Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 8/8 k. 18-k. 19
  • Ukudla Ubhedu Embulungeni Yonke Komculo WesiLatini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukudla Ubhedu Embulungeni Yonke Komculo WesiLatini
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • I-merengue, I-salsa NeTex-Mex
  • Umbono Olinganiselwe Ngomculo Nomdanso
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    I-Phaphama!—1993
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Xwaya Umculo Owonakalisayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Ngikhetha Muphi Umculo?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 8/8 k. 18-k. 19

Ukudla Ubhedu Embulungeni Yonke Komculo WesiLatini

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO

BANGAPHEZU kwezigidi ezingu-400 abantu abakhuluma iSpanishi emhlabeni wonke. Silandela isiMandarin nesiHindi, iSpanishi sinabantu abaningi abasincela ebeleni kunanoma iluphi olunye ulimi. Khona-ke, akumangalisi ukuthi abantu abaningi bajwayelene nomculo waseLatin America. Ezweni lonke abantu baye bakujabulela ukulalela nokudansela isigqi se-mambo, i-cha-cha ne-merengue noma i-salsa.

Kungani uthandwa kangaka lo mculo? Kokunye kungenxa yesimo sawo esishukumisayo nesijabulisayo. Abantu abaningi baseLatin America bathanda isigqi esisheshayo, nesishukumisayo. Ezinye zalezi zigqi zafika eLatin America nezigqila zaseNtshonalanga Afrika emakhulwini eminyaka edlule. Kuyavunywa, abanye abantu okungebona abokudabuka eLatin America bakuthola kunzima ukujabulela ezinye zezindlela ezisheshayo zomculo nokuduma kwezigubhu zawo okuphindaphindayo.

Umculo wesiLatini unganensa, ukhulume ngezindaba zothando, uze ubange nomunyu. Ngokwesibonelo, i-bolero yaseLatin America ibilokhu ithandwa emazweni amaningi. I-bolero yayivame ukuculwa abantu abathathu futhi yayiphawulwa ngokukhuluma ngezindaba zothando nangokuba njengenkondlo. Njengoba yayithandwa kakhulu phakathi neminyaka yawo-1940 nawo-1950, i-bolero iye yabuya muva nje emculweni wamazwi wabaculi abasebasha. Amaqembu ama-mariachi aseMexico, namasudi awo akhangayo, imihelane emikhulu, nomculo wawo ohlukile, nawo aqashelwa emhlabeni wonke.

I-merengue, I-salsa NeTex-Mex

I-merengue ne-salsa kuye kwathandwa kakhulu emazweni amaningi. Lezi zigqi azizintsha. I-merengue yaqala eDominican Republic naseHaiti. Iye yachazwa ngokuthi ‘ishesha ngokungakholeki, iyaphindaphinda, yanda ngokushesha futhi imnandi. Igama leSpanishi elithi merengue limane nje lisho inhlanganisela eyenziwe ngokuphehla ngamandla ushukela nobunwebu. Ngemva kokubuka ukushwibeka ngentshiseko kwabanye abadansi be-merengue, obukayo angase abone kalula ukuthi leli gama liyafaneleka.

Ohlotsheni lomculo we-salsa, kunezigqi ezihlukahlukene, eziningi ezivela eCuba nasePuerto Rico. Igama leSpanishi elithi salsa lisho i-“sauce.” Ngokwabanye, i-salsa iphuma enhlanganiseleni yomculo eyenzeka eNew York City, lapho kwahlangana khona abaculi abanhlobonhlobo abavela kulo lonke elaseCaribbean. Kusukela lapho yanda nezwe lonke.

Ukubulawa kukaSelena ngo-1995, umculi wase-United States womculo weSpanishi kwenza ukuba amaculo akhe athandwe kakhulu kunangesikhathi esaphila. Wayaziwa njengowesifazane oyisilomo emculweni weTex-Mex oye wachazwa njengenhlanganisela yomculo waseMelika nezigqi zase-norteño (zasenyakatho Mexico). La maculo aculwa ngesiNgisi, iSpanishi, noma iSpanglish, inhlanganisela yeSpanishi nesiNgisi. Lo mculo uye wathandwa kakhulu abakhuluma isiLatini e-United States naseLatin America.

Umbono Olinganiselwe Ngomculo Nomdanso

Umculo, njenganoma yini enye engajabulisa, ujatshulelwa kakhulu uma kulinganiselwa. (IzAga 25:16) AmaKristu ayalukhetha uhlobo lomculo alulalelayo. IBhayibheli liyayala: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.” (Efesu 5:15, 16) Kwaziwa kahle kamhlophe ukuthi amanye amaculo anamagama angenanhlonipho, akhuthaza ukuziphatha okubi ngisho nobusathane. Umculo wesiLatini awugonyiwe emathonyeni onakalisayo anjalo.

Amanye amaculo esiLatini anezosha eziqokomisa inhlamba. Amanye anezincazelo ezikabili, kuyilapho amanye akhuluma ingcaca ngothando nangobulili. Izindaba zezombangazwe, ubudlova nokuvukela kuqokonyiswa ngokuvelele kwamaningi amaculo. Ngokwesibonelo, umculo waseMexico owaziwa ngokuthi i-corrido bewulokhu uthandwa kakhulu abantu abaningi abakhuluma isiLatini. Nokho, muva nje sekudume uhlobo olusha lomculo we-corrido olwaziwa ngokuthi i-narco corrido. Lezi zingoma zilandisa ngezindaba ezinobudlova zabashushumbisi bezidakamizwa, ezibachaza njengamaqhawe. Ezinye izingoma ze-mariachi zinamagama acasulayo, zikhazimulisa ukudakwa, ukuba abesilisa bazibone bengcono kunabesifazane noma bashisekele ubuzwe. Izinto ezinjalo zikhona nasezosheni ze-merengue, i-salsa, nezinye izinhlobo zomculo wesiLatini.

Abanye abawujabulelayo umculo wesiLatini abaziqondi izosha. Bengaqondile bangase bazithole sebejabulela izingoma ezikhuthaza ukuziphatha okubi kobulili, ubudlova noma ngisho ukulumba. Labo abasaziyo iSpanishi bangase bangazinaki izosha zezingoma ezingabazekayo lapho bedansela izigqi zazo ezithakazelisayo nezimnandi. Nokho, inhlonipho ejulile ngezindinganiso zeBhayibheli, kufanele isishukumisele ukuba sihlolisise noma iliphi iculo elidlalwa emizini yethu nasemibuthanweni yokuzijabulisa. Lokhu kuyosivimbela ekubeni silalele noma sidansele isigqi samaculo anezosha ezimcasulayo uNkulunkulu.

Futhi kufanele siqaphele ukuba indlela esidansa ngayo ingabakhubekisi abanye. (1 Korinte 10:23, 24) AmaKristu ayaqaphela ukuba angadansi ngendlela eyeqisayo yokunganaki ewehlisa isithunzi. Futhi awafuni ukuhileleka ekudanseni umdanso ovusa inkanuko ngamabomu. Imibhangqwana eshadile ibonakalisa ukwahlulela okuhle ukuze ukudansa kwayo kungabi ukubonakalisa obala ngendlela engafanele ukusondelana kwasemshadweni.

Ukulinganisela kobuKristu kudinga nokulinganisela izinga lomsindo umculo odlalwa ngalo nokuthi umbuthano wokuzijabulisa uthatha isikhathi esingakanani. Ngokuqinisekile, abakhulekeli bakaJehova bangalujabulela uhlobo lomculo abalukhethayo ngaphandle kokuhlanganyela ‘emibuthanweni exokozelayo’ edonsa kuze kube sentathakusa futhi enomculo onomsindo ovala izindlebe. IBhayibheli liyanxusa: “Ngoba isikhathi esidlulile sanele ngani ukuthi nayenza intando yezizwe lapho niqhubeka ezenzweni zokuziphatha okuxekethile, izinkanuko, ukweqisa ewayinini, imibuthano exokozelayo, imincintiswano yokuphuza, nokukhonza izithombe okuphambene nomthetho.”—1 Petru 4:3.

Naphezu kokwanda kwezici zokuziphatha okubi ezintweni zokuzijabulisa zanamuhla, kusenezinhlobonhlobo eziningi zomculo owakhayo umuntu angawujabulela. Umculo uyisipho esihle esivela kuNkulunkulu, futhi iBhayibheli lithi “kunesikhathi sayo yonke into noma injongo ngaphansi kwezulu . . . , isikhathi sokukhala nesikhathi sokudansa.” (UmShumayeli 3:1, 4, The Amplified Bible) Uma uthanda umculo oshukumisayo, owenza nabanye bajabule, ngokuqinisekile uyokujabulela ukulalela nokudansela izigqi ezimnandi zomculo wesiLatini, wenza kanjalo ngokungeqisi nangokulinganisela kobuKristu.—1 Korinte 10:31; Filipi 4:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela