Kungani Siguga Futhi Sifa?
“NGAPHANDLE kokuthola ukuthi ushintsho lobudala lwenzeka ngaphakathi kwamangqamuzana ngamanye,” kuvuma uDkt. Leonard Hayflick, “esikwaziyo namuhla ngembangela eyisisekelo yokuguga akukuningi kunalokho esasikwazi eminyakeni eyikhulu edlule.” Eqinisweni, uthi: “Asikho isizathu esihle esisaziyo sokuthi kungani ukuguga kufanele kube khona.”
Ukuhlola okwenziwa cishe eminyakeni engu-30 edlule kwembula ukuthi lapho amangqamuzana omuntu akahle athathwe embungwini enakekelwa ngaphansi kwezimo ezinhle kakhulu, ukufa kweza ngemva kokuphindeka kwawo izikhathi ezingaba ngu-50. Ngakolunye uhlangothi, amangqamuzana athathwe kumuntu osegugile aphindeka izikhathi ezimbili kuya kweziyishumi ngaphambi kokuba afe. Ngakho, incwadi ye-National Geographic Society ethi The Incredible Machine yaphawula: “Ubufakazi bokuhlola busekela umbono wokuthi ukufa kufakwa komunye nomunye wethu lapho sizalwa.”
Nokho, ingabe ukufa kwamangqamuzana akunakugwenywa? Cha, akunjalo. Ochwepheshe ababili kwezokuguga, oProfesa Robert M. Sapolsky noCaleb E. Finch, baveza umbono wabo: “Ngempela, kubonakala sengathi ukungagugi kwakuyisimo sokuqala sezinto eziphilayo emhlabeni.” Ngokuyindida, ngisho namanye amangqamuzana abantu angasebenzi kahle namuhla awagugi.
Incwadi ethi The Body Machine, eyahlelwa uDkt. Christiaan Barnard, owenza ukuhlinza kokuqala kokushintsha inhliziyo yomuntu, iyachaza: “Ukutholakala ‘kwamangqamuzana angafi’ kwazibangela inkinga enkulu izazi zezinto eziphilayo ezinesithakazelo ekugugeni, kwaze kwaba sobala ukuthi amangqamuzana anjalo ayengasebenzi kahle.” Yebo, amanye amangqamuzana omdlavuza angahlala unomphela ngokuphindeka okubonakala kungapheli! I-World Book Encyclopedia yaphawula: “Uma ososayensi bengathola ukuthi asinda kanjani amangqamuzana anjalo angasebenzi kahle, bangase bayiqonde inqubo yokuguga kwamangqamuzana.” Ngakho, namuhla amanye amangqamuzana omdlavuza anganda unomphela endaweni yokuhlola, kodwa amangqamuzana avamile ayaguga futhi afe.
Inqubo Engasebenzi
Njengoba i-Body Machine ikubeka, ingabe ukuguga nokufa kwabantu kubangelwa “ukuphela kwekhono lokwanda kwamangqamuzana [avamile]”? Lencwadi yathi uma kunjalo, “kubalulekile ukuthola nokuqonda inqubo elawula leli khono lokuphindeka elingapheli ukuze isetshenziswe ngomzamo wokwandisa ubude besikhathi sokuphila komuntu.”
Njengoba ungase ukhumbule esihlokweni esandulele, uDkt. Hayflick wakhuluma ‘ngezimangaliso ezisisusa ekukhulelweni kuya ekuzalweni bese kudlulela ekuvuthweni ngokobulili nasebudaleni.’ Khona-ke wabe esebhekisela ‘endleleni eyisisekelo yokulondoloza lezo zimangaliso phakade.’
Naphezu kweminyaka yemizamo ebumbene, ososayensi bahlulekile ukuthola inqubo engalondoloza ukuphila phakade. “Izimbangela zokuguga ziseyimfihlakalo,” kuvuma incwadi ethi The Incredible Machine.
Nokho, imbangela yokuguga nokufa empeleni ayiyona imfihlo. Impendulo iyatholakala.
Iyini Impendulo?
Umuntu onempendulo yilowo owabangela “izimangaliso ezisisusa ekukhulelweni kuya ekuzalweni,” uMdali wethu onokuhlakanipha, uJehova uNkulunkulu. IBhayibheli lithi ngaye: “Ukuwe umthombo wokuphila.” “Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina.”—IHubo 36:9; 100:3.
Ake ucabange ukuthi uJehova uNkulunkulu wakuhlela ngokuyisimangaliso kangakanani ukwakheka kwakho esibelethweni, ngokomfanekiso ebhala incwadi enemiyalo yokukwenza ube umuntu ohlukile! “Wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame,” kubhala umhubi weBhayibheli. “Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni . . . Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho.” (IHubo 139:13, 15, 16, omalukeke sizenzele.) Ngokusobala, umzimba wethu oklanywe ngokuyisimangaliso awuvelanga ngengozi!
Nokho, uma uJehova uNkulunkulu asidala siphelele ukuze siphile phakade, kungani siguga futhi sifa? Impendulo itholakala emngceleni owabekelwa umuntu wokuqala, u-Adamu, owabekwa uNkulunkulu ekhaya elihle emhlabeni. UNkulunkulu wamyala: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” (Omalukeke sizenzele.)—Genesise 2:16, 17.
Kwenzekani? Kunokuba alalele uYise wasezulwini, u-Adamu akazange alalele, wahlanganyela nomkakhe, u-Eva, ekudleni emthini. Ngobugovu bamukela isithembiso samanga sengelosi ehlubukayo. (Genesise 3:1-6; IsAmbulo 12:9) Ngakho, njengoba uNkulunkulu ayexwayisile, bafa. Nakuba u-Adamu no-Eva badalwa benamandla okuphila phakade, lokhu kwakuxhomeke ekulaleleni uNkulunkulu. Ngokungalaleli, benza isono. Khona-ke, njengezoni, badlulisela kuyo yonke inzalo yabo ukushiyeka okubulala imizimba yabo. “Kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke.”—Roma 5:12; Jobe 14:4.
Nokho, lokhu akusho ukuthi alikho ithemba lokunqoba ukuguga nokufa. Akufanele kube nzima ukukholelwa ukuthi uMdali wethu onokuhlakanipha angelapha noma ikuphi ukukhubazeka kwezakhi zofuzo futhi anikeze amandla okuqhuba ukuphila kwethu phakade. Kodwa lokhu uyokwenza kanjani? Futhi yini okumelwe siyenze ukuze sijabulele izithembiso zakhe zokuphila okumi phakade?