Indlela Ukoma Kwami Okungokomoya Okwaneliswa Ngayo
NJENGOBA ILANDISWA NGULUCIA MOUSSANETT
PHAKATHI kwezintaba ezakha igumbi elisenyakatho-ntshonalanga ye-Italy, eduze kwezintaba zama-Alps eSwitzerland neMont Blanc yodumo yaseFrance, kukhona isifunda okuthiwa iValle d’Aosta. Ngazalelwa lapho, ngo-1941 emzaneni omncane okuthiwa iChallant St. Anselme.
Sibahlanu thina zingane, yimina engangimdala, ngelanywa abafana abane. Umama wayesebenza kanzima futhi engumKatolika oshisekayo. Ubaba naye wayephuma emkhayeni okholwayo. Ababili kodadewabo babeyizindela. Abazali bami bazidela kakhulu ngenxa yami, benza ngakwazi nokuba ngithole imfundo. Zazingekho izikole emzaneni wakithi omncane, ngakho lapho ngineminyaka engu-11, abazali bami bangithumela esikoleni ofunda uhlala kuso esasiphethwe yizindela.
Lapho ngafunda isiLatini nesiFulentshi, kanye nezinye izifundo. Lapho ngiba neminyaka engu-15, ngaqala ukucabangisisa ngokujulile ngendlela engangingamkhonza ngayo uNkulunkulu. Ngacabanga ukuthi ukuya esigodlweni sezindela kwakungaba indlela engcono kakhulu yokwenza kanjalo. Nokho, abazali bami abazange bawenamele lo mqondo, ngoba umama wayengeke abe namuntu wokumsiza ekunakekeleni abafowethu. Abazali bami babenethemba lokuthi imfundo yami yayizongenza ngithole umsebenzi omuhle futhi ngisize ngokwezimali ekhaya.
Nakuba indlela abazali bami abasabela ngayo yangidabukisa, ngangifuna injongo yangempela ekuphileni, nginomuzwa wokuthi uNkulunkulu kufanele athole indawo yokuqala kukho. Ngakho, ngo-1961, ngaya esigodlweni sezindela zamaRoma Katolika.
Ukuphila Kwami Njengendela
Ezinyangeni zokuqala, ngafunda izindinganiso nemithetho yesonto futhi ngenza nomsebenzi wezandla esigodlweni. Ngo-August 1961, ngaqala ukufundela noma ukuqeqeshelwa ukuba yindela, ngaqala nokugqoka inyumfomu yezindela evamile. Ngabuye ngasikisela negama elisha engangizobizwa ngalo, elithi Ines, okwakuyigama likamama. Kwathi lapho lamukelwa, ngabe-ke sengaziwa ngokuthi nginguSistela Ines.
Nakuba izindela eziningi ezisaqeqeshwa zazisebenza esigodlweni, mina ngangifunde ngokwanele ukuba ngisebenze njengothisha esikoleni sojahidada. Eminyakeni emibili kamuva, ngo-August 1963, ngafungiswa, ngaba indela ngokwesigaba samaSistela KaSan Giuseppe e-Aosta, e-Italy. Kamuva, esigodlweni bangixhasa ukuba ngiqhubeke nemfundo ngokungithumela e-University of Maria Santissima Assunta eRome.
Lapho ngibuyela e-Aosta ngo-1967 sengiziphothulile izifundo zami eRome, ngaqala ukufundisa esikoleni esiphakeme. Ngo-1976, nganikezwa isikhundla sokuba nguthishanhloko. Nakuba ngangisafundisa emakilasini athile, ngangabelwe umsebenzi wokuqondisa isikole futhi ngaba ilungu lebhodi yesikole yesifunda saseValle d’Aosta.
Isifiso sami sangempela kwakuwukusiza abampofu. Ngangibadabukela kakhulu. Ngakho ngahlela izinhlelo ezihlukahlukene zokusiza umphakathi, kuhlanganise nolokusiza asebegulela ukufa ababengenazo izihlobo. Ngasungula nohlelo lokufundisa izingane zabantu ababeyizifiki endaweni. Ngaphezu kwalokho ngatholela abantu abampofu umsebenzi nezindlu futhi ngahileleka ekusizeni abaswele ukuba bathole usizo lwezokwelapha. Ngazama ukuphila ngokuvumelana nezimiso zenkolo zesonto.
Ngaleso sikhathi, ngangamukela imfundiso yenkolo yamaKatolika, kuhlanganise nezimfundiso zesonto ezinjengoZiqu-zintathu, ukungafi komphefumulo, nemibono yamaKatolika ngekusasa lomuntu laphakade. Ngaleso sikhathi imfundiso yenkolo yamaKatolika yayamukela nemibono enjengokuvuma ukuthi izinkolo ziningi, okusho ukuthi ezinye izinkolo kwakumelwe zamukeleke zibe khona nazo.
Izinto Ezaqala Ukungihlupha
Nokho, kunezinto ezithile ezazenziwa eSontweni LamaKatolika ezazingihlupha. Ngokwesibonelo, ngaphambi kokuba babhapathizwe futhi baqiniswe, abazali nezingane kwakufanele bafunde ukuthi lezi zinyathelo zazisho ukuthini. Nokho, abaningi babengezi emakilasini, futhi abanye bengawenzi nomzamo wokufunda. Ngaphezu kwalokho, abanye ababenqatshelwa ukubhapathizwa nokuqiniswa esifundeni sombhishobhi othile babemane baye esifundeni somunye umbhishobhi bafike babhapathizwe noma baqiniswe khona. Kimi lokho kwakuwukumbuluza nobuzenzisi.
Ngezinye izikhathi ngangizibuza futhi ngibuze nezinye izindela esasikanye nazo ukuthi, “Akufanele yini sishumayele iVangeli esikhundleni sokuzinikela kuzo zonke izinhlobo zeminye imisebenzi?” Impendulo engangiyithola yayithi, “Sishumayela ngokwenza imisebenzi emihle.”
Ngaphezu kwalokho kwakungelula kimi ukukholelwa ukuthi kwakudingeka ngiye kumpristi ngiyovuma izono zami. Ngangicabanga ukuthi kufanele ngikwazi ukukhuluma noNkulunkulu ngezindaba ezinjalo zomuntu siqu. Okunye-ke ukuthi umqondo wokubamba imithandazo ngekhanda futhi uyiphindaphinde kwakunzima kimi ukuba ngiwamukele. Ngakuthola kunzima nokukholelwa ukuthi upapa akalenzi iphutha. Ngokuhamba kwesikhathi, ngazinqumela ukuthi ngangiyolondoloza ezami izinkolelo ezindabeni ezinjalo bese ngimane ngiqhubeke nokuphila kwami kobukholwa.
Isifiso Sokuba Nolwazi NgeBhayibheli
Ngangilokhu ngilihlonipha ngokujulile iBhayibheli futhi nginesifiso sokulazi. Noma nini lapho kudingeka ngenze isinqumo noma lapho ngizizwa ngidinga ukusekelwa nguNkulunkulu, ngangifunda iBhayibheli. Nakuba sasingakaze silifunde esigodlweni, ngangilifunda ngedwa. Indaba eku-Isaya 43:10-12, lapho uJehova uNkulunkulu athi khona, “Ningofakazi bami,” yayingihlaba umxhwele njalo. Nokho, ngaleso sikhathi, angizange ngiwaqonde ngokugcwele ukuthi ayesho ukuthini lawo mazwi.
Ngenkathi ngiseyunivesithi eRome maphakathi nawo-1960, ngafunda imfundiso yenkolo iminyaka emine ngixhaswa yiVatican. Kodwa iBhayibheli lalingahlanganisiwe ezincwadini esasizifunda. Ngemva kokubuyela e-Aosta, ngaya emihlanganweni eminingi yenkolo, ngisho neyayixhaswe yizinhlangano ezazixube izinkolo nezazingezona ezobuKatolika. Lokho kwangenza ngakulambela kakhudlwana ukwazi izimfundiso zeBhayibheli. Kwakungeve kukuningi ukudideka phakathi kwamaqembu ayethi afundisa incwadi efanayo!
Ukwazi Okwengeziwe NgeBhayibheli
Ngo-1982, omunye woFakazi BakaJehova wafika esikhungweni engangenza umsebenzi wokusiza umphakathi kuso futhi wazama ukuxoxa nami ngeBhayibheli. Nakuba ngangimatasa kakhulu, umqondo wokufunda ngeBhayibheli wangithakazelisa. Ngakho ngathi, “Ngicela uze esikoleni engifundisa kuso, uma nginethuba, sizoxoxa.”
Nakuba lona wesifazane eza ukuzongivakashela, alizange libe khona ‘ithuba’ lokuba sixoxe. Nakho-ke umama esethola ukuthi unomdlavuza, ngakho ekugcineni ngacela isikhathi emsebenzini ukuze ngiyomnakekela. Ngemva kokuba eseshonile ngo-April 1983, ngabuyela emsebenzini, kodwa ngaleso sikhathi oFakazi babengasezi kimi. Nokho, ngokushesha ngemva kwalokho, kwafika omunye uFakazi, owayeneminyaka engaba ngu-25, ezoxoxa nami ngeBhayibheli. Ngangilokhu ngifunda incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ngingedwa. Ngakho ngambuza, “Obani laba abangu-144 000 okukhulunywa ngabo lapha kusAmbulo isahluko 14?”
Ngangifundiswe ukuthi bonke abantu abalungile babezoya ezulwini, ngakho ngangingaqondi ukuthi laba abangu-144 000 okusobala ukuthi babehlukaniswa kwabanye ezulwini, bona babehluke ngani. Ngazibuza, ‘Bangobani laba abangu-144 000? Benzani?’ Le mibuzo yayilokhu iphambana engqondweni yami. Lo Fakazi waqhubeka ezama ukungithola, kodwa ngangingahlali ekhaya kangangokuba akazange ake angithole.
Ekugcineni, lo Fakazi wadlulisela ikheli lami kuMarco, ongumdala ebandleni ayekulo. Makhathaleni, ngo-February 1985, wangithola. Saxoxa imizuzu embalwa nje kuphela njengoba ngangimatasa, kodwa sabeka usuku esasizobonana ngalo. Kamuva yena nomkakhe, uLina, babe sebengivakashela njalo, bengisiza ukuba ngiqonde iBhayibheli. Akuthathanga sikhathi esingakanani, ngakwazi ukubona ukuthi izimfundiso zamaKatolika eziyisisekelo ezinjengoZiqu-zintathu, ukungafi komphefumulo, nesihogo somlilo zazingasekelwe neze eBhayibhelini.
Ukuzihlanganisa NoFakazi
Lapho ngiya emhlanganweni woFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso labo, kwaba sobala ukuthi izinto zazihluke kakhulu kunaseSontweni LamaKatolika. Kwakucula wonke umuntu, hhayi ikwaya kuphela. Futhi-ke babehlanganyela emhlanganweni ngokwawo. Ngaqala nokubona ukuthi yonke inhlangano yayakhiwa “abafowethu” kanye “nodadewethu.” Bonke babekhathalelana ngempela. Lezi zinto zangihlaba umxhwele.
Ngaleso sikhathi, ngangiya emihlanganweni ngigqoke inyumfomu yami yobundela. Kwakusobala ukuthi kwakubathinta abanye ukubona indela eHholo LoMbuso. Ngaba nenjabulo nokwaneliseka oba nakho lapho uzungezwe umkhaya omkhulu okuthandayo. Futhi, njengoba ngifunda, ngaqala nokubona ukuthi eziningi zezimiso engangisekele ukuphila kwami kuzo zazingavumelani neZwi likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, iBhayibheli alisho ukuthi izinceku zikaNkulunkulu kumelwe zigqoke isembatho esikhethekile. Izigaba zabefundisi eSontweni nobukhazikhazi babo kwakuhluke kakhulu kulokho iBhayibheli elikufundisayo ngabadala abathobekile abaholayo ebandleni.
Ngazizwa njengomuntu owayemi endaweni ebishayo, kungekho lutho oluqinile ngaphansi kwezinyawo zami. Ngangingakholelwa ukuthi ngangidukisiwe yonke le minyaka engu-24. Kodwa-ke, iqiniso leBhayibheli lona ngalibona ngokucacile. Ngafikelwa uvalo lapho ngicabanga ukuthi kwakufanele ngiqale ukuphila kwami phansi sengineminyaka engu-44 ubudala. Kodwa ngangingaqhubeka kanjani ngihamba ngivale amehlo njengoba manje ngase ngikubonile lokho iBhayibheli elikufundisayo?
Isinqumo Esikhulu
Ngangazi ukuthi ukushiya esigodlweni kwakuyosho ukulahlekelwa yiyo yonke into ngokwezomnotho. Nokho, ngakhumbula amazwi kaDavide athi olungileyo ‘akakaze ashiywe nenzalo yakhe akukaze kudingeke iphanze isinkwa.’ (IHubo 37:25) Ngangazi ukuthi ngandlela-thile ukuphila kwami kwakuyoba sengozini, kodwa ngathembela kuNkulunkulu futhi ngacabanga, ‘Yini ngempela okumelwe ngiyesabe?’
Umkhaya wakithi wacabanga ukuthi ngangisangene. Nakuba kwakungikhathaza lokho, ngakhumbula amazwi kaJesu athi: ‘Lowo othanda unina noma uyise kakhulu kunami akangifanele.’ (Mathewu 10:37) Ngesikhathi esifanayo, izenzo zomusa ezincane ezazenziwa oFakazi zangikhuthaza futhi zangiqinisa. Lapho ngihamba emgwaqweni ngigqoke isembatho sami sobundela, babeza bazongibingelela. Lokhu kwangenza ngazizwa ngisondelene nakakhulu nabazalwane futhi ngiyingxenye yomkhaya wabo.
Ekugcineni ngaya kuMama Owayephethe isigodlo ngamchazela ukuthi kungani nganginqume ukushiya esigodlweni. Nakuba ngacela ukuba ngimbonise ngeBhayibheli ukuthi kungani ngangenze leso sinqumo, wenqaba ukulalela, ethi: “Uma kukhona engifuna ukukuqonda eBhayibhelini, ngingabiza isazi seBhayibheli!”
AbeSonto LamaKatolika bashaqeka yisinqumo sami. Bangisola ngokuthi ngangiziphethe kabi futhi bethi ngisangene. Nokho, labo abangaziyo baqonda ukuthi lezo zinsolo zazingamanga. Abantu engangisebenze nabo basabela ngezindlela ezingafani. Abanye babona lokho engangikwenza njengesenzo esidinga isibindi. Abanye kwabazwisa ubuhlungu, becabanga ukuthi ngangingena endleleni engalungile. Abanye baze bangidabukela ngisho nokungidabukela.
Ngo-July 4, 1985, ngashiya eSontweni LamaKatolika. Ngenxa yokuthi babazi ukuthi abanye ababethathe inkambo enje babeye baphathwa kanjani, oFakazi besabela ukulondeka kwami base bengifihla isikhathi esingangenyanga. Babengilanda lapho kuyiwa emihlanganweni baphinde bangibuyisele lapho ngangihlala khona. Ngahlala ngicashile kwaze kwaba yilapho ulaka lwabantu selubohlile. Khona-ke ngo-August 1, 1985, ngaqala ukuhlanganyela enkonzweni kanye noFakazi BakaJehova.
Kamuva lapho ngiya eMhlanganweni Wesigodi WoFakazi BakaJehova ngayo leyo nyanga ka-August, abezindaba bawuhogela umoya wokuthi ngase ngilishiyile isonto futhi bayishicilela le ndaba. Lapho ekugcineni ngibhapathizwa ngo-December 14, 1985, abesiteshi sendawo sethelevishini nabephephandaba lakhona bacabanga ukuthi kwakuyisimanga kangangokuba bayisakaza futhi le ndaba, ngaleyo ndlela beqinisekisa ukuthi wonke umuntu wayeyokuzwa ngalokho engangikwenzile.
Lapho ngishiya esigodlweni, ngangingenalutho nhlobo ngokwezinto ezibonakalayo. Ngangingenawo umsebenzi, ngingenandawo yokuhlala, ngingenayo ngisho nemali yempesheni. Ngenxa yalokho, ngasebenza isikhathi esingangonyaka nginakekela othile owayefé uhlangothi. Ngo-July 1986, ngaba iphayona, njengoba izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova zibizwa kanjalo. Ngathuthela endaweni eyayinebandla elincane elalisanda kwakhiwa. Lapho, kwaba nabantu abangiqasha ukuba ngibafundise ulimi, ngangifundisa nezinye izifundo, ngisebenzisa imfundo yami ngendlela ezuzisayo. Ngenxa yalokhu ngakwazi ukuba nesimiso esasingangimpintshi.
Ukukhonza Ensimini Yakwelinye Izwe
Manje njengoba ngase ngifunde iqiniso leBhayibheli, ngangifuna ukulitshela abantu abaningi ngangokunokwenzeka. Njengoba ngangikhuluma isiFulentshi, ngacabanga ngokuyokhonza ezweni elithile e-Afrika okukhulunywa kulo isiFulentshi. Kodwa-ke ngo-1992, oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho ezweni eliseduze lase-Albania. Ekupheleni kwalowo nyaka, iqembu elincane lamaphayona ase-Italy labelwa ukuba liyokhonza lapho. Kulelo qembu kwakunoMario noCristina Fazio ababesebandleni engangikulo. Bangimema ukuba ngibavakashele futhi ngicabange ngokuzokhonza e-Albania. Ngakho ngemva kokucabangisisa kabanzi nokuthandaza, ngineminyaka engu-52, ngaphinde ngashiya indawo eyayilondekile uma kuqhathaniswa ukuze ngiye ezweni engangingalazi nhlobo.
Lokho kwenzeka ngo-March 1993. Ekufikeni kwami ngasheshe ngabona ukuthi nakuba ngangingekude kangako nezwe lakithi, kodwa ngangikwelinye izwe. Abantu babelubhada ngezinyawo uma beya nomaphi lapho kwakudingeka baye khona, futhi babekhuluma isi-Albania, ulimi engangingaluqondi nakancu. Kwakunezinguquko ezinkulu ezazenzeka ezweni, kushintshelwa kwesinye isimiso sezombangazwe. Noma kunjalo, abantu babomele iqiniso leBhayibheli futhi bekuthanda ukufunda nokutadisha. Ababefundelwa iBhayibheli babethuthuka ngokushesha ngokomoya, futhi lokhu kwayifudumeza inhliziyo yami, kwangisiza ukuba ngijwayele kule ndawo entsha.
Ngo-1993, lapho ngifika eTiranë, okwakuyiyona nhlokodolobha, kwakunebandla elilodwa kuphela e-Albania futhi ezweni lonke kwakunoFakazi abangaphezudlwana kwekhulu kuphela. Ngaleyo nyanga, emhlanganweni wokuqala okhethekile wosuku olulodwa owaqhutshelwa eTiranë, kwaba nabantu abangu-585 kwabhapathizwa abangu-42. Nakuba ngangingezwa lutho, kwangithinta kakhulu ukuzwa oFakazi becula nokubabona belalelisisile impela. Ngo-April kwaba yisikhathi sokugubha iSikhumbuzo sokufa kuJesu Kristu, futhi kwaba khona abangu-1 318! Kusukela lapho kuqhubeke, ukwanda komsebenzi wamaKristu e-Albania kwachuma ngokumangalisayo.
Ngangivame ukulunguza ngaphandle ngikuvulandi wesitezi sesine engangihlala kuso eTiranë, ngizibuze, ‘Siyoke sikwazi yini ukubafinyelela bonke laba bantu?’ UJehova uNkulunkulu waqikelela ukuthi kuyenzeka lokho. Manje kunamabandla angu-23 oFakazi BakaJehova eTiranë. Kanti kulo lonke leli zwe, kunamabandla angu-68 namaqembu angu-22, anoFakazi abangu-2 846. Konke lokho kwanda kwenzeka ngeminyaka embalwa nje! Futhi ngo-2002 saba nabangu-12 795 eSikhumbuzweni!
Phakathi nale minyaka eyishumi e-Albania, ngiye ngaba nelungelo elikhulu lokusiza okungenani abantu abangu-40 ukuba babhapathizwe. Abaningi kubo manje bakhonza njengamaphayona nakweminye imikhakha yenkonzo yesikhathi esigcwele. Phakathi nale minyaka, kuye kwabelwa amaqembu ayisithupha amaphayona ase-Italy ukuba azosiza kulo msebenzi e-Albania. Iqembu ngalinye lalihlelelwa izifundo zolimi ezazithatha izinyanga ezintathu, futhi ngacelwa ukuba ngifundise amakilasi amane okugcina.
Lapho abangane bami beqala ukuzwa ngesinqumo sami sokushiya isonto, isimo sashuba. Nokho, ngemva kwayo yonke le minyaka, isimo sabo sesithambile, njengoba bebona ukuthi angixhamazeli futhi nginokuthula. Ngokujabulisayo, umkhaya wakithi, kuhlanganise no-anti oneminyaka engu-93 oseyindela namanje, nabo bangisekela kakhulu.
Selokhu ngamazi uJehova, uye wanginakekela ezimweni eziningi ezihlukahlukene! Waqondisa izinyawo zami enhlanganweni yakhe. Lapho ngibheka emuva, ngikhumbula isifiso sami sokusiza abampofu, abantu abaye bantula amathuba okuzifukula, nabaswele kanye nesifiso sami sokugxila ngokuphelele ekukhonzeni uNkulunkulu. Yingakho ngimbonga uJehova, ngoba eye waqinisekisa ukuthi ukoma kwami okungokomoya kuyaneliswa.
Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhale, ufake igama lakho nekheli lendawo ohlala kuyo, ukuthumelele OFakazi BakaJehova, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.
[Isithombe ekhasini 31]
Umkhaya wase-Albania engafunda nawo iBhayibheli. Abangu-11 sebebhapathiziwe
[Isithombe ekhasini 31]
Abaningi kulaba besifazane engafunda nabo iBhayibheli e-Albania manje basenkonzweni yesikhathi esigcwele