Umkhaya Owangithanda Ngempela
KUNOMA yimuphi umntwana, umkhaya ubaluleke kakhulu. Umkhaya ofudumele, onothando wanelisa izidingo zomntwana ezingokomzimba nezingokomzwelo. Unendima ebalulekile ekuqeqesheni, emfundweni, nasekukhuleni. Wenza umntwana azizwe elondekile. Yeka ukuthi kubuhlungu kanjani ukulahlwa umkhaya wakini, njengoba kwaba njalo kimi!
Ngazalelwa emkhayeni omkhulu empumalanga yeNigeria. Ubaba wayeyinduna enabafazi abangu-7. Wayenabantwana abangu-30, futhi mina ngingowama-29.
Ngolunye usuku ngo-1965, lapho ngineminyaka eyishumi ubudala, ngafika ekhaya ngivela esikoleni ngathola ubaba ehlezi kuvulandi. Kwafika amadoda amabili ephethe izikhwama, futhi ngemva kokubingelelana ngomusa, azichaza ngokuthi ayengoFakazi BakaJehova. Ubaba wawalalela ngokucophelela. Lapho emnikeza omagazini ababili, wangibuka wabe esengibuza ukuthi ngiyabafuna yini. Nganqekuzisa ikhanda, wabe esengithengela bona.
LaboFakazi bathembisa ukubuya, nangempela babuya. Eminyakeni emibili eyalandela, babefika bezoxoxa nami ngeBhayibheli. Nokho, babengafiki njalo, njengoba indawo ababehlala kuyo yayiqhele ngamakhilomitha ayishumi edolobhaneni lakithi.
Ngilahlwa Umkhaya Wakithi
Ngangineminyaka engu-12 ubudala lapho ubaba egula futhi eshona. Ezinsukwini ezingu-8 ngemva komngcwabo, umfowethu omdala wabiza umhlangano womkhaya. Kwakunabantu abangaba ngu-20 lapho. Sonke sasicabanga ukuthi wayezokhuluma ngezindleko zomngcwabo. Nokho, ngamangala lapho ethi wayebize lomhlangano ukuze kuzobhungwa ngomfowabo omncane—mina! Wabatshela ukuthi nginesithakazelo sokuhamba “nginxiba” izindibilishi ezine sengathi umkhaya awunamali yokungondla. Wanezela ngokuthi ukuhamba ngithengisa omagazini ngezindibilishi ezine kwakuwukuhudula odakeni igama lomkhaya. Wathi kumelwe ngikhethe ukuthi ngifuna ukuba ngokabani—ngowoFakazi noma ngowomkhaya wakithi.
Umama wayeseshonile, kodwa omunye wosingamama wakhala futhi wangincengela. Wanxusa ukuba bangakusebenzisi lokhu njengezaba zokungephuca isabelo sefa lami. Kodwa kubo wawungasho lutho umbono womuntu wesifazane. Umkhaya wavumelana nomfowethu futhi wathi ngenze isinqumo.
Ngacela isikhathi sokucabanga ngalendaba. Bavuma ukunginikeza ithuba kuze kube ngakusasa kusihlwa. Ngingedwa ekamelweni lami, ngakhala. Ngazizwa ngibuthakathaka, ngilahliwe, futhi ngesaba. Ngazibuza ukuthi kwakuzokwenzekani ngami.
Kuze kube ngaleso sikhathi, ngangingakaze ngiye eHholo LoMbuso futhi ngangingakaze ngihlanganyele ekushumayeleni noFakazi. Nganginolwazi oluncane kuphela lwezimfundiso zeBhayibheli, futhi babengekho oFakazi engangixoxa nabo edolobhaneni lakithi.
Ngathandaza kuJehova, ngimbiza ngegama ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami. Ngamtshela ukuthi ngangifunda ngokuthi unguNkulunkulu weqiniso. Ngamnxusa ukuba angisekele futhi angisize ngenze isinqumo esifanele, esasingeke simjabhise.
Ngakusasa kusihlwa umkhaya waphinde wahlangana futhi wafuna isinqumo sami. Ngachaza ukuthi ubaba, owayenginikeze ukuphila, nguye owayebangele ukuba ngitadishe noFakazi. Wayekhokhele omagazini bami neBhayibheli. Njengoba kwakungamcasuli ukuthi ngangifunda noFakazi, ngangingaqondi ukuthi kungani umfowethu omdala kwakufanele akusebenzise njengesaba sokumelana nami. Khona-ke ngathi anginandaba nokuthi bangenzani, kumelwe ngikhonze uJehova.
Ayibajabulisanga lenkulumo. Omunye wabo wathi: “Kuyini khona lokhu ukuthi kungakhuluma kanje kithi?” Ngokushesha umfowethu wangena egqishazela ekamelweni lami, wagxavula izingubo zami, izincwadi zami, nepotimende lami elincane futhi wakuphonsa phandle.
Ngafihla ikhanda kumngane wami wasesikoleni owayehlala kuleli dolobhana, futhi ngahlala nomkhaya wakubo cishe izinyanga ezinhlanu. Ngaleso sikhathi, ngabhalela umalume eLagos, owangicela ukuba ngizohlala naye.
Ngachitha izinyanga eziningana ngiqongelela imali ngokuqoqa nokudayisa izimbewu zamasundu. Usingamama owayengikhulumele naye wanginikeza imali ethile. Lapho sengineyanele, ngabhekisa amabombo eLagos. Ingxenye yalolu hambo ngayihamba ngigibele ngemuva elolini lesihlabathi.
Ngixoshwa Okwesibili
Lapho ngifika eLagos, ngajabula lapho ngizwa ukuthi umalume wayetadisha noFakazi. Ngokushesha ngaqala ukuya emihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso. Nokho, isithakazelo sikamalume sokukhonza uJehova saphela ngokushesha lapho kuvakasha umfowethu omdala. Watshela umalume ukuthi kwakuyisinqumo somkhaya ukuthi ngingondliwa futhi ngingafundiswa, njengoba ngangiqhubeka ngihlanganyela noFakazi BakaJehova. Wasongela umalume wayesephindela emuva ekhaya.
Ngemva kwesonto umfowethu ehambile, umalume wangivusa phakathi kwamabili wanginikeza iphepha elibhaliwe. Wanginikeza ipeni wayesengiphoqelela ukuba ngisayine igama lami. Lapho ngibona indlela ayehwaqabele ngayo ebusweni, ngazi ukuthi kwakuyindaba engathi sína. Ngathi: “Malume, kungani ungangivumeli ukuba ngilisayine ekuseni?”
Wathi ngingalokhu ngithi “malume” kodwa ngisayine leli phepha ngokushesha. Ngaphendula ngokuthi ngisho nombulali unelungelo lokwazi amacala amangalelwe ngawo. Ngokuqinisekile nganginelungelo lokufunda leli phepha ngaphambi kokuba ngilisayine.
Khona-ke ethukuthele, wavuma ukuba ngilifunde. Laliqala ngokuthi: “Mina, U. U. Udoh, ngiye ngafunga ukuba ngingabi omunye woFakazi BakaJehova. Ngiye ngavuma ukushisa izikhwama nezincwadi zami futhi ngiyathembisa ukuthi ngeke ngisaba nobudlelwane noFakazi BakaJehova. . . .” Ngemva kokufunda imisho yokuqala embalwa, ngaqala ukuhleka. Ngokushesha ngachaza ukuthi ngangingaqondile ukumeyisa kodwa ngangingenakulisayina nakancane iphepha elinjalo.
Umalume wathukuthela wagan’ unwabu futhi wathi ngiphume ngiphele. Ngapakisha ngokuthula izingubo nezincwadi zami epotimendeni lami, ngaya ephasishini elingaphandle kwendlu yakhe, ngase ngilala lapho phansi. Lapho umalume engibona ngilapho, wathi njengoba intela ayikhokhayo ihlanganisa nephasishi, kufanele ngiphume ngiphele kulesi sakhiwo.
Umsebenzi Oyengayo
Kwakungamasonto amabili kuphela ngiseLagos futhi ngangingazi ukuthi ngizoshonaphi. Ngangingazi ukuthi wayehlalaphi umzalwane owayevame ukungilanda siye eHholo LoMbuso. Ngakho lapho kusa, ngaqala ukuhamba ngizulazula, ngithandaza kuJehova ukuba angisize.
Seliya ngomutsha wendoda, ngazithola ngingasegalaji likaphethiloli. Ngaya kumnikazi walo futhi ngamcela ukuba angigcinele ipotimende lami ehhovisi ngalobo busuku ukuze amasela angangephuci lona. Lesi sicelo samenza walangazelela ukwazi ukuthi kungani ngingayi ekhaya. Ngamxoxela indaba yami.
Lendoda yayinozwela futhi yayifuna ukungiqasha njengesisebenzi sayo sasendlini. Yaze yathi ingangifundisa nokungifundisa uma ngingayisiza endlini yayo. Kwakuwumsebenzi oyengayo, kodwa ngangazi ukuthi ukuba isisebenzi sasendlini kwakuhilela ukusebenza zonke izinsuku kusukela ekuseni kuze kube kwesikabhadakazi. Futhi, izisebenzi zasendlini zazingavunyelwe ukuhlangana nabantu bangaphandle, kwesatshwa ukuthi zingase zibophe uzungu namasela zizophanga endlini. Ngisho nasezimweni ezingcono, ngokunokwenzeka ngangizohlaba ikhefu ngeSonto elilodwa kuphela enyangeni. Ngakho ngambonga ngobuqotho ngokukhathalela ayenakho kodwa ngawenqaba lowo msebenzi. Ngamtshela ukuthi uma ngimsebenzela njengesisebenzi sasendlini, kwakuyoba nzima ukuba ngiye emihlanganweni eHholo LoMbuso.
Lendoda yathi: “Ungakhuluma kanjani ngemihlangano ungenayo ngisho nendawo yokuhlala?” Ngaphendula ngokuthi ukuba ngangingathandi ukuya emihlanganweni, ngangingahlala ekhaya. Ngangixoshwe ngenxa yenkolo yami. Engangikucela kuyo kwakuyindawo yepotimende lami kuphela. Ngalokho, yavuma ukungigcinela lona.
Ngithola Omunye Umkhaya
Ngalala ngaphandle kwegalaji likaphethiloli izinsuku ezintathu. Ngangingenamali yokuthenga ukudla, ngakho ngangingenayo into engangingayidla ngaleso sikhathi. Ngosuku lwesine, njengoba ngangizulazula, ngabona insizwa ethile ihambisa omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! kubantu emgwaqweni. Ngagijimela kuyo ngenjabulo futhi ngayibuza ukuthi iyamazi yini uMfoweth’ uGodwin Ideh. Yafuna ukwazi ukuthi kungani ngibuza, ngakho ngachaza konke okwakungivelele.
Lapho ngiqeda, ngokushesha yafaka omagazini bayo esikhwameni yase ibuza: “Kungani kufanele uhlupheke kangaka kanti kunezinkulungwane zoFakazi BakaJehova lapha eLagos?” Yamisa itekisi saya egalaji likaphethiloli ngiyothatha ipotimende lami. Kamuva yangiyisa endlini yayo futhi yangilungisela ukudla. Khona-ke yabiza uMfoweth’ u-Ideh, owayengumakhelwane wayo.
Lapho uMfoweth’ u-Ideh efika, baphikisana ngokuthi ubani okwakufanele ngihlale naye. Babengifuna bobabili! Ekugcineni bavumelana ngokuthi ngihlale nabo ngokushintshana.
Ngokushesha ngemva kwalokho ngathola umsebenzi njengesithunywa. Lapho ngithola iholo lokuqala, ngakhuluma nabo bobabili laba bazalwane ngibuza ukuthi babefuna nginikele ngamalini ekuthengeni ukudla nasekukhokheleni indawo yokuhlala. Bahleka futhi bathi akudingekile ngikhokhe.
Ngokushesha ngabhalisa esikoleni sasebusuku kanye nasezifundweni zangasese, futhi ekugcineni ngayiphothula imfundo yami eyisisekelo. Izinto zangihambela kangcono ngokwezimali. Ngathola umsebenzi ongcono, njengonobhala, futhi ngokuhamba kwesikhathi ngazitholela indawo yami yokuhlala.
Ngabhapathizwa ngo-April 1972. Ngangineminyaka engu-17 ubudala. Ngangifuna ukungenela inkonzo yobuphayona ukuze ngibonise ukwazisa kwami kuJehova ngakho konke ayengenzele khona, ikakhulukazi phakathi naleyo nkathi enzima. Ngangibhalisa njengephayona lesikhashana lapho nginethuba, kodwa kwathatha iminyaka eminingi ukuba ngizinze. Ekugcineni, ngo-1983, ngabhalisa njengephayona elivamile.
Ngaleso sikhathi ngangiwazisa ngokugcwele umkhaya wakithi ongokomoya. Lamazwi kaJesu aba yiqiniso ngempela kimi: “Ngiqinisile ngithi kini, Akekho oshiyé indlu noma umkakhe noma abafowabo noma abazali noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu ongeke nangayiphi indlela athole okwengeziwe ngokuphindwe kaningi kulenkathi yesikhathi, futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okumi phakade.”—Luka 18:29, 30.
OFakazi babengibonise uthando ngempela futhi banginakekela. Babengamukele lapho ngingenamali. Ngosizo lwabo nangosizo lukaBaba wasezulwini, ngachuma ngokomoya. Angitholanga imfundo yezwe kuphela kodwa futhi ngafunda izindlela zikaJehova.
Laba kwakungabantu umkhaya wakithi ongokwenyama owawungicindezele ukuba ngibalahle. Lapho ngenqaba, umkhaya wakithi wangilahla. Ingabe abafowethu nodadewethu abangokomoya manje bangikhuthaza ukuba ngiwulahle umkhaya wakithi ongokwenyama? Lutho neze. IBhayibheli liyafundisa: “Yenzani kubantu ngayo kanye indlela efana naleyo enifuna benze ngayo kini.”—Luka 6:31.
Ukusiza Umkhaya Owangilahla
Ngokushesha ngemva kokuhamba ekhaya, kwaqubuka impi yombango eNigeria. Idolobhana lakithi lacekelwa phansi. Iningi labangane bami nezihlobo lalahlekelwa ukuphila, kuhlanganise nosingamama owayengincengele. Ezomnotho zaziwohlokile.
Lapho impi isiphelile, ngaya ekhaya ngavakashela omunye wabafowethu owayehlanganyele ekungixosheni lapho ngisengumfana. Umkakhe namadodakazi akhe amabili babegula futhi belaliswe esibhedlela. Ngakho ngazwelana naye futhi ngabuza ukuthi ngingasiza ngani.
Mhlawumbe ngenxa kanembeza onecala, wangitshela ukuthi wayengadingi lutho. Ngachaza ukuthi akufanele acabange ukuthi ngingase ngiziphindiselele ngalokho umkhaya owawukwenze kimi. Ngamtshela ukuthi ngangazi ukuthi babekwenze lokho ngokungazi nokuthi ngangifuna ngempela ukumsiza.
Khona-ke waqala ukukhala futhi wavuma ukuthi wayengenamali nokuthi abantwana bakhe babedla imbuya ngothi. Ngamnikeza imali engango-R1 100 futhi ngambuza ukuthi wayengathanda yini ukusebenza eLagos. Lapho ngibuyela eLagos, ngamtholela umsebenzi ngase ngimcela ukuba azohlala nami. Wahlala nami iminyaka emibili, ehola imali ayeyithumela kumkakhe nakubantwana bakhe. Phakathi naleso sikhathi ngangiyikhokhela ngenjabulo indlu yakhe.
Wathi wayazi ukuthi oFakazi BakaJehova babeqhuba inkolo yeqiniso. Wathi futhi ukuba wayengeve esengene kakhulu ezweni, naye wayezoba uFakazi. Kodwa wathembisa ukuthi wayezohlela ukuba umkakhe nabantwana baqhutshelwe isifundo seBhayibheli.
Ngo-1987, ngamenyelwa ukuba ngithathe umsebenzi wesifunda. Ngo-April 1991, ngashada noSarah Ukpong. Ngo-1993, sacelwa ukuba sishiye emsebenzini wesifunda siyokhonza egatsheni laseNigeria. Sasamukela lesi simemo futhi sakhonza lapho kwaze kwaba yilapho umkami ekhulelwa.
Nakuba umkhaya wakithi wangilahla ngisemncane, ngatholwa umkhaya ongokomoya—abazali, abafowethu, odadewethu, nabantwana. Yeka ukuthi kuyinjabulo kangakanani ukuba ingxenye yalomkhaya oyingqayizivele wembulunga yonke, engiwuthanda ngempela nawo ongithanda ngempela!—Njengoba ilandiswa u-Udom Udoh.
[Isithombe ekhasini 23]
U-Udom noSarah Udoh