Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 5/8 k. 10-k. 11
  • Ubuchopho Bakho—Ungabusebenzisa Kanjani Ngokunenzuzo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubuchopho Bakho—Ungabusebenzisa Kanjani Ngokunenzuzo?
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuvivinya Ingqondo Kubalulekile
  • ‘Ukudla Okuhlukahlukene Kwengqondo’
  • Busebenza Kanjani Ubuchopho Bakho?
    I-Phaphama!—1999
  • Ubuchopho Bakho—Buyinkimbinkimbi Eyisimangaliso
    I-Phaphama!—1999
  • Ubuchopho—“Bungcono Kunecomputer”
    I-Phaphama!—1988
  • “Indalo Yonke Ngaphakathi Kogebhezi”
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 5/8 k. 10-k. 11

Ubuchopho Bakho—Ungabusebenzisa Kanjani Ngokunenzuzo?

Njengoba ufunda la mazwi, ubuchopho bakho bubuyisa izinkumbulo ezagcinwa eminyakeni eminingi edlule lapho uqala ukufunda ukufunda. Kodwa ukuze ukucabange ngendlela ehlakaniphile nenengqondo lokho okufundayo, kudingeka uthuthukise ikhono lobuchopho bakho lokucabanga.

OSOSAYENSI baye bathola ukuthi ukuxhumana okusemangqamuzaneni ezinzwa ebuchosheni kuhlale kushintsha. Uma kuyekwa kungasetshenziswa noma kungashukunyiswa, amangqamuzana ezinzwa ayafa. “Ubuchopho buthuthuka uma busetshenziswa,” kuphawula umbiko wamuva. “Kulabo abakhathazeka ngesimo sobuchopho babo—noma abafuna ukubugcina busezingeni eliphezulu—iseluleko esingcono kubonakala kuwukuthi baphakele ingqondo yabo ukudla okuhlukahlukene futhi bayivivinye kakhulu.”

Ukuvivinya Ingqondo Kubalulekile

Ukuze uqaphele ukubaluleka ‘kokuyivivinya kakhulu ingqondo,’ phawula lokho ososayensi abaye bakuthola ngezingane ezincane. Lapho izingane zizalwa, ngokuvamile kusuke kungekona ukuthi aziboni. Zisuke nje zidinga ukuthuthukisa ikhono lokubona. Zingaqale zigxilise amehlo azo ezintweni eziseduze kuphela. Kamuva, ziba nekhono lokubona ubude, ububanzi nokuphakama kwento njengoba ziqala ukubona umehluko osezithombeni ezibonwa amehlo azo. Kodwa uma iso elilodwa libhandishiwe lapho leli elinye lithuthuka, ingane ingase ikhule ingaboni kahle ngalelo liso. Ngani? Ngoba umyalezo ovela kwelinye iso yiwo olawula i-visual cortex yobuchopho.

Amathoyizi ashukumisa isithakazelo sengane asiza ubuchopho ukuba buqonde ukuthi kuqhubekani ezweni lezingane.

Ucwaningo lwamuva lusikisela nokuthi umculo ungasiza ekuthuthukiseni ulimi namakhono okukhulumisana. Izingane ezafundiswa kakhulu umculo zabonakala zingcono kakhulu ezifundweni zolimi futhi zafunda ukufunda kalula kakhulu kunalezo ezazingawufundiswanga. Lezo ezazidlala umculo ndawonye nazo zabonakala zibambisana kakhulu.

Nakuba ubuchopho buhlukene izingxenye ezimbili, engakwesobunxele nengakwesokudla, ingxenye ngayinye ifeza indima ebalulekile. Ngokwesibonelo, ingxenye engakwesokudla, isisiza ukuba sinake imizwelo futhi siwuqonde umculo. Noma kunjalo, lezi zingxenye ezimbili zixhumene. Omunye umbiko uphawula ukuthi lapho abafundi abafunda ngomculo beqala izifundo zabo, ukulalela umculo kwakushukumisa ikakhulu ingxenye yobuchopho babo engakwesokudla. Eminyakeni emithathu kamuva, ngemva kokufunda kabanzi ngomculo nokwakheka kwawo, ingxenye engakwesobunxele yayimatasa ihlaziya lokho abakuzwile. Ngenxa yalokho, ukuvivinya ingqondo kuyadingeka ukuze kushukumise bonke ubuchopho, izingxenye zokuhlaziya nezemizwelo nazo zihileleke.

‘Ukudla Okuhlukahlukene Kwengqondo’

Abantu abaningi baye bafunda izinkolelo zenkolo yomkhaya wakubo. Kodwa lapho beqala ukucabanga ngezizathu zezimfundiso zala masonto, baphawula ukuthi kunokuguquguquka futhi ayikho injongo yangempela. Loku kuye kwabangela abanye ukuba bafune inhlangano yenkolo ephendula imibuzo yabo futhi ibanikeze ithemba elizwakalayo lekusasa.

“Ukuphila kwami kuye kwagcwaliswa inhliziyo ebuhlungu nezinkinga, kusukela ngisanda kweva eshumini nambili kuqhubeke,” kuchaza uJean. “Nakuba ngangiyilungu leSonto LaseSheshi, angizange ngisithole isiqondiso noma ukuthula kwengqondo. Eziningi izimfundiso zesonto zazingikhathaza—ngokwesibonelo, isihogo somlilo nesimo sabafile. Abefundisi bangitshela ukuthi uNkulunkulu uyangijezisa.

“Manje nganquma ukulishiya phansi iSonto LaseSheshi, kamuva ngashada nendoda eyayingasonti. Ngacindezeleka ngenxa yobudlova eyayinabo ekhaya.” UJean wabe esenquma ukuzibulala. Kodwa ngaphambi kokuba azibulale, wathandaza okokugcina kuNkulunkulu. Ngaso kanye leso sikhathi, wezwa ukungqongqoza emnyango. Lapho evula wathola abesifazane ababili ababengoFakazi BakaJehova. Bakhuluma ngokuphila okunenjongo futhi banika uJean izincwadi zeBhayibheli ezithile ezazizomsiza afunde okwengeziwe.

“Lapho sebehambile,” kuqhubeka uJean, “ngangena endlini futhi ngokushesha ngaqala ukufunda incwadi ababengishiyele yona. Ngezwa sengathi kunesembozo esithile esisuswayo ebesingivale amehlo, sengathi ngangiqala ukubona. Lapho ngiqhubeka ngiyifunda kulapho kwakucaca ngokwengeziwe ukuthi leli kwakuyiqiniso.” UJean wayetholele ingqondo yakhe ukudla okwanelisayo.

Incwadi yeBhayibheli yezAga iqokomisa ukubaluleka kokuqonda nokuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. Nokho, ukuze sikuthole, kudingeka umzamo womuntu siqu nesifiso sokufunda ngoNkulunkulu. IzAga isahluko 2 zibeka inselele: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.”—IzAga 2:1-6.

Umfundisi uWilliam Lyon Phelps, ebhekisela eBhayibhelini, wabhala: “Noma ubani olazi kahle iBhayibheli kungashiwo kufanele ukuthi ufundile.” Thintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele ekhelini eliseduze kulawo asohlwini ekhasini 5. Bazokujabulela ukukusiza ukuba uthole ukuthi iBhayibheli lingayiphendula kanjani imibuzo yakho futhi libe umthombo onokwethenjelwa wokushukumisa ingqondo kakhulu. Sebenzisa ikhono lokucabanga lobuchopho bakho ukuze uqonde isibonelo seqiniso eliboniswa iBhayibheli. Ukubusebenzisa ngokunenzuzo kanje ubuchopho bakho kungakuholela enjabulweni yaphakade.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela