Umuntu Ulimaza Imvelo
“Namuhla ngabantu okufanele babekwe icala ngamazinga andayo okuqothulwa kwezinhlobo zezinto eziphilayo.”—Ujane Goodall, Isazi Sokulondolozwa Kwemvelo.
IZINTO eziphilayo emhlabeni ziyasebenza futhi zincike kwezinye. Thina bantu siyingxenye yazo ebalulekile. Sincike kwezinye izinto eziphilayo emhlabeni ukuze sithole ukudla nemithi, umoya-mpilo esiwuphefumulayo, kanye nezakhi ezakha imizimba yethu. Phakathi nosuku oluvamile, abantu abasemhlabeni badla ezinye izinhlobo zezinto eziphilayo ezingaphezu kuka-40 000. Sezizonke izinhlobo zezinto eziphilayo emhlabeni zakha isimiso sezinto eziphilayo esiyinkimbinkimbi, esimangalisayo nesiwubuciko.
Kodwa, ochwepheshe abaningi abacwaninga lesi simiso esiyinkimbinkimbi banomuzwa wokuthi siyahlaselwa! Mhlawumbe uye wezwa ngobhejane, amahlosi, ama-panda, nemikhomo esengozini yokuqothulwa. Abanye ososayensi bathi amaphesenti angu-50 azo zonke izinhlobo zezitshalo nezilwane angaphela nyá emhlabeni eminyakeni engu-75. Abacwaningi banovalo lokuthi ezinye izinhlobo zinganyamalala ngokushesha ngokuphindwe izikhathi ezingu-10 000 kunalokho ososayensi abakubiza ngokuthi ukuqothulwa okungokwemvelo. Omunye uchwepheshe ulinganisela ukuthi kufa uhlobo ololudwa lwezinto eziphilayo njalo ngemizuzu eyishumi kuya kwengu-20.
Ososayensi bakholelwa ukuthi esikhathini eside esidlule, ukuqothulwa kwezinhlobo zezinto kwakubangelwa yizimbangela ezingokwemvelo. Kodwa bathi imbangela eyinhloko yenhlekelele yamanje ihlukile. Ngokusobala, ukuqothulwa kwezinto eziphilayo namuhla kubangelwa umuntu. Omunye usosayensi wabhekisela kubantu “njengohlobo lokuphila oluwumqothuli.”
Ingabe ngempela okwenziwa ngumuntu yikho okubangela lokhu kushabalala okukhulu kwezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo? Uma kunjalo, kanjani? Ingabe singaphila ngaphandle kwezinhlobo ezihlukahlukene zezinto eziphilayo emhlabeni? Ingabe kukhona okwenziwayo ukuze kunqandwe lokho abaningi abanomuzwa wokuthi inhlekelele yokuqothulwa kwezinto eziphilayo emhlabeni?
[Imithombo Yesithombe ekhasini 3]
WHO
NOAA