Ingabe Inyanga Iyakuthonya Ukuphila Kwakho?
SEKUPHELE izinkulungwane zeminyaka abantu bekholelwa ukuthi inyanga ilawula izici ezithile zokuphila emhlabeni. Bekulokhu kucatshangwa ukuthi umjikelezo wenyanga uthonya izitshalo, izilwane, ngisho nabantu. Nakuba ucwaningo lwesayensi yanamuhla luye lwabonisa ukuthi eminye yale mibono esinesikhathi eside ikhona ayilona iqiniso, ezinye izinkolelo zisekhona nanamuhla. Ayini amaqiniso?
Abanye abantu bakholelwa ukuthi kunokuxhumana phakathi komjikelezo wenyanga nokukhula kwezitshalo. Ngakho, basebenzisa amakhalenda lapho benquma ukuba batshale izimbali, bathele umquba engadini, bafake iwayini emabhodleleni, noma balondoloze ukudla okuthile. Lokhu bakwenza ngoba bekholelwa ukuthi uma imisebenzi ethile yenziwa ngesikhathi esingafanele somjikelezo wenyanga, umkhiqizo uyoba sezingeni eliphansi. Omunye umthombo ubanika la macebiso abantu abalimayo: “Izilimo ezizodliwa zingaphekiwe ngokuvamile kufanele zikhiwe lapho inyanga isagcwele, kuyilapho izilimo ezizolondolozwa kufanele zikhiwe lapho inyanga isathwasa.” Ingabe sikhona isisekelo esingokwesayensi salo mkhuba?
Okunye ukucwaninga kubonakala kuhlobanisa ukukhula kwezitshalo nemijikelezo yenyanga. Nokho, izazi zesayensi eziningi azikukholelwa. Zibonisa ukuthi imijikelezo yenyanga iyinkimbinkimbi, ayenzeki ngendlela efanayo, futhi imiphumela yayo ayifani, ngakho kunzima ukuphinda wenze ucwaningo olufana nalolo ukuhlola okusekelwe kulo.
Nokho, eminye imiphumela yemijikelezo yenyanga iye yabonakala. Ngokwesibonelo, kuye kwaboniswa ukuthi ukudla, ukuzala nemijikelezo eminingi engokwemvelo yezinto eziphilayo ihambisana namagagasi, nawo athonywa ngokuqondile amandla enyanga adonsela phansi.
Abanye bathi uma inyanga ithonya amagagasi, kufanele ibathonye nabantu, njengoba ingxenye enkulu yomzimba womuntu yakhiwa amanzi. Kuthiwani ngobudlelwane okuthiwa bukhona phakathi kwemijikelezo yenyanga nokuphazamiseka engqondweni, isikhathi umuntu azalwe ngaso, ngisho nomjikelezo wokuya esikhathini, ubude bawo obucishe bulingane nenyanga eyodwa egcwele?
Kuye kwenziwa ukuhlola emikhakheni yezifo zengqondo, ukusebenza kwayo nezifo zabesifazane ukuze kutholakale iqiniso ngale ndaba. Imiphumela ayiqinisekile. Abanye abacwaningi bathi baye bathola ubudlelwane obuncane phakathi kwalokho abantu abakwenzayo nemijikelezo yenyanga, kodwa abanye bagomela ngokuthi akukho nhlobo ukuxhumana. Bathi ukube umjikelezo wenyanga ubunethonya eliphawulekayo ekuzalweni kwabantu, ngabe kudala kwabonakala lokhu kuhlobana. Ngaphezu kwalokho, azikho kulezi zinkolelo-mbono ezicatshangelwayo ezichaza indlela inyanga ebathonya ngayo abantu eziye zagculisa izazi zesayensi.a
Nakuba isayensi iye yabonisa ukuthi inyanga ngandlela-thile inethonya ezinhlotsheni zokuphila ezihlukahlukene emhlabeni, akulula ukuthola ukuthi lokhu kwenzeka ngezinga elingakanani. Umhlaba nomkhathi esikuwo uyinkimbinkimbi, futhi okungenani okwamanje, izimiso eziningi eziwuqondisayo azaziwa.
[Umbhalo waphansi]
a Ezinye zalezi zinkolelo-mbono zihlanganisa unyezi, amandla adonsela phansi, amandla kazibuthe omhlaba kanye nakagesi.
[Isithombe ekhasini 19]
Unkulunkulukazi uSelene, owukwenziwa samuntu kwenyanga, owa- yekhulekelwa amaGreki namaRoma asendulo
[Umthombo]
Musei Capitolini, Roma