Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 5/22 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushintsha Inkolo EBrithani
  • Indlela Yokuphila Nomdlavuza
  • Sebenzisa Ubuchopho Bakho
  • Izindlovu “Azibakhohlwa Abangane Bazo”
  • Abashushumbisi Bezidakamizwa Abangochwepheshe
  • Izilwane Ziyachuma Kuyi-DMZ
  • Amakhefu Asemini Acindezelayo
  • Imilutha Kagwayi EMexico
  • Ukwanelisa Isidingo Esingokomoya?
  • Izindlovu—Abangane noma Izitha?
    I-Phaphama!—1994
  • Izinyo Lendlovu—Libiza Kangakanani?
    I-Phaphama!—1998
  • Ukulondoloza IPachyderm Enokuthula
    I-Phaphama!—1992
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 5/22 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Ukushintsha Inkolo EBrithani

Abantu baseBrithani bashintsha inkolo ngezinga elikhulu kunanini ngaphambili, njengoba bengaba yinkulungwane abashintsha inkolo isonto ngalinye, kubika i-Sunday Telegraph. “AmaSheshi aba amaRoma Katolika, namaRoma Katolika aba amaSheshi, amaJuda aba amaBuddha, amaSulumane aba amaSheshi kanti amaRoma Katolika aba amaJuda.” Izinkolo zobuSulumane, ubuBuddha, izinhlangano zeNkathi Entsha nobuqaba zizuza amakholwa amaningi amasha. “Kunabantu abamhlophe abaphakathi kuka-5 000 no-10 000 abaguqukele ebuSulumaneni kuleli zwe, futhi abaningi engibaziyo babengamaKatolika ngaphambili,” kusho uDkt. Ahmed Andrews waseDerby University eNgilandi, naye osanda kuguqukela kwenye inkolo. Abantu abangamaphesenti ayishumi kuya kwangu-30 abaguqukela enkolweni yobuBuddha bangamaJuda. Isibalo samaSheshi aguqukela ebuKatolikeni sényuka ngemva kokuba iSonto LaseSheshi linqume ukugcoba abesifazane. NgokukaRabbi Jonathan Romain, “abantu bazizwa benganelisekile ngokomoya ngakho babheka ngaphandle kwemingcele yesizinda sabo esingokwenkolo.”

Indlela Yokuphila Nomdlavuza

Iphephandaba laseLondon i-Guardian libika ukuthi “ukuhlolwa kwamawele angaba ngu-90 000 kubonisé ukuthi umdlavuza ubangelwa ngokuyinhloko ukuthi umuntu uhlalaphi, wenzani nokuthi kuqhubekani ekuphileni kwakhe, hhayi ukuthi uyini.” UDkt. Paul Lichtenstein we-Karolinska Institute yaseSweden wayehola iqembu elenza lolu cwaningo. Uthi: “Izici zendawo ekuzungezile zibaluleke ngaphezu kwezici zofuzo.” Ososayensi bakholelwa ukuthi ukubhema kubangela cishe amaphesenti angu-35 omdlavuza, kuyilapho amanye amaphesenti angu-30 kubonakala ehlobene nokudla umuntu akudlayo. Izici zofuzo zinengxenye emdlavuzeni wendlala yesinye, kapopopo namabele, kodwa uDkt. Tim Key we-Imperial Cancer Research Fund e-Oxford, eNgilandi, uyeluleka: “Ngisho noma . . . umkhaya wakini unomlando [womdlavuza], lokho okwenzayo ekuphileni kubaluleke kakhulu. Akufanele ubheme, futhi kufanele uqaphele indlela odla ngayo. Lezo zinto yizona ezenza umahluko.”

Sebenzisa Ubuchopho Bakho

Iphephandaba i-Vancouver Sun lithi “ubuchopho bungahlala bunamandla konke ukuphila kwethu, uma nje sibusebenzisa.” UDkt. Amir Soas weCase Western Reserve University Medical School e-Ohio, e-U.S.A., uthi: “Zikhandle ekufundeni.” Ukuze ulondoloze amandla obuchopho njengoba uguga, khetha imisebenzi yokuzilibazisa evivinya ingqondo, funda ulimi olusha, funda ukudlala insimbi yomculo, noma uhileleke ezingxoxweni ezakhayo. “Yenza noma yini eshukumisa ubuchopho,” kusho uDkt. Soas. Ukhuthaza nokunciphisa ukubukela i-TV. Uthi: “Uma ubukela ithelevishini, ubuchopho bakho buyalala.” I-Sun inezela ngokuthi ubuchopho obuphilile budinga nomoya-mpilo otholakala ngemithambo yegazi ephilile. Ngakho, ukuvivinya umzimba nokudla ukudla okunomsoco, zona kanye izinto ezivimbela isifo senhliziyo nesikashukela, ziyabusiza nobuchopho.

Izindlovu “Azibakhohlwa Abangane Bazo”

“Izindlovu azikhohlwa—noma-ke, azibakhohlwa abangane bazo,” kubika umagazini i-New Scientist. UDkt. Karen McComb wase-University of Sussex, eNgilandi, waqopha “umsindo wokukhala” kwezindlovu zase-Afrika eziyizinsikazi e-Amboseli National Park, eKenya, ephawula ukuthi yiziphi izindlovu ezazihlangana njalo nokuthi yiziphi ezazingazani. Wabe esedlala lo msindo emikhayeni engu-27 yezindlovu ukuze abone ukusabela kwazo. Uma lezi zilwane zaziwazi kahle umsindo, zazisabela ngokukhala. Uma zazingawazi, zazilalela kodwa zizithulele, futhi uma zizwa ukukhala kwendlovu ezingayazi lokhu kwakuzicasula zifune ukulwa. Lesi sihloko sathi: “Zazikwazi ukukhala kwamanye amalungu emikhaya okungenani engu-14, okubonisa ukuthi indlovu ngayinye ingakhumbula okungenani ezinye eziyikhulu esezikhulile.” Izindlovu zingabakhumbula nabantu. UJohn Partridge, onakekela izilwane ezincelisayo eBristol Zoo eNgilandi, uthi indlovu yase-Asia ayesesebenze nayo iminyaka engu-18 yamkhumbula lapho ebuya ngemva kokuba ayehambe iminyaka emithathu.

Abashushumbisi Bezidakamizwa Abangochwepheshe

Esikhathini esidlule, abashushumbisi bezidakamizwa baseColombia babefihla imithwalo yabo ezindizeni ezithwala abantu nasemikhunjini. Kodwa muva nje, iziphathimandla zimangele lapho zithola ukuthi abashushumbisi babakha umkhumbi-ngwenya ophambili, onamagumbi amabili, onobukhulu obungaphezu kwamamitha amathathu, owawungathwala amathani angaba ngu-200 e-cocaine. I-New York Times ithi izakhamuzi eziseduze ezazisola zaholela amaphoyisa “efektri ethile ngaphandle kwaseBogotá, amamitha angu-2 300 uma wenyuka e-Andes neyibanga elingamakhilomitha angu-300 ukusuka kunoma iliphi itheku. Lo mkhumbi ongamamitha angu-30 wawungawela ulwandle, ufike eMiami noma kwamanye amadolobha asogwini futhi wehlise umthwalo wawo wezidakamizwa ngesinyenyela.” Nakuba kungekho muntu owatholwa kuleyo ndawo noma waboshwa, kucatshangwa ukuthi izigebengu zaseRussia naseMelika zihilelekile, kuhlanganise nonjiniyela wemikhumbi-ngwenya onguchwepheshe. Iziphathimandla zithi lo mkhumbi-ngwenya wawungase uyiswe ogwini uyizingxenye ezintathu ngezinqola. Zamangala ukubona ukuthi yini abashushumbisi bezidakamizwa abazimisele ukuyenza ukuze badayise umkhiqizo wabo.

Izilwane Ziyachuma Kuyi-DMZ

“Kusukela kwamiswa i-DMZ [Demilitarized Zone (Indawo Okungavunyelwe Ukulwa Kuyo)] ekupheleni kweMpi YaseKorea ngo-1953, izinyathelo zokuphepha ziye zashiya imvelo lapho nendawo ezungezile ingaphazamisekile,” kusho i-Wall Street Journal. “Nakuba intuthuko yezomnotho iye yonakalisa ingxenye enkulu yezinye izindawo kula mazwe amabili aseKorea, indawo esemngceleni iye yaba yisiphephelo sezilwane ezibaluleke kakhulu kule nhlonhlo.” Lapho, kuhlala izinyoni nezilwane eziyivelakancane nezisengozini. Kucatshangwa ukuthi kukhona nezingwe namahlosi kuleyo ndawo. Izazi zemvelo zikhathazekile ngokuthi imizamo yamuva yokuthula phakathi kweNyakatho neNingizimu Korea ingase ibhubhise lesi siphephelo sezilwane sase-DMZ. Ngakho-ke, zicela ukuba kwenziwe “‘ipaki lokuthula’ elisemngceleni” ukuze kulondolozwe izilwane zasendle futhi kuvunyelwe izilwane ezivela nhlangothi zombili ukuba zizale. I-Journal ithi: “Izazi zemvelo zikhuthazwa ukukholelwa ekutheni ukuthula kungase kusize ekuhlanganiseni lezi zilwane futhi, njengoba nobudlelwane obuhle kakade sebuhlanganise amalungu omkhaya ahlukana kudala.”

Amakhefu Asemini Acindezelayo

I-Financial Times yaseLondon iyabika: “Ikhefu lasemini lithathwa yizinothongwana eBrithani enabantu abazikhandlayo njengoba izisebenzi eziyimilutha yokusebenza zidela ukudla kwasemini zidle amasemishi zibe ziqhubeka nomsebenzi.” Ucwaningo lwamuva nje lubonisa ukuthi “ikhefu lasemini” lomuntu ovamile eBrithani seliyimizuzu nje engu-36 ubude. Ochwepheshe bezokwelapha bathi ikhefu lasemini linciphisa ukucindezeleka. Kodwa abanye abaqashi bahlela imihlangano yasemini, kanjalo izisebenzi zingalitholi nhlobo ikhefu lokudla. I-Datamonitor, inkampani yocwaningo ehlanganise lo mbiko, iyaphawula: “Njengoba siphila emphakathini ofuna okwengeziwe ezisebenzini nobheka isikhathi njengento ebizayo, ikhefu lasemini liyisiphazamiso kwabaningi.” Umhlaziyi we-Datamonitor uSarah Nunny uyanezela: “Sincintisana nembulunga yonke kwezentengiselwano. Asisekho isikhathi sokuthi ‘Ngizobuye ngibone.’ Kufanele konke kwenziwe manje.”

Imilutha Kagwayi EMexico

Njengengxenye yohlelo lwamuva lokuvimbela nokulawula ukulutha kukagwayi eMexico, owayengunobhala wezempilo wezwe ngaleso sikhathi uJosé Antonio González Fernández waphawula ukuthi abantu baseMexico abangamaphesenti angu-27,7 bayabhema. Okukhathaza kakhulu ukuthi cishe abantu ababhemayo abayisigidi baneminyaka ephakathi kuka-12 no-17. UMnu. González wabonisa ukuthi ukufa kwabantu abangaba ngu-122 eMexico usuku ngalunye kuhlobene nomkhuba wokubhema. Wakhononda ngokuthi “lokhu kuyizindleko ezinkulu entuthukweni engokwezimali yezwe, kunciphisa iminyaka yokuphila kwabantu okuzuzisayo, . . . futhi kusichaya engozini ngenxa yalabo ababhemayo abasizungezile.”

Ukwanelisa Isidingo Esingokomoya?

Iphephandaba laseCanada i-Globe and Mail lithi ukuthandwa okwandayo kwabeluleki bosizo abakhuthaza ukuzethemba, ukucabanga okwakhayo nokuzifunela impumelelo “kuhambisana nomkhuba wabantu wokulahla inkolo ehleliwe. Sikhulu isithakazelo abantu abanaso ezintweni ezingokomoya, kodwa imithombo engokwesiko isiphelelwa yithonya.” Ucwaningo lubonisa ukuthi nakuba abantu baseCanada abangamaphesenti angu-80 bethi bayakholelwa kuNkulunkulu, abangamaphesenti angu-22 alabo abathi bangamaKristu babheka izinkolelo zabo siqu njengezibaluleké kakhulu kunezimfundiso zanoma yiliphi isonto. Umbiko we-Globe uthi ingokomoya elitholakala kula mabhizinisi ezeluleko “lingokuthile kokuvuselela amandla ukuze uphinde uzikhandle ukuze uphumelele.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela