Ukubuka Okwezwe
Ama-Unitarian Avumela Umshado Wongqingili
ISonto Lama-Unitarian liyihlelo lokuqala lase-United States ukuvumela ngokusemthethweni imishado yabantu bobulili obufanayo, kubika i-Christian Century. Izihambeli zengqungquthela yaminyaka yonke yaleli qembu lenkolo zakuvotela ngo-elethu “ukumemezela ukufaneleka komshado phakathi kwanoma yibaphi abantu ababili abazinikele komunye nomunye.” Lomagazini wenkolo uthi “ngaphansi kwemithetho yesonto, ibandla ngalinye laleli sonto kwangu-1040 lingazinqumela ngokwalo ukuthi liyowuvuma yini umshado wemibhangqwana yongqingili besilisa nabesifazane nokuthi iyokwenzelwa kulo yini imishado enjalo.”
Ukunquma Kusengaphambili Ubulili Bomntwana
Ngokukamagazini i-Popular Science, “manje sekungenzeka ukunquma kusengaphambili ubulili bomntwana ngokuhlunga isidoda sikayise, njengoba uhlobo lwesidoda lunquma ubulili.” Okokuqala, isidoda sinindwa ngombala okhanyayo. Khona-ke, kusetshenziswa ukukhanya kwemisebe ye-laser ukuze kuhlukaniswe isidoda sohlobo X (sowesifazane) kwesohlobo Y (sowesilisa). I-computer iveza umehluko, bese ithuluzi elithile lokuxilonga elivame ‘ukusetshenziselwa imisebenzi yegazi lishukumisa isidoda sohlobo X bese lingasishukumisi esohlobo Y. Isidoda sibe sesihlungwa kusetshenziswa izindlawana ezinamandla kagesi ahlukile ukuze zisidonse.’ Ngokukasosayensi othile ekuqaleni owayesungule lelisu ukuze lisetshenziswe emfuyweni, lokhu kuhlunga kunembe ngamaphesenti angaba ngu-90. Ngemva kwalokho, isidoda esihlungiwe sisetshenziselwa ukuvundisa amaqanda owesifazane, bese “imibungu yobulili obufunekayo ifakwa esibelethweni.” Nokho, kuze kube manje kusenomntwana oyedwa kuphela ozalwe ngalenqubo.
Inkulumo Yomntwana Elimazayo
Ngokuvamile imizamo yomntwana yokuqala ukukhuluma ibhekwa njengebabazekayo, futhi abazali abaningi baphendula ngokumteketisa ngokukhuluma njengaye. Nokho, lokhu kungase kufake engozini intuthuko yokukhuluma komntwana, kubhala isazi sokukhuluma saseBrazil u-Eliane Regina Carrasco kumagazini i-Veja. UCarrasco uthi lapho abazali bephinda ukuphimisela komntwana okungalungile, lokho “kukhuthaza uhlelo lwenkulumo olungalungile.” Uthi lokhu kungase kubangele izinkinga ekukhulumeni. Futhi unezela ukuthi kungathinta indlela umntwana asebenzelana ngayo nabanye. “Ngokuvamile, abantwana abanjalo baba onkom’idla yodwa, banamahloni, futhi abalondekile, bagwema izimo ezingabenza [bahlekwe usulu].” UCarrasco uthi kungokwemvelo ukuba abantwana abancane bangawaphimiseli kahle amagama, futhi akudingekile ukuba ubalungise njalo. Kodwa kubalulekile ukukhuluma nabo ngendlela efanele nokukhumbula ukuthi “bahlakaniphile futhi banekhono lokufunda.”
IChina Inciphisa Ukungcoliswa Kwamanzi
“Ukungcoliswa kwamanzi kuyinkinga enkulu eChina, futhi ukukunciphisa kuwumsebenzi ophuthumayo,” kusho umkhulumeli we-National Environmental Protection Agency yaseChina. Ngakho-ke, umagazini i-China Today ubika ukuthi uhulumeni waseChina uthatha izinyathelo zokunciphisa ukungcoliswa kwamanzi emifuleni nasemachibini akhona angcoliswe kakhulu. Ngokwesibonelo, ukuze kuvinjelwe ukungena kwemfucumfucu komunye wemifula yakulelizwe engcole kunayo yonke, iHuaihe, uhulumeni uye “wavala amafektri amancane okwenza iphepha angu-999 esiGodini saseHuaihe.” Abantu abayizigidi ezingaba ngu-154 bahlala esigodini saseHuaihe, okungesinye sezifunda zaseChina ezinkulu ezikhiqiza ukudla okusanhlamvu futhi eziphehla amandla.
Amaphekula “Angcwele”
Njengoba lizama “ukuzihlela kabusha njengesonto lezwe,” iSonto Lobu-Orthodox LaseRomania liye “laphuma umkhankaso owumshoshaphansi wokululaza amanye amahlelo,” kubika iphephabhuku i-Compass Direct esihlokweni sikaWilly Fautré. UFautré uyanezela: “Abaholi abaphambili nabapristi bendawo besonto lobu-Orthodox eRomania” baye bamisa amaqembu amaningi ukuba “esabise amaqembu enkolo amancane futhi awanqabele amalungelo enkolo ayisisekelo.” Ebiza abavangeli basemsakazweni ngokuthi “abangcolisi bokholo lokhokho,” umbhishobhi omkhulu waseSuceava naseRădăuţi wabhalela umongameli wendikimba eqondisa izinhlelo zasemsakazweni nakuyithelevishini eRomania, ethi: “Siyakunxusa ukuba ubavimbele noma ubabekele imingcele, ngoba abanamahloni futhi ngokusobala bazimisele ukuguqula abantu kulo kanye izwe lethu.”
Izilwane Ezincelisayo Zisengozini Kakhulu Kunezinyoni
“Izilwane ezincelisayo zisengozini kakhulu yokuqothulwa kunezinyoni,” kubika umagazini i-New Scientist. Lemiphumela, esekelwe ezibalweni ezakhishwa i-World Conservation Union’s Red List, yembula ukuthi nakuba amaphesenti angu-11 ezinhlobo zezinyoni esengozini yokuqothulwa embulungeni yonke, amaphesenti angu-25 azo zonke izilwane ezincelisayo asengcupheni. Izilwane ezisesigabeni esisodwa nabantu ziyiqembu elisengozini kakhulu, njengoba amaphesenti angu-46 azo esengozini yokuqothulwa. Kulandela izilwane ezidla izinambuzane ngamaphesenti angu-36, kulandele izingulube nezinyamazane ngamaphesenti angu-33. Iqembu lezinyoni elisengozini kakhulu elonohhemu, njengoba amaphesenti angu-26 esengcupheni yokuqothulwa. Esinye isizathu sokuphakama kwezinga lokuncipha kwezilwane ezincelisayo siwukuthi, ngokungafani nezinyoni, azikwazi ukufudukela kalula kwenye indawo lapho indawo ezihlala kuyo iphela.
Uhlelo Lokufunda Lusiza Ekunciphiseni Ubugebengu
Iphephandaba laseBrithani i-Independent libika ukuthi eBradford, eNgilandi, uhlelo oluxhaswe uhulumeni ngezimali oluklanyelwe ukuthuthukisa ikhono lokufunda lezingane zesikole lunemiphumela evusa amadlingozi. Lolu hlelo lokufunda aluzange lusize ekuthuthukiseni amakhono okufunda kuphela kodwa futhi luye lwanconywa ngokusiza ekunciphiseni ubugebengu! “Siye sathola ukuthi inani lentsha egqekezayo lihlobene ngokuqondile nenani lentsha ebalekela isikole,” kusho uJohn Watson, umphathi we-Better Reading Partnership. “Uma izingane zikwazi ukufunda ngokunokwenzeka ziyoba nesithakazelo kakhulu kulokho okwenzeka esikoleni futhi cishe azinakusibalekela isikole. Njengoba zingelona uvanzi emigwaqweni, cishe azinakugqekeza izindlu.”
Imidlalo Yama-Olympic Nobumpofu
“Inani lezindondo ezazuzwa amanye amazwe emidlalweni yama-Olympic nenani lemali eyasetshenziswa kulezi zindawo nangabaxhasi balemidlalo liphakamisa imibuzo ngokuzimisela komhlaba ukuqeda ubumpofu,” kubika i-ENI Bulletin yaseSwitzerland. “Lokhu akusho ukuthi akufanele sijabulele ubungcweti noma siwashayele ihlombe amakhono angavamile nokubekezela kwabantu,” kusho uGreg Foot wenhlangano yase-Australia i-World Vision. Uyanezela: “Kodwa kumelwe sizibuze ukuthi ingabe senza ngendlela efanele yini uma sichitha imali engaka ekwenzeni ngcono ukudla kwabasubathi bethu abavelele kuyilapho omakhelwane bethu bebhuqabhuqwa indlala.” Kulinganiselwa ukuthi phakathi namasonto amabili lapho kwakunemidlalo yama-Olympic e-Atlanta, izingane ezingu-490 000 zabulawa indlala nezifo ezinokuvinjelwa emhlabeni wonke.
Ikhefu Elithatha Isikhathi Eside
Ezinye izisebenzi ziyeqisa lapho zithatha ikhefu lokuphuza ikhofi emini yasekuseni. Eqinisweni, ezinye ziphuma ngokoqobo endaweni yomsebenzi ziye ngaphandle. Njengoba kunezindawo ezidayisa ikhofi lekhethelo, izisebenzi zishiya amahhovisi azo ziyozithengela ikhofi eliyintandokazi. I-Wall Street Journal ithi ngenxa yalokho, “isikhathi sekhefu siba isikhathi sokubaleka emsebenzini.” Kodwa abaqashi bakhathazekile ngobude bohambo oluthathwa izisebenzi ziya ezindaweni ezidayisa ikhofi. Zizama ukunqanda lomkhuba wokunyamalala kwabathandi bekhofi, le-Journal ithi ezinye izinkampane zilwa nalomkhuba ngokufaka imishini yazo yekhofi.
Izitshalo Ezikhipha Ukushisa
Abacwaningi ababili base-Australia baye bathola ukuthi izimbali ze-lotus zinekhono elimangalisayo lokulawula izinga lazo lokushisa. Ngaphambili, kwakuyizilwane ezinegazi elishisayo kuphela okwakucatshangwa ukuthi zinaleli khono. Besebenza eBotanic Gardens yase-Adelaide, uDkt. Roger Seymour noDkt. Paul Schultze-Motel bafaka imishinyana ethungatha izinga lokushisa ezimbalini eziqhakazayo ze-lotus ukuze babike izinga lazo lokushisa nezinye izici zokwakheka kwazo. Batholani? Ngisho nalapho izinga lokushisa komoya lehla liba ngu-10° C., izinga lokushisa lalezi zimbali ze-lotus lalihlala liphakathi kuka-30 no-35° C. Abacwaningi abakayitholi incazelo yalesi simanga. Nokho, ngokwe-New York Times, uDkt. Hanna Skubatz, isazi sokusebenza kwamakhemikhali ezitshalweni e-University of Washington, e-U.S.A., wathi “eqinisweni, ukukhipha [kwezitshalo] ukushisa kungenzeka kwandile, nakuba kunzima ukukubona.”
Abavangeli Bavuma Ukushiyeka
“Abavangeli namuhla baphelelwa ukuthembeka eBhayibhelini, izimiso zokuziphatha okuhle nentshiseko yokushumayela,” kusho “i-Cambridge Declaration of the Alliance of Confessing Evangelicals.” Kwakuvelaphi lokhu kugxeka okuntinyela kangaka? Ingabe mhlawumbe kwakuvela eqenjini lesonto eliyimbangi? Cha, kwakuvela kubavangeli ngokwabo. Lencwadi yakhishwa abaholi babavangeli abangaphezu kwekhulu ababehlangene eCambridge, eMassachusetts. Ababhali balencwadi bavuma ukuthi bona nabaholi benkolo kwakudingeka “baphenduke ekuzimiseleni kwabo ukubuswa inkambiso yamasiko athandwayo.” Lencwadi futhi yavuma ukuthi “izindlela zokwelapha, amasu okuthengisa nethonya lezokuzijabulisa ngokuvamile kunethonya elikhulu kulokho okufunwa yisonto, endleleni elisebenza ngayo nakulokho elikwenzayo, ngaphezu kweZwi likaNkulunkulu.”