Intsha Iyabuza. . .
Ngingazithuthukisa Kanjani Izingubo Zami Zokugqoka?
UROBERT ukhungathekile! Kumelwe aye emshadweni kadadewabo kodwa akanakho okokugqoka. Akukhona ukuthi uRobert usesimweni iBhayibheli elisibiza ngokuthi ‘ukuhamba-ze.’ (Jakobe 2:15) Kodwa izingubo zikaRobert ezivamile ngeke nje zifaneleke kulesisenzakalo esibalulekile.
Nokho, u-Angela osemusha kumelwe aye emicimbini emithathu, ngamunye ofuna indlela ehlukile yokugqoka. Nokho, ngokungafani noRobert, akanabo ubunzima bokuthola okuthile okufanelekayo angakugqoka. Akukhona ukuthi u-Angela ucebile. Umane nje unezingubo zokugqoka eziyisisekelo ezimenza agqoke ngokufaneleka ezimweni ezihlukahlukene.
Isihloko esithile kumagazini i-Woman’s Day sathi: “Izingubo zokugqoka zibalulekile. Zingaba nengxenye enkulu ekukwenzeni wename ngempela.” Lokho okugqokayo futhi kunethonya elikhulu endleleni abanye abakubheka futhi bakuphathe ngayo. Khona-ke, ngesizathu esihle iBhayibheli lisinxusa ukuba sembathe ‘izingubo ezifaneleyo, sizihlobise ngokuhlonipha nokuqonda.’ (1 Thimothewu 2:9) Uma ungumKristu, ukuba nezingubo zokugqoka ezifanelekayo kufanele kube into ebalulekile kuwe.
Nokho, kungenzeka yini ukuthi naphezu kokuba nezingubo zokugqoka eziningi, ngezinye izikhathi uba nomuzwa wokuthi akukho ongakugqoka? Iyini inkinga, futhi ungasilungisa kanjani isimo?
Izindleko Eziphakeme Zemfashini
Ngokuvamile inkinga akuyona imali kodwa umphumela wokuba isigqila sezitayela nezimfashini zezwe ezishintsha njalo. Incwadi ethi Youthtrends ithi “ezamabhizinisi ziyaqaphela ukuthi intsha iyochitha imali eningi kangakanani ukuze ibe namalebula abaklami abadumile.” Ishukunyiswa ukuhahela imali, imboni yezingubo zokugqoka isebenzisa izikhangiso ezihehayo zomagazini ne-TV ukuze inxenxele intsha ekuchitheni imali—ngokuqhubekayo! Njengoba liqiniswa ukucindezela kontanga, lelicebo liyasebenza. Omunye uthisha uyakhononda: “Bonke abantu bachitha izindodla zemali ezingutsheni zokugqoka futhi izingane ezingenayo imali yokuthenga . . . zithola imisebenzi yangemva kwesikole ukuze nje zithenge obhogadi babaklami abadumile.”
Ukuba isigqila semfashini kudla imali futhi kungase kukushiye ungenalutho lokuthenga izingubo zokugqoka eziwusizo ozidinga ngempela. Ngakho eyabaseRoma 12:2 inikeza iseluleko esihle lapho ithi: ‘Ningalingisi lelizwe, kodwa niguqulwe ingqondo.’ Yiqiniso, ukuba ngohlukile akulula ngaso sonke isikhathi. UCharlene oneminyaka engu-16 ubudala uyavuma: “Izingane esikoleni zikubuka kabi lapho ungagqoki njengazo.” Nokho, lapho uvumela abanye ukuba bakunqumele okwenzayo, uba isigqila sabo. (Qhathanisa neyabaseRoma 6:16.) Owesifazane osemusha okuthiwa uJohanna uyavuma: “Ngiyacasuka ngoba ngaso sonke isikhathi ngiba nomuzwa wokuthi ngigqokela ukuthokozisa omunye umuntu.”
Ingabe lokhu kuwukuhlakanipha ngaso sonke isikhathi? Ngokwesibonelo, cabangela izitayela zokugqoka zamaqembu asemgwaqweni, ze-hip-hop, neze-“grunge.” Abaningi bagqoka lezizitayela ngoba nje ziyathandwa. Nokho, zibonakalisa intukuthelo nokuvukela. Ingabe ukuzigqoka bekunganikeza abanye umbono ongemuhle ngawe? (Johane 15:19; qhathanisa neyesi-2 Korinte 6:4.) Ayisakhulunywa eyokuthi ukubukeka njengelungu leqembu elithile kungakulethela ukufa. Ngakho-ke, ezinye izikole zase-United States ziye zakwenqabela ukugqokwa kwezitayela zamaqembu. Sithola siphi isifundo? Akunangqondo ukuvumela ontanga yakho bakukhethele izingubo zokugqoka, kungasakhulunywa ngokubavumela babuse ukuphila kwakho. Kunokuba ukhathazeke ngalokho okuyobathokozisa, ‘hlola ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini’! (Omalukeke sizenzele.)—Efesu 5:10.
Ukucabangela Izidingo Zakho
Lapho usukhululekile ekubusweni izimfashini, ungaqala ukuba nezingubo zokugqoka ezihlangabezana nezidingo zakho zangempela. Ngokwesibonelo, uchitha isikhathi sakho esiningi esikoleni. Uma esikoleni ofunda kuso kufuneka inyufomu noma kulandelwa umthetho wokugqoka oqinile, okukhethayo kuyolinganiselwa. Kodwa ezikoleni eziningi kunemvume yokuzikhethela, futhi ukugqoka izingubo ezipholile kuwumkhuba.
Esimweni esinjalo, kungase kungabi ukuhlakanipha ukuzenza uvelele ngokugqoka ibhantshi nothayi noma isiketi sokuswenka. Ubuyofuna ukubukeka upholile ngaphandle kokubukeka uthanda imfashini noma uyidlabha. Intombazane esentsha okuthiwa uMillie yenza kanjalo. Lapho isesikoleni yagwema ukweqisa ezimfashinini. Uma usesimweni esifanayo, nawe ungase udinge amabhulukwe, noma amayembe ambalwa apholile ezingutsheni zakho. Uma ungenayo imali, kungase kwanele ukuba nalezizinto ezimbalwa nje.—Qhathanisa noLuka 10:42.
Ukugcina inani lezingubo zakho zesikole linesizotha kungase kukushiye unemali eyanele yokunakekela ezinye izidingo. Ngokwesibonelo, ingabe unomsebenzi wangaphandle noma imisebenzi yasendlini okufanele uyenze? Khona-ke udinga izingubo zokugqoka eziyinguganaboya. Kungase kudingeke izingubo ezifanelekile nakwezemidlalo nakweminye imisebenzi yokuzilibazisa. Nakuba kungase kube semfashinini ukugqoka izikhindi, izikibha, namateki abaklami abadumile, uyothola ukuthi ezinye izingubo zokugqoka ezingabizi zisebenziseka ngendlela efanayo.
Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, uyofuna nokucabangela isidingo sakho sokuba nezingubo ezifanelekile ozozigqoka emihlanganweni yobuKristu, njengoba ukugqoka ngokunganaki kungakufanelekele ukukhulekela. Emazweni lapho kugqokwa khona izingubo zezitayela zaseNtshonalanga, izinsizwa ngokuvamile zigqoka amabhulukwe namayembe okuswenka, uthayi, nebhantshi. Abesifazane abasebasha ngokuvamile bagqoka ilokwe noma isiketi kanye neyembe. Izingubo ezifanayo ziyagqokwa nasemsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. Ukuthi zingaki izingubo ezinjalo ongazithenga kuyoxhomeka emalini onayo. Ngenhlanhla, akudingekile ukuba ube nezingubo zokugqoka eziningi noma ezisemfashinini yamuva. Kufanele zicoceke futhi zihlanzeke.
UJesu Kristu waya emshadweni, futhi nawe ungase umenyelwe emicimbini ethile yokuzijabulisa. (Johane 2:1, 2) Uma ukugqoka ngesizotha kulezizenzakalo kuwumkhuba, khona-ke kunengqondo ukuba nezingubo ezithile ezifanelekayo. “Ngake ngaba sezimweni lapho ngangingagqokanga ngendlela efanelekayo, futhi kwakungajabulisi,” kuvuma uJohanna. Ukuba nengubo eyodwa okungenani yokuswenka kungase futhi kukulonde ekucindezeleni nasezindlekweni zokuthenga ngokubhuduzela.
Ukwenza Uhlu Lwezingubo Zakho
Ungase wenze lokho umlobi uJean Patton akubiza ngokuthi ukubala izingubo zokugqoka. (Color to Color) Hlukanisa izingubo zakho, kuhlanganise nezinto ozigcinile. Ungase uthole izingubo owawusuzikhohliwe. Ngesikhathi esifanayo, ungalahla izingubo esezikushiyile noma ongasazithandi.
Ngokulandelayo, yenza uhlu lwezinto onazo, mhlawumbe uluhlele lube izingubo ezinkulu (amajazi, amasudi, amalokwe, amabhantshi okuzipholela), izingubo ezihambisana nazo (amayembe abesifazane, amajezi, amayembe okuswenka), kanye nezokwelekela (izikhafu, amabhande, amagilavu, izigqoko, izicathulo, izikhwama, nothayi). Uhlu olunjalo lukusiza ukuba ubone izinto ongase uzidinge ukuze uphelelise izingubo zakho zokugqoka.
Ukuthenga Ngokuhlakanipha
Kwamanye amazwe izingubo zokugqoka ezintsha ziwuphawu lokunotha. Intsha yenza umzamo wokunakekela izingubo enazo futhi izigcine zicocekile futhi zihlanzeke ngendlela efanele. Nokho, kuthiwani uma usesimweni sokuthenga ezinye izingubo ezintsha? Encwadini yakhe ethi Working Wardrobe, uJanet Wallach uthi “owesifazane angonga isikhathi nemali uma ethenge izingubo zakhe zokugqoka ngokuhlela nangenjongo.” Lokho kuyiqiniso nangezinsizwa. Cishe unemali elinganiselwe, ngakho kudingeka ubale izindleko zanoma yini oyithengayo. (Qhathanisa noLuka 14:28.) Lokho kungase kusho ukunciphisa izinto ozithengayo, unamathele ezintweni ezibaluleke kakhulu. Indlela enhle iwukuchitha imali eningi ezingutsheni ozozigqoka kakhulu.
I-Better Business Bureau A to Z Buying Guide inikeza lesiseluleko: “Khetha izingubo zakho ngokombala owodwa oyisisekelo, njengo-navy nongwevu noma obubende nomnyama. Khetha izingubo ezibalulekile ezinaleyomibala, bese kuthi izingubo ezinezelayo ezigqamile kube amayembe, nezingubo zokwelekela.” Izingubo zokugqoka ezingenamibala egqamile ziyoba semfashinini isikhathi eside. Ngokunamathela emibaleni eyisisekelo, kalula nje ungazama ukwakha izingubo zokugqoka ezintsha.
IzAga 14:15 zithi: “Oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe,” ngakho ukuba nohlelo oluqinisekile lwendlela othenga ngayo kungakusiza ukuba ugweme ukuthenga izinto ezibizayo ungahlelanga. “Ngaso sonke isikhathi ngiphatha uhlu lokuthenga lapho ngithenga,” kusho omunye wesifazane osemusha. Khumbula futhi ukuthi ekugcineni, kuyasiza ukuthenga izingubo zokugqoka eziyinguganaboya, hhayi eziningi. Ingubo eyinguganaboya ingahlala iminyaka eminingi. “Ngisenamajezi engangiwagqoka ngisakhula,” kusho omunye wesifazane osemusha. Nokho, igama lengubo alisona isiqinisekiso sezinga eliphezulu, elitholakala kangcono ngokuhlola ngokucophelela ingubo ngokwayo.a
Ungaguquguquki lapho kuziwa esitayeleni. Ilokwe elinesizotha noma isudi yabesilisa cishe iyohlala isemfashinini. Izitayela zemfashini ziyashesha ukuphuma emfashinini. Encwadini yakhe ethi Conservative Chic, u-Amelia Fatt uyaphawula: “Izingubo zokugqoka ezingaguquguquki kulula ukuzenezela, kulula ukuzisebenzisa ngonyaka ozayo, zonga imali.”
Ungakhohlwa ukuthi abazali bakho baneminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho kokuthenga izingubo zokugqoka. Ningase ningavumelani ngezinye izinto enizithandayo, kodwa ningase nivumelane ngendlela ongayiqapheli ngezinto eziyisisekelo. “Umama wasisiza mina nodadewethu ukuba sihlakulele ukukhetha okuhle ezingutsheni,” kukhumbula u-Angela. Ngokuhamba kwesikhathi nesineke, nawe ungakwazi ukuqoqa izingubo zokugqoka ezifanelekayo, eziwusizo. Mhlawumbe ngeke kusadingeka ukuba uthi, ‘Anginazingubo!’
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka esithi “Intsha Iyabuza . . . Iyini Imfihlo Yokukhetha Izingubo Zokugqoka Ezifanele?” kumagazini wethu ka-October 8, 1989.
[Isithombe ekhasini 19]
Qala ngokwenza uhlu lwalokho osunakho