Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 12/8 kk. 18-19
  • Ingabe Isayensi Ingakuletha Ukuphila Okumi Phakade?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Isayensi Ingakuletha Ukuphila Okumi Phakade?
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Ukufa Okwaba Khona Ngayo
  • Ilungiselelo LikaJehova Lokuphila Okuphakade
  • Ukuphila Ngemva Kokufa—Kungenzeka!
    I-Phaphama!—2008
  • UJesu Uyasindisa—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukufuna Isakhi Sofuzo “Sokungafi”
    I-Phaphama!—2000
  • Isitha Sokugcina, Ukufa, Senziwa Ize
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 12/8 kk. 18-19

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Isayensi Ingakuletha Ukuphila Okumi Phakade?

EMINYAKENI eminingi edlule, umbuzo onjalo ubungabonakala ungenangqondo. Kodwa manje, abanye abantu sebewacabangela ngokujulile amathuba okuba lokho kwenzeke. Kakade, besebenzisa izinqubo abanye abanomuzwa wokuthi zingase zisetshenziswe kubantu, ososayensi baye bakwazi ukwandisa ukuphila kwezimpukane ama-fruit fly nezibungu ngokuphindwe kabili.

Ucwaningo lubonisa ukuthi amangqamuzana avamile omuntu ayafa, anda izikhathi ezithile kuphela. Ngemva kwalokho awabe esanda. Le nqubo ifaniswa newashi langaphakathi elilawula ukuthi abantu baguga futhi bafe nini. Manje ososayensi bafuna ukulihlehlisa leli washi.

Inkolelo-mbono edumile ithi isihluthulelo sokuguga sisemachosheni omucu ngamunye we-DNA, indawo okuthiwa i-telomere. Ama-telomere afaniswa namachopho epulasitiki ezintanjeni zezicathulo, aklanyelwe ukuvikela izintambo ukuze zingadabuki. Ososayensi baye baphawula ukuthi isikhathi ngasinye lapho amangqamuzana ehlukana, ama-telomere ayancipha njenge-fuse eshayo. Kubonakala sengathi ekugcineni, ama-telomere ancipha kuze kube yilapho ingqamuzana lingasakwazi ukuhlukana. Nokho, uma kukhona i-enzyme ethile, ama-telomere awanciphi. Ngakho le nkolelo-mbono ithi lokhu kunganikeza amangqamuzana ithuba lokuqhubeka anda ngokungenamkhawulo. Isikhulu senkampani ethile ehileleke kulo msebenzi sathi: “Siyaqala ngqá ukucabanga ngethuba lokungafi komuntu.” Kodwa akubona bonke ososayensi abavumayo.

Indlela Ukufa Okwaba Khona Ngayo

Yiqiniso, abantu abanokholo eBhayibhelini sekuyizinkulungwane zeminyaka bekholelwa ukuthi abantu bangaphila phakade. Ithemba labo alikho kososayensi abangabantu, kodwa likuSosayensi Oyingcweti, owadala zonke izinto eziphilayo, uJehova uNkulunkulu.—IHubo 104:24, 25.

IBhayibheli libonisa ukuthi ukufa kwabantu kwakungeyona ingxenye yenjongo yoMdali. Umbhangqwana wokuqala ongabantu wadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu futhi wabekwa engadini eyipharadesi. Wawuphelele, ungenasici engqondweni noma emzimbeni. Ngenxa yalokho, wawunethemba lokuphila phakade emhlabeni. Yilokho okwakuyisifiso sikaNkulunkulu. Wawuyala ukuba uzale abantwana futhi ngokuhamba kwesikhathi wandise iPharadesi emhlabeni wonke.—Genesise 1:27, 28; 2:8, 9, 15.

Njengoba kuboniswa kuGenesise isahluko 3, nakuba ayazi ukuthi isijeziso sasizoba ukufa, u-Adamu wahlubuka ngamabomu kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ngokuphishekela inkambo yokungalaleli, waletha isono nokufa phezu kwenzalo yakhe eyayingakazalwa. Umphostoli uPawulu wakuchaza ngale ndlela: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Ngamanye amazwi, ngenxa yokuthi u-Adamu wona, umzimba wakhe wawungasaphelele. Kancane kancane waguga futhi wafa. Inzalo yakhe yazuza leso sici njengefa.

Ngakho, ukufa kwabantu kwabangelwa ukuhlubuka kuka-Adamu nesahlulelo uNkulunkulu asikhipha ngenxa yalokho. Abantu ngeke bakwazi ukuhlehlisa leso sahlulelo. Nakuba isayensi iye yathuthuka kakhulu kwezokwelapha, amazwi kaMose aphefumulelwe, alotshwa eminyakeni engu-3 500 edlule, aseyiqiniso: “Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.”—IHubo 90:10.

Ilungiselelo LikaJehova Lokuphila Okuphakade

Ngokujabulisayo, likhona ithemba! Nakuba okwamanje bonke abantu begcina befile, akuyona injongo kaJehova ukuba lesi simo siqhubeke unomphela. Nakuba u-Adamu no-Eva babekufanelekele ukufa, uNkulunkulu wayazi ukuthi kwakuyoba nabaningi kubantwana babo abangakazalwa ababeyosabela ngokwazisa ekwengameleni kwakhe kothando. Abantu abanjalo wabenzela ilungiselelo lokuphila okungenakuphela emhlabeni. Umhubi wabhala: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IHubo 37:29) Kodwa lokhu kuyofezwa kanjani?

Lokhu kwakungeke kwenzeke ngenxa yokusombulula kwabantu izimfihlakalo ze-DNA. Kunalokho, ukuphila okuphakade kuyisipho uJehova ayosipha labo ababonisa ukholo kuye. Eqaphela ukuthi inzalo ka-Adamu no-Eva yayidinga ukukhululwa, walungiselela indlela yokuba izuze ukuphila okuphakade—umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. UJesu wayebhekisela kuleli lungiselelo lapho ethi: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.”—Johane 3:16.

Njengo-Adamu, uJesu wayengumuntu ophelele. Ngokungefani no-Adamu, uJesu wayemlalela ngokuphelele uNkulunkulu. Ngakho uJesu wakwazi ukudela ukuphila kwakhe kobuntu okuphelele ukuze ahlawulele isono sika-Adamu. Ngalesi senzo sothando, esafeza ubulungisa, izingane zika-Adamu zazingase zikhululwe esijezisweni sokufa. Ngenxa yalokho, bonke ababonisa ukholo kuJesu bayothola isipho sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade.—Roma 5:18, 19; 1 Thimothewu 2:5, 6.

Ukube abantu bebekwazi ukunqoba ukungapheleli futhi balethe ukuphila okumi phakade ngokwabo, besingeke sibe khona isidingo sesihlengo. IBhayibheli linikeza lesi seluleko esihlakaniphile: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela. Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkululunkulu wakhe owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho, ogcina iqiniso kuze kube phakade.”—IHubo 146:3-6.

Ukuphila okuphakade ngeke kulethwe ucwaningo lwesayensi, kodwa kuyolethwa uJehova. Noma yini uNkulunkulu ahlose ukuyenza, angayenza futhi uzoyenza. “KuNkulunkulu akukho simemezelo esiyoba into engenakwenzeka.”—Luka 1:37.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 18]

© Charles Orrico/SuperStock, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela