Intsha Iyabuza . . .
Ngingazigwema Kanjani Izingozi Ze-Internet?
AKE uzicabange usemtatsheni wezincwadi omkhulu ukuyedlula yonke emhlabeni. Uzungezwe yizincwadi, amaphephandaba, izincwadi zokukhangisa, izithombe, nokwaziswa okuqoshiwe okuhlukahlukene—okuhlanganisa izihloko eziningi. Konke ukwaziswa kwamuva kanye nendathane yezincwadi ezindala kutholakala kalula.
Yebo, i-Internet yenza ukuba ukwaziswa okunjalo kutholakale kalula. Ngayo umuntu angakwazi ukusebenzisa i-computer ukuze abelane ngokwaziswa namanye ama-computer nabantu abawasebenzisayo noma kuphi emhlabeni.a Abantu bangakwazi ukudayisa imikhiqizo, ukuthenga, ukufaka imali ebhange, ukuxoxa, nokulalela izingoma eziqoshiwe zamuva—konke lokhu bekwenza bethokomele emakhaya abo.
Akumangalisi-ke ukuthi abanye ochwepheshe babikezela ukuthi ekupheleni kwalo nyaka, abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-320 bayobe sebesebenzisa i-Internet. Ngakho, ezingxenyeni eziningi zomhlaba ukusebenzisa i-Internet kuya ngokuya kuba yinto evamile. Njengoba izikole nemitapo yezincwadi zikutusa kakhulu ukusetshenziswa kwayo, izigidi zentsha seziyayisebenzisa. E-United States, cishe amaphesenti angu-65 entsha eneminyaka ephakathi kuka-12 no-19 ubudala aseke ayisebenzisa noma asenendlela yokuyisebenzisa.
Uma isetshenziswa ngendlela efanele, i-Internet ingaba umthombo wokwaziswa owusizo mayelana nesimo sezulu, ezokuvakasha, kanye nezinye izihloko. Ungakwazi ukuyisebenzisa uma uthenga izincwadi, izinsimbi zemoto, nezinye izinto. Abaningi bayisebenzisela ukwenza umsebenzi wesikole.
Nakuba i-Internet ingase ibe usizo, ingase ifane nendlu yomtapo wezincwadi engenazo izisebenzi ezingabaqondisi noma abanye abaqaphile. Umuntu angase ayisebenzise enomuzwa wokuthi akekho omunye umuntu okhona. Kodwa lena enye yezingozi ezinkulu zokusebenzisa i-Internet. Ngani? Ngoba izingosi eziningi ziqukethe ukwaziswa okungcolile okonakalisa ukuziphatha futhi okubulala ingokomoya. Ngakho, i-Internet ingase ifake amaKristu asemasha esilingweni. Phela, abantu banelukuluku elingokwemvelo lokufuna ukwazi—okuwumkhuba uSathane uDeveli asenesikhathi eside esizakala ngawo. Ngokuqinisekile uSathane wasebenzisa ilukuluku lika-Eva lokufuna ukwazi futhi ‘wamyenga ngobuqili bakhe.’—2 Korinte 11:3.
Ngokufanayo, umKristu osemusha angase ayengwe kalula ukwaziswa okungahlanzekile uma engazimisele ukuvikela ingokomoya lakhe. Isihloko esikuyi-Better Homes and Gardens sachaza: “I-Internet iwumkhakha othakazelisayo lapho abantu abahlakaniphile abasungula izinto ezintsha bethengisa khona ukwaziswa kwamuva; kodwa abanukubezi bezingane, abakhohlisi, ontamo-lukhuni, nabanye abantu abangaziphethe kahle nabo bayazihlola lezi zingosi.”
Osemusha okuthiwa uJavierb uthi: “Ezinye izingosi ziyashaqisa. Zingavela ungazilindele.” Uyenezela: “Bazama ukukufaka ogibeni. Bafuna ukukuyenga—ukuze bathole imali yakho.” UmKristu osemusha okuthiwa uJohn uyavuma: “Uma uke waqala ukubuka izithombe ezingcolile, kunzima ukuyeka—ziyalutha kakhulu.” Enye intsha engamaKristu iye yajwayela izingosi ezinokwaziswa okungahlanzekile, futhi lokhu kuye kwayiholela ezinkingeni ezinkulu. Enye iye yalimaza nobuhlobo bayo noJehova. Lokhu kungagwenywa kanjani?
‘Ukubona Okuyize’
Ngezinye izikhathi ikheli lengosi lingase likubonise ngokucacile ukuthi kuleyo ngosi kunokwaziswa okungabazisayo.c IzAga 22:3 ziyaxwayisa: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.”
Nokho, ngokuvamile inkinga iwukuthi abantu bangase bazithole sebesengosini engabazisayo bengaqondile. Ikhasi lokuqala (home page) lingase libe nezithombe ezishaqisayo eziklanywe ngokucophelela ukuze zikuyenge ukuba uyihlole leyo ngosi—futhi ubuyele kuyo ngokuphindaphindiwe!d
UKevin uchaza okwenzeka komunye wabangane bakhe: “Wayenesikhathi esiningi futhi enelukuluku lokufuna ukwazi. Ukubuka izithombe zobulili ezingcolile ngokushesha kwaba umkhuba.” Ngenhlanhla, lo mKristu osemusha waya kumdala futhi wathola usizo.
Ingabe usunqumile ukuthi yini oyoyenza uma uzithola ususengosini enjalo? Kucacile okumelwe umKristu akwenze: Yivale ngokushesha leyo ngosi—noma uvele uyicishe i-Internet! Yiba njengomhubi owathandaza: “Phendula amehlo ami, angaboni okuyize.” (IHubo 119:37; qhathanisa noJobe 31:1.) Khumbula ukuthi nakuba kungekho muntu osibhekile, ukhona osibonayo. IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi zonke izinto “zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.”—Heberu 4:13.
Ukukhuluma nabazali bakho noma omunye umKristu ovuthiwe kungase kukuqinise esinqumweni sakho sokuba ungaphinde uzivakashele izingosi ezingahlanzekile. Ake sithi, uma ubungangena obishini, ubungazika uze uvele ngomqala yini ngaphambi kokuba ucele usizo?
Kuthiwani Ngokuxoxa Ngama-Computer?
I-Chat yenza ukuba abantu abasebenzisa i-Internet emhlabeni wonke bakwazi ukuxhumana ngokuphazima kweso. Abamabhizinisi bayisebenzisela imihlangano eqhutshwa ngokuxhumana ngama-computer nokusiza amakhasimende. Kwezinye izingosi zengevu (chat rooms) abasebenzisa i-computer babelana ukwaziswa ngezinto zobuchwepheshe, njengokukhandwa kwezimoto noma ukuhlela ama-computer. Ezinye izingosi zengevu zivumela abangane namalungu omkhaya ukuba bakwazi ukuxoxa ngaphandle kokungena ezindlekweni zokushaya ucingo oluya kude. Nakuba ingase isetshenziswe kahle le ndlela yokuxhumana, ingabe zikhona izingozi?
Kunesidingo sangempela sokuqapha uma kuziwa ezingosini zengevu zomphakathi, ngoba zingase zibe nezingozi ezithile. Umlobi uLeah Rozen waphawula: “Intsha ethanda ubuchwepheshe ichitha isikhathi eside idla ingevu nge-computer nabantu engabazi kulo lonke izwe, ngisho nasemhlabeni wonke. Ngeshwa, abanye balabo bantu le ntsha okungenzeka ukuthi ixoxa nabo abantu abadala abanezinkanuko zobulili eziphendukezelwe abafuna ukuba nobuhlobo bobulili nezingane.” Isihloko esikumagazini i-Popular Mechanics saxwayisa ngokuthi “kumelwe uqaphe kakhulu” uma usebenzisa izingosi zengevu zomphakathi. Ukunika umuntu ongamazi igama noma ikheli lakho kungaba ukuzidonsela amanzi ngomsele! Kungani kufanele uzifake kuleyo ngozi?
Nokho, ingozi ecashile isekubeni nobudlelwane obungafanele nabantu abangazihloniphi izimiso zeBhayibheli.e Abacwaningi bathi esikhathini esiningi izingxoxo zentsha eziqhubeka ezingosini zengevu zimayelana nezindaba zobulili. Ngakho iseluleko seBhayibheli esikweyoku-1 Korinte 15:33 siyafaneleka: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.” Ukuzihlanganisa nababi ngokuxhumana nabo nge-computer kuyingozi. Ingabe osemusha owesaba uNkulunkulu kufanele ngokunganaki azifake ezingozini ezinjalo?
Izivikelo
Njengoba sizazi izingozi ezilethwa i-Internet, kufanele siyisebenzise ngokuqapha. Ngokwesibonelo, eminye imikhaya ibeka i-computer endaweni esobala, njengasendlini yokuphumula. Ingase ibeke nomthetho othi i-Internet ingase isetshenziswe kuphela uma abanye bekhona ekhaya. Uma abazali bakho bebeka imingcele enjalo, bambisana nabo. (IzAga 1:8) Iziqondiso ezicacile zifakazela ukuthi bayakuthanda.
Uma umsebenzi wesikole udinga ukuba usebenzise i-Internet, kungani ungasibali isikhathi osichitha kuyo? Zama ukunquma kusengaphambili ukuthi singakanani isikhathi ozosichitha, ucuphe iwashi ukuze likukhumbuze uma isikhathi sesiphelile. UTom usikisela ukuthi: “Hlela kusengaphambili, kwazi kahle okufunayo, futhi wenze njengoba ubuhlelile—kungakhathaliseki ukuthi zithakazelisa kangakanani ezinye izinto.”
Ukuqapha kuyadingeka futhi uma kuziwa ekusebenziseni i-E-mail. Intsha engamaKristu kumelwe iqaphe ingagxili ekufundeni indathane ye-E-mail, ikakhulu uma ukwaziswa okuningi okukuyo kungasho lutho noma kuyiphutha. Ukusebenzisa i-E-mail ngokweqile kungadla isikhathi esiyigugu osidingayo ekhaya ukuze wenze umsebenzi wesikole futhi uhlanganyele emisebenzini engokomoya.
INkosi uSolomoni yathi: “Ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.” (UmShumayeli 12:12) Lawo mazwi angasebenza nakuyi-Internet. Ungagxili ekufuneni ukwaziswa nezibalo uze udebeselele isifundo seBhayibheli somuntu siqu nokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu. (Mathewu 24:14; Johane 17:3; Efesu 5:15, 16) Futhi khumbula ukuthi nakuba ukuxhumana nge-computer kunendawo yako, ayikho into engathatha indawo yokuxoxa namaKristu esikanye nawo ubuso nobuso. Ngakho, uma kunesidingo sangempela sokuba usebenzise i-Internet, yenza isinqumo sokuyisebenzisa ngokuhlakanipha. Gwema izingosi eziyingozi, futhi ungachithi isikhathi esiningi usebenzisa i-computer. “Gcina inhliziyo yakho,” futhi ungabi isigqila se-Internet.—IzAga 4:23.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “I-Internet—Ingabe Ikulungele?” esanyatheliswa kumagazini i-Phaphama! ka-July 22, 1997.
b Amanye amagama ashintshiwe.
c Ikheli lengosi liwuchungechunge lwezinhlamvu zamagama ezisetshenziselwa ukuthola leyo ngosi. Ngezinye izikhathi amakheli anamagama achaza injongo yaleyo ngosi.
d Ikhasi lokuqala linjengefasitela elikhangisayo. Likuchazela ukuthi yini etholakala kuleyo ngosi, ukuthi ubani owayisungula, njalo njalo.
e Lezi zingozi zingatholakala nasezingosini zengevu ezisungulwa amaKristu anezisusa ezinhle ngenjongo yokudingida izinto ezingokomoya. Abantu abangathembekile nezihlubuki ngezinye izikhathi baye bahlanganyela kulezi zingxoxo futhi ngobuqili bazama ukushoshozela abanye ukuba bamukele imibono yabo ephambene nemiBhalo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]
“Ezinye izingosi ziyashaqisa. Zingavela ungazilindele”
[Isithombe ekhasini 21]
Eminye imikhaya ibeka i-computer endaweni esobala