Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 1/22 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuxhashazwa Kwezingane Kuvamile
  • “Ukhokho Wokuqala Ngqá”?
  • Irobhothi Elihlinzayo
  • Abafa Ezingozini Zomgwaqo Bayanda
  • Izindawo Ezingahlanzekile
  • Ukunciphisa Amaguludla Ezinso
  • Okushiwo Ama-Easter E-Australia
  • Izithombe Ezingcolile Zobulili Ezenzelwe Abesifazane
  • Ukuluthwa Ukuthenga
  • Ukubeka Iso Ezinganeni
  • Asho Ukuthini AmaIsta Kuwe?
    I-Phaphama!—1992
  • Ukukuvimbela Ekhaya
    I-Phaphama!—1993
  • Kungani Ofakazi BakaJehova Bengawagubhi Ama-Easter?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Ama-Easter Noma ISikhumbuzo—Ikuphi Okufanele Ukugubhe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 1/22 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Ukuxhashazwa Kwezingane Kuvamile

“Ukucwaningwa okusha kwempilo yabafana abasakhula [e-United States] kubonisé ukuthi abafana abangaphezu koyedwa kwabangu-8 abafunda esikoleni esiphakeme bathi baye baxhashazwa ngokomzimba noma ngokobulili,” kubika i-New York Times. Lolu cwaningo lwathola ukuthi “ukuxhashazwa kwabafana ngokomzimba kwakwande kakhulu kunokuxhashazwa ngokobulili, nokuthi izikhathi ezimbili kwezintathu lapho bexhashazwa, kwakusuke kuyilungu lomkhaya futhi kwenzeka ekhaya.” Abafana bamaMelika ase-Asia kuthiwa babexhashazwa ngokobulili ngaphezu kwabo bonke, ngoba bangamaphesenti angu-9 abathi baye baxhashazwa. Kubafana abangamaHispanic, bangamaphesenti angu-7 abathi baye baxhashazwa ngokobulili, kanti bangamaphesenti amathathu abansundu nabamhlophe ababika ukuthi baye baxhashazwa ngokobulili. Iphepha lenhlolo-vó lalingachazi ukuthi lisho ukuthini uma likhuluma ngokuxhaphaza. Lamane labuza nje ukuthi umuntu wake waxhashazwa yini ngokomzimba noma ngokobulili.

“Ukhokho Wokuqala Ngqá”?

Ababhishobhi bakulo lonke elase-Asia muva nje bebehlangene eVatican City bezoxoxa ngezindlela zokusakaza ubuKatolika emazweni ase-Asia. UMfundis’ u-Oswald Gomis waseSri Lanka uthi: “Emazweni amaningi ase-Asia, ubuKristu bubhekwa njengenkolo yaseNtshonalanga eyafika nababusi bamakoloni.” Ngakho-ke, i-Associated Press ibika ukuthi inselele “iwukuveza uJesu ngendlela eyamukelekayo kwabase-Asia. Laba babhishobhi bakhuluma ngokuvumelanisa isonto lamaRoma namasiko nezilimi zendawo, kanye nokuvumelanisa la masiko nolimi lwesonto.” Isibonelo esanikezwa esomkhuba wokukhulekela okhokho. Ukuze kukhangwe labo abanamathele kulo mkhuba wasendulo, uMfundis’ uJohn Tong Hon waseHong Kong wasikisela ukuba amaKatolika kancane kancane asakaze umbono wokuthi unkulunkulu “wamaKristu ungukhokho wokuqala ngqá.”

Irobhothi Elihlinzayo

Iphephandaba laseFrance i-Figaro libika ukuthi odokotela ababili abahlinzayo esibhedlela saseParis baye bahlinza inhliziyo ngokuphumelelayo ngokokuqala ngqá besebenzisa irobhothi elilawulwa yi-computer. Bahlinza izingxenye eziyisithupha, kuhlanganise nokuxhuma imithambo yegazi. Le nqubo ihilela ukuhlinza embotsheni engamasentimitha amane. Behlezi buqamama nesiguli etafuleni elinemishini nezinkinobho, lab’ odotela babheka ingaphakathi lomzimba wesiguli ngekhamera bese besebenzisa izibambo ezimbili eziyiziqondiso zokulawula irobhothi. Ngenxa yokuthi i-computer inciphisa ukunyakaza kukadokotela ngezikhathi ezintathu kuya kwezinhlanu, lokhu kuhlinza kunembile futhi akuziphazamisi izitho zomzimba. Enye inzuzo iwukuthi isiguli asibuzwa kakhulu ubuhlungu lapho silulama.

Abafa Ezingozini Zomgwaqo Bayanda

I-Fleet Maintenance & Safety Report ibika ukuthi unyaka ngamunye, kufa abantu abangaphezu kuka-500 000 emigwaqweni emikhulu emhlabeni, kanti izingozi zomgwaqo ziyanda emhlabeni wonke. Usengozini engakanani yokuhileleka engozini yomgwaqo ehlasimulisayo? Ngokwalo mbiko, “emazweni ‘asebenzisa izimoto kakhulu,’ okungenani umuntu oyedwa kwabangu-20 uyafa noma alimale engozini yomgwaqo unyaka ngamunye kanti oyedwa kwababili ulaliswa esibhedlela okungenani kanye ekuphileni kwakhe ngenxa yengozi yomgwaqo.”

Izindawo Ezingahlanzekile

Nakuba kungase kubonakale kungenakwenzeka, isihlalo sendlu encane kwakho kungenzeka sihlanzeke kakhulu kunepulangwe lokusikela isinkwa elisekhishini. Baphetha kanjalo abacwaningi base-University of Arizona ngemva kokuchitha amasonto angu-30 behlola amagciwane atholakala emizini engu-15. Leli qembu lathatha amasampula ezindaweni ezingu-14 emzini ngamunye, kuhlanganise nasezibambweni zompompi, kosinki, emapulangweni okusikela isinkwa, ezimfadukwini nasezihlalweni zezindlu zangasese. Latholani? Umagazini i-New Scientist uthi: “Abacwaningi bathola amagciwane amaningi ngokuphindwe izikhathi eziyisigidi emanzini aphuma lapho ukhama izimfaduko kunasezihlalweni zezindlu zangasese. Ngisho namapulangwe okusikela isinkwa ayenamagciwane amaningi ngokuphindwe kathathu.” Lo magazini ubika ukuthi umkhulumeli walolu cwaningo, uPat Rusin, waveza ukuthi “izihlalo zezindlu zangasese zomile ukuba kungahlala amagciwane kuzo, ngoba athanda izindawo ezinomswakama.” Ukuze kuthuthukiswe izinga lenhlanzeko, uRusin utusa ukuba izimfaduko ziwashwe masonto onke. Uthi: “Mane uthele inkomishi ye-bleach kusinki ogcwele amanzi, ufake imfaduko bese uyiyeka lapho imizuzu eyishumi ngaphambi kokuba uyikhame.”

Ukunciphisa Amaguludla Ezinso

I-Science News ibika ukuthi abacwaningi ababelandelela imikhuba yokudla yabahlengikazi abangaphezu kuka-80 000 e-United States phakathi kuka-1986 no-1994 bathola ukuthi iziphuzo ezithile zingase zisize umuntu kangcono ukuba angabi namaguludla ezinso. Phakathi kweziphuzo ezingu-17 ezahlolwa, itiye linciphisa amaguludla ezinso ngamaphesenti angu-8, kanti ikhofi elivamile noma elingenayo i-caffeine linciphisa ingozi ngamaphesenti angu-9. Ukuphuza iwayini ngokulinganisela kusiza ngokunciphisa ingozi yamaguludla ezinso ngamaphesenti angu-20 noma ngaphezulu. Lolu cwaningo lwabonisa ukuthi “kuyamangalisa ukuthi ukuphuza ama-ounce angu-8 [amamililitha angu-240] ejusi ye-grapefruit nsuku zonke kwandisa ingozi yamaguludla ngamaphesenti angu-44. Asikho esinye isiphuzo esinemiphumela emibi ngale ndlela.” UDkt. Gary Curhan, oyisazi sokusebenza kwezinso nezifo eBoston, wacashunwa ethi: “Ukushintsha izinto esiziphuzayo kungase kuwenze umehluko,” kodwa kumane nje kuyingxenye yenqubo yokwelapha ebanzi.

Okushiwo Ama-Easter E-Australia

Iphephandaba lase-Australia i-Sun-Herald lenza inhlolo-vo, kubuzwa noma ubani ukuthi ama-Easter asho ukuthini kuye. Imiphumela eyanyatheliswa yayilandelana ngale ndlela: amaqanda kashokoledi ama-Easter (amaphesenti angu-54), iholidi lempelasonto ende (amaphesenti angu-39), i-Royal Easter Show (amaphesenti angu-21), isenzakalo esingokwenkolo (amaphesenti angu-20). UDavid Milikan, ongumfundisi wase-Uniting Church, wathi akamangali ngokuthi bambalwa kangaka abantu baseSydney abahlobanisa ama-Easter nenkolo. Wanezela: “Amasonto ayashabalala . . . Zonke izinkolo ezinkulu zilahlekelwa abalandeli abaningi kakhulu.” Umbhishobhi omkhulu wamaRoma Katolika eSydney wakhononda: “Kwabaningi, ama-Easter awanakho nakancane ukubaluleka okungokwenkolo; amane nje awumkhosi ovamile.”

Izithombe Ezingcolile Zobulili Ezenzelwe Abesifazane

“Abesifazane sebecishe bafane namadoda ngesithakazelo abanaso ezithombeni zobulili obuyingcaca ezitholakala ezimisweni zama-computer,” kubika i-New York Times. Ezinye izingosi eziningi zabesifazane zihlanganisa “izithombe ezingcolile zobulili . . . nokuthenga.” Ngemva kokuvulwa kwenye ingosi eyenzelwe ngokukhethekile abesifazane abangebona ongqingili, i-Times yaphawula ukuthi “le ngosi iyithonsi nje elincane emthonjeni ojulile wokwaziswa okunezithombe ezingcolile zobulili obuyingcaca ezigcwele ezimisweni ezinkulu zama-computer.”

Ukuluthwa Ukuthenga

Iphephandaba i-Grafschafter Nachrichten libika ukuthi “abantu abaningi ngokwandayo eJalimane banenkinga yokuluthwa ukuthenga.” Ngokwesazi sokusebenza kwengqondo kwezebhizinisi u-Alfred Gebert, abantu abayimilutha yokuthenga baba nomuzwa wokwesasa ophela ngokushesha lapho sebekhokhele lezo zimpahla. UGebert uthi baze babe nezimpawu zokuqaleka ngokomzimba. “Bayathuthumela, bajuluke futhi baphathwe yisisu.” Ngenxa yalesi sizathu, abantu abahola imali eningi nabanamathuba amahle okuthenga ngesikweleti basengozini enkulu kunabantu abampofu. Kuthiwa izimbangela zalokhu kulutheka zingase zihlanganise ‘isizungu, ukuzinyeza, ukucindezeleka kanye nezinkinga emsebenzini.’ Ukuze balwe nalokhu kulutheka, uGebert utusa ukuba abantu babe nomsebenzi wokuzilibazisa. UGebert uthi okubaluleke kakhulu ubudlelwane nabanye. Uthi: “Ngaphandle kosizo lwabanye abantu, le nkinga yokulutheka ibonakala kuphela lapho umuntu esengene shí ezikweletini futhi esesebenzise ithuba lokugcina lokuthenga ngesikweleti.”

Ukubeka Iso Ezinganeni

Abanye abazali eJapane sebeqale ukuqasha abaseshi ukuba bagade izingane zabo ukuze bazivikele kwabaziqinelayo esikoleni. Ngokwe-Daily Yomiuri, uprofesa wase-Osaka City University osehlole abafundi abangaphezu kuka-6 000 wathi: “Izingane eziqinelwayo ngokuvamile zenza okusemandleni ukuze zifihlele abomkhaya lesi simo, zisaba ukuthi zizogxekwa ngokwehluleka ukuzilwela noma ukunqanda isimo.” Abanye abazali abacabanga ukuthi izingane zabo ziyahlukunyezwa sebefaka imishini yokuqopha ezingutsheni zazo ukuze balalele izingxoxo zazo. Abanye baye baqasha abaseshi abalandela “ingane bebuqamama, beloba phansi okwenziwa abahlukumezi bese bengenela njengezingelosi ezivikelayo basindise ingane esengozini.” Kodwa leli phephandaba lithi abakhulumeli bezingane “bagxeka ukuqasha kwabazali izinhloli ngokuthi isinyathelo esibi esingase sidedise izingane okufanele zithembele futhi zithulule isifuba kubantu abadala.” Nokho, abazali bathi lena yindlela yokusiza izingane zabo ezisenkathazweni lapho ukukhulumisama sekunqamukile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela