Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 10/8 k. 26-k. 27 isig. 6
  • Izici Zenhlekelele Ezikabili

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izici Zenhlekelele Ezikabili
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu BakaJehova Bayasabela
  • Imiphumela Emihle
  • Izinto ISiphepho IAndrew Esasingenakuzibhubhisa
    I-Phaphama!—1993
  • Uthando LobuKristu Phakathi Nezinhlekelele EMexico
    I-Phaphama!—1996
  • Kwakubalulekile Ukulalela Izixwayiso
    I-Phaphama!—2006
  • Labo “Abakulalelayo” Bayosindiswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 10/8 k. 26-k. 27 isig. 6

Izici Zenhlekelele Ezikabili

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO

UGODOFREDO noGisela, umbhangqwana oshadile ongoFakazi BakaJehova, kanye nezingane zabo ezincane babesendlini yabo eyakhiwe ngamabhodi ambozwe ngetiyela lapho iSiphepho uPauline sigadla ogwini lwase-Oaxaca, eMexico. Amabhodi aqhaqheka ngalinye ngalinye ngenxa yomoya. Ekugcineni, lapho sekusele ingxenyana nje yendlu, lo mkhaya wasala ungenandawo yokukhosela.

UGisela, egone usana olunezinyanga ezingu-8 ubudala, kanye nezinye izingane ezintathu zibambelele kuye nakuGodofredo, balwisana nomoya onamandla amahora angaphezu kwamabili. Ngezinye izikhathi, isiphepho sasibalahla phansi bagingqike. Ekugcineni, bonke basinda.

E-Acapulco, lapho omunye woFakazi BakaJehova okuthiwa uNelly ebona amanzi engena endlini, wavusa umkhaya wakhe. Amanzi ayenyuka ngokushesha, futhi uNelly waminza, kodwa indodakazi yakhe yamkhipha. Babambelela efasiteleni futhi bengenandlela yokuphuma, babuka amanzi enyuka bezocwila. Khona-ke, bezwa indoda ethile ibamemeza. Kwakungumakhelwane; wabatakula wayesebayisa kwakhe. Belapho, babuka bethukile lapho imoto ifahlaza indlu ababekuyo emizuzwini embalwa nje ngaphambi kwalokho.

NgoLwesithathu ntambama, ngo-October 8, 1997, iSiphepho uPauline sagadla ogwini lwesifundazwe sase-Oaxaca ngesivinini esingaphezu kwamakhilomitha angu-200 ngehora. Khona-ke, entathakusa ngoLwesine, ngo-October 9, isiphepho sabhubhisa isifundazwe saseGuerrero, ikakhulukazi idolobha lase-Acapulco, sadala amagagasi angamamitha ayishumi ukuphakama nezikhukhula ezakhukhula izindlu, izimoto, izilwane nabantu. Lapho isiphepho sidlula, kwakuvuleke imigodi engaba amamitha ayishumi ukujula ezindaweni ezazinemigwaqo. Ngokwephephandaba i-News, inhlangano yeSiphambano Esibomvu eMexico yathi babalelwa ku-400 abafa kanti bangu-20 000 kuya ku-25 000 abasala bengenamakhaya kulezi zifundazwe zombili. Nokho, phakathi nale nhlekelele, kwaboniswa uthando lobuKristu oluthinta inhliziyo.

Abantu BakaJehova Bayasabela

Ngokushesha lapho kuzwakala izindaba zeSiphepho uPauline, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico laqala ukuthola izingcingo ezivela koFakazi kulo lonke izwe befuna ukwazi ukuthi yini ababengasiza ngayo. Nabaphesheya kwezilwandle banikeza usizo. Ngokushesha kwabunjwa ikomiti yokunikeza usizo, kwasakazwa amathani amaningi okudla, izingubo zokugqoka nezinye izinto.

Kwathengwa nezimpahla zokwakha, futhi ngokushesha kwaqala umsebenzi wokuvuselela izindlu ezingu-360 nedlanzana lamaHholo OMbuso ayebhidlikile noma onakele. Izinkulungwane zabafowethu nodadewethu abangamaKristu zazimatasa zinikela, zihlukanisa, zipakisha, zithutha futhi zidiliva izinto zosizo noma zilungisa umonakalo.

Abanye abanikazi bezitolo bahlatshwa umxhwele kakhulu umsebenzi woFakazi baze banikela ngokudla, izimpahla zokwakha nangezinye izinto. Abanye babathengisela izinto ngamanani ancishisiwe. OFakazi ababethintekile lwabathinta ngokujulile uthando abaluboniswa, ikakhulukazi lapho befunda izincwadi ezikhuthazayo ezazihambisana nezinto ababezithunyelelwa.

Ngokudabukisayo, lesi siphepho sabulala uJosé Faustino—uFakazi oneminyaka engu-18 ubudala—nabantu abathathu ababefundelwa iBhayibheli oFakazi. Izihlobo zabo, ikakhulukazi abazali bakaJosé, baye bayazisa imithandazo abayenzelwa nesikhuthazo ibandla elabanikeza sona.

Imiphumela Emihle

Ngemva kweSiphepho uPauline abantu abaningi bacela ukufundelwa iBhayibheli, kuhlanganise nezihlobo zoFakazi ezingakholwa, futhi omakhelwane abaningi babezimisele ukulalela umyalezo woFakazi onikeza ithemba. Futhi, oFakazi bahlanganyela ekwabeni ukudla okwakunikelelwe bonke abantu. Kwenye indawo, lapho uFakazi ebuza indoda ethile ukuthi kungani ikhethe oFakazi BakaJehova ukuba babe ukudla okunikelwe yinkampani yayo, le ndoda yephendula: “Ngoba ngiyazi ukuthi nihlelekile futhi nithembekile. Ngaphezu kwalokho, niyabazi abaludinga ngempela lolu sizo, ngoba niyabazi abantu abasendaweni yakini.”

Njengoba ukuphela kusondela futhi kunezinhlekelele eziningi emhlabeni wonke, kuyakhuthaza njalo ukubona abantu besebenzisa izimiso zeBhayibheli, ngisho nalapho bebhekene nobunzima.

[Isithombe ekhasini 26]

Izingane zisiza ekuvuselelweni kwezakhiwo

[Isithombe ekhasini 27]

OFakazi bakha iHholo LoMbuso elisha e-Oaxaca ngemva kweSiphepho uPauline

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela