwane othile ongumKristu wabonisa isithakazelo kwenye yawo, futhi manje leyondodana ilungiselela ukubhapathizwa maduzane. Lapho othile esondelana nezintandane, kwaziswa kakhulu.
P. T., United States
IChile Ngisanda kufunda umagazini ka-May 8, 1994, futhi ngisijabulele kakhulu isihloko esithi “IChile—Izwe Eliyingqayizivele, Umhlangano Oyingqayizivele.” Ngizizwe sengathi ngangikhona ngokwami kulomhlangano. Ngize ngaba nomuzwa wokwenqena ukuhamba lapho kuphela isimiso.
K. K., Japan
Ama-compact Disc Ngiyabonga ngesihloko senu esithi “I-compact Disc—Iphathelene Nani?” (April 22, 1994) Singikhanyisele kakhulu ngalama-disc. Ngemva kokulalela umshini womngane wami odlala ama-compact disc, ngamangazwa ukuvelela kwawo ngaphezu kweminye imishini yokudlala umculo.
S. D., Nigeria