Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 12/22 k. 19-k. 23 isig. 6
  • Ngasekelwa Ukuthembela KuNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngasekelwa Ukuthembela KuNkulunkulu
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushintsha Inkolo
  • Ukucasha—Kodwa Sibe Sisashumayela
  • Ukuboshwa
  • Ukwenqaba Ukwenza Izikhali
  • Ukusinda Kuze Kuphele Impi
  • Ukuphinda Ngihlanganiswe Nabanye OFakazi
  • Umsebenzi Wangemva Kwempi
  • Ngosizo LukaJehova, Sasinda Emibusweni Yomashiqela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ngiyabonga Ngokukhonza UJehova Nasebunzimeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukusekelwa Ekulingweni Okunzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Yeka Injabulo Okuyiyo Ukuhlala Etafuleni LikaJehova!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 12/22 k. 19-k. 23 isig. 6

Ngasekelwa Ukuthembela KuNkulunkulu

NJENGOBA ILANDISWA NGURACHEL SACKSIONI-LEVEE

LAPHO UNOGADA ELOKHU ENGISHAYA EBUSWENI NGOBA NGENQABA UKUSEBENZA NGEZINSIMBI ZEZINDIZA ZAMABHOMU ZAMANAZI, OMUNYE UNOGADA WATHI KUYE: “VELE UYEKE. LAWO MA-‘BIBELFORSCHER’ UNGAWASHAYA AZE AFE NGENXA KANKULUNKULU WAWO.”

LOKHU kwenzeka ngo-December 1944 eBeendorff, ekamu lokufukuza labesifazane eliseduze nezimayini zikasawoti enyakatho yeJalimane. Ake ngichaze ukuthi ngafika kanjani lapho nokuthi ngasinda kanjani ezinyangeni zokugcina zeMpi Yezwe II.

Ngazalelwa emkhayeni wamaJuda e-Amsterdam, eNetherlands, ngo-1908, ngingowesibili emantombazaneni amathathu. Ubaba wayepholisha idayimane, njengoba kwakunjalo ngamaJuda amaningi e-Amsterdam ngaphambi kweMpi Yezwe II. Washona ngineminyaka engu-12 ubudala, futhi ngemva kwalokho umkhulu weza wazohlala nathi. Umkhulu wayengumJuda ozinikele, futhi waqinisekisa ukuthi sikhuliswa ngamasiko amaJuda.

Ngilandela ezinyathelweni zikababa, ngafunda ukusika idayimane, futhi ngo-1930, ngashada nengangisebenza naye. Saba nezingane ezimbili—uSilvain, umfana okhuthele noyidelangozi, noCarry, intombazanyana enomusa nezothile. Ngeshwa, umshado wethu awuhlalanga isikhathi eside. Ngo-1938, ngokushesha ngemva kwesehlukaniso, ngashada noLouis Sacksioni, naye owayepholisha idayimane. Ngo-February 1940, kwazalwa indodakazi yethu uJohanna.

Nakuba uLouis ayengumJuda, wayengayenzi imikhuba yenkolo yakhe. Ngakho sasingasayigubhi imikhosi yamaJuda eyayingithakazelisa ngiseyingane. Ngangiyikhumbula ngempela, kodwa enhliziyweni yami ngaqhubeka ngikholelwa kuNkulunkulu.

Ukushintsha Inkolo

Ekuqaleni kuka-1940, unyaka amaJalimane aqala ngawo ukuthatha iNetherlands, owesifazane othile wafika kwami waxoxa nami ngeBhayibheli. Ngangingakuqondi okuningi kwalokho ayekusho, kodwa ngangizithatha izincwadi njalo uma efika. Kodwa ngangingazifundi ngoba ngangingafuni lutho oluzongihlanganisa noJesu. Ngangifundiswe ukuthi wayengumJuda oyimbuka.

Kwathi ngolunye usuku, kwafika umlisa mumbe kwami. Ngambuza imibuzo enjengokuthi “Kungani uNkulunkulu engazange adale abanye abantu ngemva kokuba u-Adamu no-Eva sebonile? Kungani kunosizi olungaka? Kungani abantu bezondana futhi belwa?” Wangiqinisekisa ukuthi uma nginesineke, wayezophendula imibuzo yami ngeBhayibheli. Ngakho kwahlelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya.

Noma kunjalo, ngawenqaba umqondo wokuthi uJesu wayenguMesiya. Kodwa kwathi ngemva kokuthandaza ngale ndaba, ngaqala ukufunda iziprofetho ezikhuluma ngoMesiya eBhayibhelini, ngazibona ngamanye amehlo. (IHubo 22:7, 8, 18; Isaya 53:1-12) UJehova wangenza ngabona ukuthi lezo ziprofetho zagcwaliseka kuJesu. Umyeni wami wayengenasithakazelo kulokho engangikufunda, kodwa akazange aphikisane nokuba kwami ngomunye woFakazi BakaJehova.

Ukucasha—Kodwa Sibe Sisashumayela

Ukuhlasela kweJalimane iNetherlands kwakuyisikhathi esiyingozi kimi. Ngoba kwakungekona nje kuphela ukuthi ngingumJuda, amaJalimane ayebafaka emakamu okuhlushwa, kodwa futhi ngangingomunye woFakazi BakaJehova, inhlangano yenkolo amaNazi ayezama ukuyiqeda. Kodwa ngaqhubeka ngishumayela, ngenza isilinganiso samahora angu-60 ngenyanga ngitshela abanye ngethemba lami lobuKristu engangisanda kulithola.—Mathewu 24:14.

Ngobunye ubusuku ngo-December 1942, umyeni wami akazange abuye emsebenzini. Kwatholakala ukuthi wayeboshiwe emsebenzini kanye nozakwabo. Angiphindanga ngambona. Abanye oFakazi bangeluleka ukuba ngiyocasha kanye nezingane zami. Ngakwazi ukuhlala nodade ongumKristu kwenye ingxenye ye-Amsterdam. Ngenxa yokuthi kwakuyingozi kakhulu ngathi sobane ukuba sihlale ndawonye, kwadingeka ngizishiye nabanye izingane zami.

Ngangivame ukusinda ngokulambisa. Ngobunye ubusuku omunye uFakazi wayengiyisa endaweni entsha yokucasha ngebhayisikili lakhe. Kodwa isibani sebhayisikili lakhe sasingasebenzi, futhi samiswa amaphoyisa amabili angamaDashi. Angihlaba ngezibani zawo ebusweni futhi abona ukuthi ngingumJuda. Ngenhlanhla, amane athi: “Sheshani—kodwa nihambe ngezinyawo.”

Ukuboshwa

Ngolunye usuku ekuseni ngo-May 1944 lapho sengizoqala inkonzo yami, ngaboshwa—hhayi ngoba nganginguFakazi kodwa ngoba ngangingumJuda. Ngayiswa ejele e-Amsterdam, lapho ngahlala khona izinsuku eziyishumi. Sabe sesihanjiswa ngesitimela namanye amaJuda saya ekamu elisendleleni eWesterbork engxenyeni esenyakatho-mpumalanga yeNetherlands. Ukusuka lapho amaJuda ayiswa eJalimane.

EWesterbork, ngahlangana nomfowabo womyeni wami nendodana yakhe, nabo ababeboshiwe. Kwakuyimina ngedwa uFakazi kula maJuda, futhi ngangihlala ngithandaza kuJehova ukuba angisekele. Ezinsukwini ezimbili kamuva umfowabo womyeni wami, indodana yakhe kanye nami sasisesitimeleni sezinkomo esase sizosuka siye e-Auschwitz noma eSobibor, emakamu okufa ePoland. Ngokungazelelwe, igama lami labizwa, futhi ngayiswa kwesinye isitimela—isitimela sabagibeli abavamile.

Kwakugibele esasikade sisebenza nabo ngedayimane. Izisebenzi zedayimane ezingaba yikhulu zayiswa eBergen-Belsen engxenyeni esenyakatho yeJalimane. Kamuva, ngathola ukuthi umsebenzi wami wawusindise ukuphila kwami, ngoba amaJuda aya e-Auschwitz naseSobibor ayevele ayobulawa ngokuqondile ngesisi esinobuthi. Yilokho okwenzeka kumyeni wami, izingane zami ezimbili nezinye izihlobo. Kodwa ngaleso sikhathi, ngangingazi ukuthi kwenzekani kubo.

EBergen-Belsen, thina basiki bedayimane sahlaliswa ekamu lethu sodwa. Ukuze songe izandla zethu ngenxa yomsebenzi wethu obucayi, kwakungadingeki senze omunye umsebenzi. Kwakuyimi ngedwa uFakazi eqenjini lethu, futhi ngesibindi ngangitshela amanye amaJuda ngokholo lwami olusha. Kodwa ayengibheka njengembuka, njengoba nje nomphostoli uPawulu ayebhekwa kanjalo ekhulwini lokuqala.

Ngangingenalo iBhayibheli, futhi ngangilangazelela ukudla okungokomoya. Udokotela ongumJuda ekamu wayenalo, futhi wanginika lona ngamnika izingcezu ezimbalwa zesinkwa nebhotela. Ngachitha izinyanga eziyisikhombisa nalelo ‘qembu ledayimane’ eBergen-Belsen. Sasiphathwa kahle ngokwezinga elithile, okwaholela ekubeni ezinye iziboshwa ezingamaJuda zibe nomona. Kodwa ekugcineni kwatholakala ukuthi awekho amadayimane esasingasebenza ngawo. Ngakho ngo-December 5, 1944, abangaba ngu-70 bethu thina besifazane abangamaJuda bayiswa ekamu lokufukuza labesifazane eBeendorff.

Ukwenqaba Ukwenza Izikhali

Emayini eseduze nekamu, emamitheni angu-400 ngaphansi komhlaba, iziboshwa zazisebenza ukwenza izinsimbi zezindiza zamabhomu. Lapho ngenqaba ukwenza lo msebenzi, ngathola imivimbo enamandla eminingana. (Isaya 2:4) Unogada washo ngonya ukuthi kuzomelwe ngizilungiselele ukusebenza ngakusasa.

Ngakusasa ekuseni angizange ngibe khona lapho kubizwa amagama, ngasala ekamu. Ngangiqiniseka ukuthi ngizodutshulwa, ngakho ngathandaza kuJehova ukuba angivuze ngokholo lwami. Ngangilokhu ngiphindaphinda ihubo leBhayibheli elithi: “Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”—IHubo 56:11.

Ikamu laseshwa, futhi ngakhishwa. Kulapho omunye wonogada ayelokhu engishaya, ebuza: “Ubani lo ongakuvumeli ukuba usebenze?” Njalo ngangithi uNkulunkulu. Kulapho omunye unogada athi kuye: “Vele uyeke. Lawo ma-Bibelforschera ungawashaya aze afe ngenxa kaNkulunkulu wawo.” Amazwi akhe angiqinisa kakhulu.

Njengoba ukuhlanza izindlu zangasese kwakwabelwa njengesijeziso futhi kuwumsebenzi onyanyeka kunayo yonke engangiyicabanga, ngathi ngizowenza. Ngajabula ukuthola leso sabelo ngoba sasiwumsebenzi engangingawenza ngonembeza okhululekile. Ngolunye usuku ekuseni kwafika umphathi wekamu, owayesatshwa yibo bonke abantu. Wama phambi kwami, wathi: “Nguwe lo mJuda ongafuni ukusebenza?”

Ngaphendula: “Uyabona ukuthi ngiyasebenza.”

“Kodwa angithi ngeke uwenze umsebenzi wezempi?”

Ngaphendula: “Cha. UNkulunkulu akakufuni lokho.”

“Kodwa angithi uzobe ungabulali muntu?”

Ngachaza ukuthi uma ngihlanganyela ekwenzeni izikhali, ngangizobe ngilimaza unembeza wami wobuKristu.

Wathatha umshayelo wami wathi: “Angithi ngingakubulala ngalo mshayelo?”

Ngaphendula: “Yebo, kodwa umshayelo awenzelwe lokho. Isibhamu esenzelwe lokho.”

Saxoxa ngokuba kukaJesu umJuda nangeqiniso lokuthi nakuba ngangingumJuda, ngase ngingomunye woFakazi BakaJehova. Lapho ehamba, ezinye iziboshwa zeza kimi, zimangele ukuthi nganginesibindi sokukhuluma nomphathi wekamu ngingethukile. Ngazitshela ukuthi akukhona ukuthi nganginesibindi kodwa ngangikwenzé ngoba uNkulunkulu wami wayenginikezé amandla okukwenza.

Ukusinda Kuze Kuphele Impi

Ngo-April 10, 1945, lapho amabutho Asizanayo efika eBeendorff, kwadingeka sime ukuze kubizwe amagama ethu egcekeni cishe usuku lonke. Ngemva kwalokho, abangaba ngu-150 kithina besifazane bafakwa baminyana ezitimeleni zezinkomo, kungekho kudla kungekho manzi. Izitimela zahamba singazi ukuthi ziyaphi, futhi kwaphela izinsuku sehla senyuka phakathi kwenkundla yempi. Abanye baklinya ezinye iziboshwa ukuze kube nendawo enkudlwana enqoleni, futhi ngenxa yalokho, abesifazane abaningi baphazamiseka ingqondo. Ukuze ngikhuthazele ngasizwa ukuthembela kwami ekunakekeleni kukaJehova.

Ngolunye usuku isitimela sethu sama eduze nekamu lamadoda, futhi savunyelwa ukuba sehle. Abambalwa bethu banikezwa amabhakede ukuba siyokha amanzi ekamu. Lapho ngifika empompini, ngaphuza kakhulu ngabe sengigcwalisa ibhakede. Lapho ngibuya, laba besifazane bangihlasela njengezilwane zasendle. Amanzi achitheka wonke ebhakedeni. Ama-SS (amalungu eqembu lonogada bakaHitler eliphambili) avele ama ahleka. Ezinsukwini ezingu-11 kamuva, sagcina sesise-Eidelstedt, ikamu elisemaphethelweni edolobha laseHamburg. Cishe abangaba yisigamu eqenjini lethu bafa ngenxa yonya ohambweni lwethu.

Ngolunye usuku lapho sise-Eidelstedt, ngangifundela abanye besifazane iBhayibheli. Ngokungazelelwe, umphathi wekamu wema efasiteleni. Sethuka ngempela ngoba iBhayibheli laliyincwadi eyenqatshelwe ekamu. Umphathi wangena, wathatha iBhayibheli, wabe esethi: “Yilo leli iBhayibheli, hhe?” Ngakhululeka lapho elibuyisa ethi: “Uma omunye walaba besifazane efa, kufanele ufunde ngokuzwakalayo kulo.”

Ukuphinda Ngihlanganiswe Nabanye OFakazi

Ngemva kokukhululwa kwethu ezinsukwini ezingu-14 kamuva, abeSiphambano Esibomvu basiyisa esikoleni esiseduze neMalmö, eSweden. Lapho, sahlaliswa sodwa isikhashana. Ngacela omunye wabanakekeli bethu ukuba azise oFakazi BakaJehova ukuthi ngisendaweni yababaleki. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, igama lami labizwa. Lapho ngitshela lona wesifazane ukuthi nginguFakazi, wakhala. Naye wayenguFakazi! Lapho esethule, wangitshela ukuthi oFakazi eSweden babehlala bethandazela abafowabo nodadewabo abangamaKristu emakamu okuhlushwa amaNazi.

Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, kwakufika udade zonke izinsuku ephethe ikhofi nokuthile okumnandi. Ngemva kokuhamba ekamu lababaleki, ngayiswa endaweni eseduze neGöteborg. Lapho, oFakazi bangenzela umbuthano omkhulu ntambama. Nakuba ngangingabezwa, kwakuthinta inhliziyo ukuphinde ngizungezwe abafowethu nodadewethu.

Lapho ngiseGöteborg, ngathola incwadi evela kuFakazi wase-Amsterdam engazisa ukuthi izingane zami uSilvain noCarry nazo zonke izihlobo babethathiwe abangaphinde babuya. Kwakusinde indodakazi yami uJohanna nodadewethu omncane kuphela. Muva nje, ngibone igama lendodana nendodakazi yami ohlwini lwamaJuda abulawa ngesisi esinobuthi e-Auschwitz naseSobibor.

Umsebenzi Wangemva Kwempi

Emuva e-Amsterdam, sengihlanganisiwe noJohanna, owayeneminyaka emihlanu ngaleso sikhathi, ngokushesha ngaphinde ngaqala inkonzo. Ngezinye izikhathi ngangihlangana nalabo ababengamalungu e-NSB, i-Dutch National-Socialist Movement, inhlangano yezombangazwe eyayibambisene namaJalimane. Laba babesizile ekuqothuleni cishe wonke umkhaya wakithi. Kwakudingeka nginqobe imizwa yobutha ngabo ukuze ngihlanganyela nabo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngangilokhu ngicabanga ukuthi uJehova nguye obona inhliziyo nokuthi ekugcineni nguye owahlulelayo, hhayi mina. Futhi yeka ukuthi ngabusiswa kanjani ngalokho!

Ngaqala isifundo seBhayibheli nowesifazane owayenomyeni owayesejele ngenxa yokuzibandakanya namaNazi. Lapho ngikhuphuka izitebhisi ngiya endlini yabo, ngangizwa omakhelwane bethi: “Bheka! Leli Juda livakashele abantu be-NSB futhi.” Kodwa naphezu kokuphikiswa okunzima okuvela kumyeni wakhe owayesejele owayengawafuni amaJuda, lona wesifazane namadodakazi akhe amathathu bonke baba oFakazi BakaJehova.

Okwangijabulisa ukuthi indodakazi yami uJohanna kamuva yanikezela ukuphila kwayo kuJehova. Mina nayo sathutha sayokhonza lapho indingeko yabamemezeli boMbuso inkulu khona. Sajabulela izibusiso eziningi ezingokomoya. Manje ngihlala edolobhaneni eliseningizimu yeNetherlands, lapho ngihlanganyela khona emsebenzini wokushumayela kanye nebandla kaningi ngangokunokwenzeka. Uma ngibheka emuva, ngingasho ukuthi angikaze ngibe nomuzwa wokuthi uJehova ungilahlile. Bengilokhu ngizwa ukuthi uJehova, neNdodana yakhe ethandekayo, uJesu, banami, ngisho nasezikhathini ezinzima kakhulu.

Phakathi nempi, ngashonelwa umyeni wami, izingane zami ezimbili kanye nabaningi bomkhaya wakithi. Kodwa ngithemba ukuthi ngokushesha ngizophinde ngibabone bonke ezweni elisha likaNkulunkulu. Uma ngingedwa ngicabanga ngalokho engiye ngabhekana nakho, ngizindla ngenjabulo nangokubonga ngamazwi omhubi: “Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.”—IHubo 34:7.

[Umbhalo waphansi]

a Igama oFakazi BakaJehova ababaziwa ngalo ngaleso sikhathi eJalimane.

[Isithombe ekhasini 20]

AmaJuda ayiswa eJalimane esuka ekamu eWesterbork

[Umthombo]

Herinneringscentrum kamp Westerbork

[Isithombe ekhasini 21]

Nginezingane zami uCarry noSilvain, zombili ezafa ekuQothulweni Kwesizwe

[Isithombe ekhasini 22]

Lapho sivalelwe eSweden

[Isithombe ekhasini 22]

Umazisi wesikhashana wokubuyiselwa ezweni lakithi

[Isithombe ekhasini 23]

Nginendodakazi yami uJohanna namuhla

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela