Ingabe Kufanele Siwethembe Umlando?
“Ulwazi ngomlando lusenza . . . sibe nomuzwa wokuthi siyingxenye yomphakathi owaphila kusukela endulo singakazalwa futhi uqhubeke isikhathi eside ngemva kokuba sesifile.”—A Companion To The Study Of History, Kamichael Stanford.
UKUPHILA ungenawo umlando kufana nokuphila ungenayo inkumbulo. Ngaphandle komlando, kungasho ukuthi wena, umkhaya wakini, uhlanga lwakini, noma ngisho nesizwe sakini aninamsuka, aninaso isikhathi esidlule. Isikhathi samanje besingabonakala singenasisekelo futhi singenanjongo.
Umlando ungase ube umthombo omkhulu wezifundo zokuphila. Ungasisiza ukuba sigweme ukuphindaphinda amaphutha afanayo. Njengoba esinye isazi sefilosofi sagomela, abantu abakhohlwa okwenzeka esikhathini esidlule nakanjani bazokuphinda. Ukwazi umlando kungavula izingqondo zethu mayelana nemiphakathi yakudala, izinto ezimangalisayo ezatholakala, abantu abathakazelisayo nezindlela ezihlukahlukene zokubheka izinto.
Kodwa njengoba umlando ukhuluma ngabantu nezenzakalo zakudala, singazi kanjani ukuthi singawethemba? Ukuze sifunde izifundo eziwusizo emlandweni, kusobala ukuthi kufanele zisekelwe eqinisweni. Futhi uma sithola iqiniso, kufanele silamukele ngisho noma libaba. Okwenzeka esikhathini esidlule kungafaniswa nengadi yamadolofiya—inezimbali nameva; ingaletha okuhle futhi ingaletha usizi.
Ezihlokweni ezilandelayo, sizocabangela ezinye zezici zomlando ezingasisiza ukuba sihlole ukunemba kwalokho esikufundayo. Sizocabangela nokuthi umlando onokwethenjelwa ungamzuzisa kanjani umfundi oqondayo.
[Isithombe ekhasini 3]
INdlovukazi UNefertiti
[Isithombe ekhasini 3]
Yiziphi izifundo esingazifunda emlandweni?
[Imithombo Yesithombe ekhasini 3]
Nefertiti: Ägyptisches Museum der Staatlichen Museen Preußischer Kulturbesitz, Berlin
Border: Photograph taken by courtesy of the British Museum