Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isikhonzi Sesikhathi Esigcwele Esikhubazekile Eminyakeni edlule izihloko eziningi ziye zangithinta inhliziyo—kodwa asikho esiye sangithinta ngokujulile njengokuhlangenwe nakho kukaGloria Williams okunesihloko esithi “Inhlamvu Yashintsha Ukuphila Kwami.” (October 22, 1995) Izinkinga zami ziwubala uma ngiziqhathanisa nezakhe! Siyabonga ngokusinikeza ukudla okungokomoya nesikhuthazo esibaluleke kangaka.
E. L., Canada
Lokhu okuhlangenwe nakho kwangikhumbuza ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sizithola sikuziphi izimo, kungakhathaliseki ukuthi zimbi kangakanani, singathandaza kuJehova sicele usizo. Njengamanje nginezinkinga esikoleni, futhi ngiyadumala. Kodwa ukufunda lesi sihloko kwangikhuthaza kakhulu.
M. S., Japan
Njengoba ngangifunda indaba kaGloria Williams, ngangihlengezela izinyembezi. Yangikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngizikhandla enkonzweni yasensimini, nakuba ngihlala emkhayeni ohlukene ngokwenkolo.
F. C., Italy
Lesi sihloko siye sangikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngiphikelela emgomweni wami wokushumayela isikhathi esigcwele. Uma uGloria Williams ekwazi ukukwenza, phó mina ngingahlulwa yini—njengoba nginamalunga omzimba aphelele?
I. O. A., Nigeria
Amapulangwe Ngineminyaka engu-11 ubudala, futhi ngasijabulela kakhulu isihloko esithi “Kungani Kwakhiwa Ngamapulangwe?” (October 22, 1995) Sangisiza ukuba ngiqonde amandla nekhono likaJehova. Futhi sangisondeza kuye naseNdodaneni yakhe, uJesu Kristu, ngoba ngiyayiqaphela indlela bobabili abanolwazi futhi abahlakaniphe ngayo.
A. B., United States
Kungani Ngingakashadi? Ngibonga ngiyanconcoza ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Wonk’Umuntu Eshada Kodwa Mina Ngingashadi?” (October 22, 1995) Kushadwa ubuthaphuthaphu kulendawo futhi abaningi bashada bebancane kakhulu. Abanye bakhathazekile ngami, njengoba ngineminyaka engu-18 ubudala kodwa ngingenalo isoka. Lesi sihloko safika ngaso kanye isikhathi ukuze singisize ngigcine isimo sengqondo esilinganiselayo.
S. Z., Germany
Njengoba ngineminyaka engu-19 ubudala futhi ngingashadile, ngivame ukuzibuza ukuthi yini engalungile kimi njengoba kungekho muntu oye wabonisa isithakazelo kimi. Abanye abangakholwa baye basibonisa isithakazelo, kodwa akulona uhlobo lokunakwa engilufunayo. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngibone ukuthi ukubekezela kuyadingeka nokuthi okubaluleke kakhulu ukuthi ngijabulise uJehova.
J. G., United States
Njengoba ngiyindoda engashadile eneminyaka engu-38 ubudala, ngiye ngazithola ngizibuza umbuzo obuzwe kulesi sihloko. Njengoba ngiye ngaliwa kaningi odade abangashadile abangamaKristu, ngiyabazi ubuhlungu obubangelwa “ithemba elilitshazisiweyo.” (IzAga 13:12) Kuyajabulisa ukwazi ukuthi uJehova ubheka imizwa yamaKristu angashadile akulesi simo njengefanelekile nokuthi uyakwazisa ukukhuthazela kwethu ngokwethembeka.
D. T., United States
Ingcweti Ephambili Ngemva kokufunda uchungechunge oluthi “Ukufuna Ingcweti Ephambili” (November 8, 1995), ngishukumiseleka ukuba ngizwakalise ukwazisa kwami. Ngiye ngabona izinhlelo eziningi zemvelo kuthelevishini ezihlulekayo ukunikeza uMklami Omkhulu udumo. Nokho, ngokungaguquki i-Phaphama! imnikeza udumo uNkulunkulu wethu omuhle, uJehova.
E. Z., United States
Yeka indlela entsha, enhle yokudumisa uJehova! Ngempela izinga lobuciko bakhe liphakeme kakhulu, njengoba nobuningi bemisebenzi yakhe bungenakuqhathaniswa. Ngithanda nokuhalalisela izingcweti eziningi ezinekhono ezenza i-Phaphama! ikhange ukuze idonsele abantu kuJehova uNkulunkulu.
M. Q., United States